Umlando ngempi yaseNdondakusuka(2 Zibandlela 1856)

Impi yase Ndondakusuka ebuye yaziwe ngokuthi yiMpiyabantwana yabe iphakathi kwaBantwana oCetshwayo noMbuyazwe bakaMpande .
Lempi yayiqhathwe ngaMankisimane oMantsonga [Captain J Welmsely] kanye noGqelebana [uMfundisi EF Rathbone] .
UMantshonga wabe eyinduna yamabutho eKoloni yaseNatali ayeqhaphe umngcele phakathi koMbuso kaZulu neKoloni yaseNatali ezibukweni lasoThukela [Bondsdrift] .Kusuke kushiwo wona laMankinsimane ezibongweni zeSilo uCetshwayo uma kuthiwa ‘uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde , ububaswe nguMantsonga benoGqelebana. ”.  Isu labo lokuqhatha aBANTWANA babelakhe besizana neSilo uMpande .

Indlalifa yeSilo uMpande kwakungu Mntwana uCetshwayo ezalwa yinkosikazi uNgqumbazi Zungu. Ngakho-ke nguyena okwakulindeleke ukuba athathe ubukhosi uma uYise esekhotheme .UMntwana uMbuyazwe yena-ke wayemncane kuMntwana uCethswayo , yena -ke wayezalwa yinkosikazi uMonase Nxumalo .

Kunenkolelo enkulu yokuthi iNgonyama uMpande yiyona eyaqhatha aBantwana eNdondakusuka . Isizathu saleyo nkolelo wukuthi kwathi ngemuva kokuba amabhunu esize iNgonyama uMpande empini yaseMaqonqo lapho yanqoba khona iNgonyama uDingane -amabhunu abe eseyibuza -ke iNgonyama uMpande ukuthi phakathi kwamadodana ayo [njengoba ayemaningi] iyiphi eyayizolandela Yona ekuphatheni izwe ? Kuthiwa Yakhomba uMntwana uCetshwayo . Asethi-ke amabhunu njengoba amadodana ayo emaningi futhi efana [uMntwana uCetshwayo wayefana nse noMntwana uNdabuko owayemelama emhlane] okungcono ashaye uphawu uMntwana uCetshwayo ukuze kube lula ukumbona uma esekhulile . Nempela washaywa uphawu ize kungacaci kahle ukuthi phawuluni amshaya lona futhi amashaya kuphi . Ngakho-ke uMntwana uCetshwayo wakhula azi ukuba nguyena owayezothatha ubukhosi uma uYise esekhotheme. Kwahamba -kwahamba iNgonyama uMpande yathanda kakhulu uMntwana uMbuyazwe ukudlula uMntwana uCetshwayo . Kwakuthi ngoMkhosi okweshwama kwakuba nguMntwana uCetshwayo owayelandela iNgonyama uMpande ekuncindeni odengezini . Kodwa lokho kwaguquka ngenkathi uthando lweSilo uMpande selwande kakhulu kuMntwana uMbuyazwe , selunciphe kakhulu kuMntwana uCetshwayo . Ngesizathu sokuthi iSilo uMpande sasesithanda kakhulu uMntwana uMbuyazwe ,zaguquka izinto kwaNondwengu , kwasekuba uMntwana uMbuyazwe owalandela iSilo uMpande ekuncindeni odengezini . Lokho kwamthukuthelisa kakhulu uMntwana uCetshwayo , wangabe esancinda .

Ingakalwi impi yaseNdondakusuka kwaba khona izinxushunxushu eziningi ezazikhombisa ukuthi uMntwana uCetshwayo usekhishwa inyumbazana yiSilo uMpande kangangokuthi kwaze kwasukuma noNdunankulu wezwe [Prime Minister] uMasiphula kaMamba wayodonsa uMntwana uCetshwayo ngendlebe , wathi kudingeka kube khona akwenzayo mayelana nokukhishwa kwakhe inyumbazana , kungenjalo buyomphunyula ubukhosi . Eqinisweni isu lempi yaseNdondakusuka amaphumalimi ayelihlele neSilo uMpande ukuze kubekwe uMntwana uMbuyazwe uma sona sesikhotheme . Lokho kufakazelwa wukuthi ingakalwi impi yaseNdondakusuka iSilo uMpande sathumela izinduna zaso oMfuleni kaLugelo Dladla kanye noNtobolongwana kaMashwayibana Shezi ukuba baye phakathi koThukela noMhlathuze banxenxe abantu ukuba beseke uMntwana uMbuyazwe . Abalandeli bakaMntwana uMbuyazwa babaziwa ngokuthi yiZigqoza , abakaMntwana u-Cetshwayo  bona kuwuSuthu . Zathi zingakawuqali nokuwuqala lowo msebenzi izinduna zeSilo uMpande zavinjwa uNdunankulu uMasiphula owazexwayisa ngokuthi zingalokothi ziwenze lowo msebenzi ngoba iningi labantu laliseka uSuthu hhayi iZigqoza . UMasiphula akabange esachitha sikhathi wabe esethumela yena uNtobolongwana ukuba ayotshela uMaqondo kaMazwana Magwaza ukuthi aphake impi ezokweseka uJininindi [uMntwana uCetshwayo] . Impi kaMbuyazwe yona yayinkanise ngaseMsunduze yenze umkhumbi omkhulu, imbandakanaya amasotsha amaphumalimi ayeqaphe umngcele weKoloni yaseNatali .Kuleyo mpi yamaphumalimi kwakukhona uMantshonga , kanye noJanonti [owabe eliphoyisa ephinde abe utolika kaGqelebana ]. Ngaphambi kokuba zinqikilane inyanga kaJininindi uManembe ka Gagamela Gcwensa yathatha inkomazi kaMbuyazwe yayidonsa yonke imisipha emilenzeni yayichela nangezintelezi . Leyo nkomazi yaqhumuka eZigqozeni isidiyazela yehlaleka ukuhamba ngenxa yokudonswa imisipha .  Zethuka kakhulu iZigqoza zibona leyo nkomazi . Inhloso kaManembe vele kwabe kuwukuqeda amandla eZigqozeni . UManembe wabe eyinyanga enkulu eqinisa impi yoSuthu . UManembe wabuye wayala uJinindi ukuba aguqe phezu kwesihlangu sikaMntwana uMbuyazwe uma impi isilwa . Leso sihlangu sasintshontshwe nguMfinyeli kaNguzulele Xulu kwaNodwengu . Impi kaJinindi yona yaviva egqumeni kweloMkhonto ehlathini kwaMaphatha , yayikade isuka emzini weSilo uMpande waseMangweni kwabo Jininindi [lapho sekulidolobha laseMpangeni khona]. Izulu laduma kakhulu labanika ngosuku olwandulela impi . Kwathi impi isizodumelana laguquka izulu kwaqubuka enkulu inkungu . Ukuguquka kwezulu kwakudalwe izintelezi zikaManembe kodwa iZigqoza zona zakuthatha njengokuthi kwakuyisikhathi njengoba kwakuyinyanga kaZibandlela inyanga yokuna nokuduma kwezulu .


