Umlando ngoNqoboka kaLanga wakwaSokhulu

Umlando ngoNqoboka kaLanga wakwaSokhulu   .
UNqoboka kaLanga wayeyiqhawe elikhulu futhi engumngane womkhulu weSilo sakwaDukuza iSilo uShaka kaSenzangakhona . Lezi nsizwa ezimbili zazikhule ndawonye kwaMthethwa ,ziphekwa iNkosi yaBathethwa iNkosi uDingiswayo kaJobe Mthethwa .    UNqoboka wayengumshana oYengweni , wayezalwa intombi yakhona oYengweni eyayizalwa iNkosi uJobe kaKhayi Mthethwa ingudadewabo weNkosi uDingiswayo . Ngamanye amazwi uNqoboka wayenguMshana weNkosi iDingiswayo. UNqoboka wakhulela kwaMthethwa ngoba nguyena okwakulindeleke ukuba athathe ubukhosi bakwaSokhulu ngemuva kokukhothama kukayise kwazise phela unina wayezalwa ebukhosini bakwaMthethwa. Endulo uMntwana owayezoba yiNkosi wayengakhuleli kwabo, wayethathwa ayiswe ezihlotsheni ikakhulukazi eKhakonina. Ngingenza nje isibonelo ngoMntwana uBhakuza kaSenzangakhona , nguyena okwakulindeleke ukuba athathe ubukhosi bakwaZulu. UMntwana uBhakuza wayebuye abizwe ngelika Mahebana . Wayezalwa intombi yaseBukhosini baseMashengeni . UMntwana uBhakuza wathathwa esemncane kwaZulu wayiswa eKhabonina kwaButhelezi wayokhulela  khona , ngaphansi kwehlo leNkosi uPhungashe kaQwangubana . Kwenzeka into efanayo -ke nakuNqoboka wakwaSokhulu owakhulela eKhakonina kwaMthethwa ngaphansi kwehlo leNkosi uDingiswayo .
Abantu bakwaSokhulu ize bengaMalala ngokwezigaba zabaNguni kepha basondelene kakhulu nabantu bakwaKhumalo .  UMthiyane nokunguyena owazala bonke aBathiyane kuthiwa wayakhe ngasesiyalwini seMfolozi eMnyama ,akhalene nabakwaKhumalo ngaphansi kukaMntungwa . Kwahamba kwahamba bagcina bethuthile aBathiyane kuleya ndawo baphikelela esizweni sakwaMthethwa lapho bafike bakhonza khona ngaphansi kweNkosi yakhona kwaMthethwa iNkosi uKhayi kaXaba . Ngaleso sikhathi aBathiyane basebeholwa nguDlabela ka Sikhangane ka Noxoko .  EKhohlo uNoxoko wazala uSokotshane owazala indlalifa yakhe uZondo owazala abakwaZondo .
Kuthiwa abakwaSokhulu ngenkathi befika kwelakwaMthethwa izinkomo zabo zazibulala inyoka . Zazingu-Chibidolo uqobo . Kuthiwa izinkomo zeNkosi uDlabela zazinone ziyinhlava, futhi zazingashaywa , zazitotoswa . Uma ziqutshwa zazihanjiswa kancane futhi zingashaywa ngezinduku, zazishaywa ngezinswazana kube sengathi kushaywa ingane encane   .
Kuthiwa yabemukela ngezandla zombili aBathiyane iNkosi uKhayi kodwa yayalela iNkosi uDlabela ukuthi ukuze ahlale kahle naloChibidolo wakhe kudingeka ahambe ayosusa abantu bakwaMzimela ababakhe ngasoLwandle eZankowane.  Nempela yaphakwa impi yaBathiyane yaphikelela khona kodwa ngeshwa yafike yazithela kumalunda yazichoma , zashayana zaze zabukana ,yangabikho elalisa umhlwenga . Inkosi uDlabela yabuyela emuva ingaphethe lutho   .  Kodwa ayililahlanga ithemba iNkosi uDlabela ,yaphinda yaphaka enye futhi impi . Kulelo hlandla yayisihamba nabakwaNyawo nabo ababefuna indawo yokwakha. Yadla umhlanganiso eyaBathiyane kwaba ukulithola kwabo izwe .
INkosi uDlabela yazala inkosana yayo uLanga eyaganiselwa indodakazi  yeNkosi uKhayi eyagana nempelesi yayo nayo eyabe iyindodakazi yeNkosi uKhayi . Yiyona-ke leyo ndodakazi yeNkosi uJobe eyazala uNqoboka iqhawe elikhulu laseBathiyaneni. Elinye igama likaNqoboka kwakunguMazwi.  EKhohlo uLanga wazala uNondlovu owakhulela eBathiyaneni .
UNqoboka wakhulela kwaMthethwa njengoba besengishilo ngenhla. Wakhuliswa iNkosi uDingiswayo eyayisibusa ngaleso sikhathi .  Ngenkathi esakhula uNqoboka kwaqhamuka uMntwana uShaka kaSenzangakhona   noNina iNdlovukazi uNandi kanye nodadewabo uNomcoba . Ngaleso sikhathi impilo yayisathande ukuba lukhunyana eNdlovukazini uNandi naBantwana oShaka noNomcoba. INkosi uDingiswayo yabemukela kahle kakhulu ngesandla ezimhlophe  , yabethula eNduneni yayo enkulu uNgomane kaMqomboli Mdletshe naye owabaphatha kahle kakhulu . UNqoboka noMntwana uShaka babangontanga , bafike bezwana kakhulu ,kwaba khona ukuxhumana okuhle kakhulu phakathi kwabo. Bakhula baze bafika esigabeni sokuthomba belokhu bekhule kahle nje ngaphansi kwehlo likaNgomane ,nangaphansi kwemfundiso yeNkosi uDingiswayo .  UMntwana uShaka ubulala imamba eyayisiqede izinkomo zeNkosi uDingiswayo nje ukhona uNqoboka kaLanga wakwaSokhulu, uMntwana uShaka ubulala uNsimbana kaLugaju  uhlanya olwaseluqede imfuyo yakwaMthethwa ukhona uNqoboka kaLanga .
Kwathi lapho oNqoboka noMntwana uShaka sebekhule bafika ezingeni lokubuthwa uNgomane wababuthela ebuthweni leZichwe zesibili induna yazo okwakunguBuza Mthethwa . IZichwe zokuqala nazo zazibuthwe nguNgomane , kodwa zafikelwa umoya wobusela zantshontsha izinkomo zasoYengweni zazihlaba zazidla . Yathukuthela yathelwa ngamanzi iNkosi uDingiswayo yakhipha umyalelo owawuthi kubulawe zonke iZichwe .Ngempela zabulawa iZichwe neNduna yazo uThayiza . Kwase kubuthwa ezisibili nokuyizona ezazimbandakanya uMntwana uShaka nomngane wakhe uNqoboka kaLanga Sokhulu.
Impi yokuqala yeZichwe  kwaba yimpi eyabe iphakathi kwabakwaMthethwa ngaphansi kweNkosi uDingiswayo kanye nabakwaButhelezi ngaphansi kweNkosi uPhungashe kaQwangubana. Yiyonampi uMntwana uShaka avula ngayo indlela yakhe ebukhosini. Inhloso ngqangi yalempi kwabe kuwukuyobulala uMntwana uBhakuza owabe egqishe khona kwaShenge . Ibutho le Zichwe lalande intsha (youthful) futhi lishesha kakhulu lishesha ngenglela eyisimanga. Ngaleso sikhathi saleyompi uMjokwana(iNkosi uSenzangakhona) yabe isikhotheme . Yathi lapho isinqotshiwe iNkosi uPhungashe yabalekela eNkosini uZwide inkosi yabakwaNdwandwe.  Ngeshwa yafike yabulawa ibulawa yiNkosi uZwide. Ikhanda leNkosi uPhungashe nalo laba elinye lamakhanda ahlobisa ilawu likaNtombazi unina weNkosi uZwide owayengumthakathi.
Kwathi ngemuva kokubulawa kukaMntwana uBhakuza uMntwana uShaka wabhekisa amehlo akhe ngakuMntwana uSigujana nokunguyena owayesesele emi endleleni yakhe eya esihlalweni sobukhosi . Ngempela uMntwana uShaka wagcina embulele uMntwana uSigujana ngesandla sikaNgwadi kaGendeyana Qwabe . UMntwana uSigujana wayezalwa iNkosikazi uBhibhi Ntuli udadewabo kaNdlela kaSompisi. UNgwadi wayengumfowabo Mntwana uShaka bezalwa iNdlovukazi uNandi kodwa uNgwadi yena wayengeyena owakwaZulu.