IZigqoza azizange zilibone nakulibona ikhala lempi yoSuthu ngenxa yezinkungu , yaze yasondela impela impi yoSuthu lapho iZigqoza zazinkanise khona . EyoSuthu induna yayo kwakunguMgamule kaNzobo kaSobadli Ntombela esizana nezinduna oDambuza kaMafuku Nkwanyana noMagedama kaSobadli Ntombela . Isiwombe sokuqala saba seduze kwamanxiwa omuzi kaNongalaza kaNondela Mnyandu , eSangweni , kwaSithebe eMandeni . UNongalaza nguyena owahola impi kaMntwana uMpande eMaqonqo . Isiwombe sesibili salwelwa eNdondakusuka nokwabe kuligama lomuzi kaZulu kaNogandaya Ncwane , iqhawe elikhulu leLmbe . Amanxiwa omuzi waseNdondakusuka asegqumeni empumalanga yomfudlana owagcina waziwa ngokuthi aMathambo ngenxa yezidumbu zabantu abafela lapho ngempi yaseNdondakusuka . Kuleso siwombe wadla umhlanganiso uJininindi . UJininindi esizana neNkosi uMnyamana kaNgqengelele Buthelezi ekudidiyeleni impi yoSuthu . Kwaqala kwaphakwa uNdabakawombe owakhuphuka ngomfudlana iMandeni . Kwalandela Dlambedlu , kweza iSangqu[aMatshitshi] ,kweza iZingulube kwagcina ngeSihlambisinye nokwakulibutho elalimbandakanya abakwaMdlalose ,Magwaza nabakwaShezi .

Amabutho akwaMandlakazi wona alwa noMkhweyantaba , Khinya namabutho asoThukela . UMandlakazi walwa ngasohlangothini lukaJinindi kaNdaba .UMkhwayantaba noKhinya kwakungenye ingxenye yeZigqoza . UMandlakazi wawuholwa nguHlomuza kaMaphitha ,Hhayiyana kaMaphitha noSikhizane kaNomageje Buthelezi . Ezinye izizwe ezabamba iqhaza eNdondakusuka ngesakwaMpukunyoni kanye nesakwaMthethwa . Iningi leZigqoza ladudulwa wuSuthu laze layophoswa oThukela olwalugcwele ludla izindiwani ,lamuka namanzi . UMntwana uMbuyazwe naye waguqela kuleyo mpi yaseNdondakusuka .

Athukuthela athelwa ngamazi amaphumalimi uma ezwe ukuthi uJininindi udle umhlanganiso eNdondakusuka . Wafunwa pansi phezulu uJininindi efuna ukubulawa . Waze wathathwa nguMphezeni kaGala kaNodade wayomthukusa ehlathini uMaphatha emhambisela khona ukudla . Kwakuthi noma kuzwakala umoyana othi nguMpezeni owayazi ukuthi uJininindi ukuphi yena aphike alale ngomhlane . Kwaze kwakheka isisho esithi ‘Phika Mphezeni icala liyaphikwa ‘. UJininindi wagcina ephumile ehlathini uMaphatha wakha umuzi wakhe wasoNdini oluMnyama eNdlayangubo eduze komfula uBhicana naMatheku angenela eMhlathuzane .

Amanye amaqhawe abamba iqhaza eNdondakusuka ngoDenjane Mabaso , Mhadu Nxele , Mahlangeni Khumalo , Mntwana uZibhebhu Zulu , Matsheni Khumalo nabanye .

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo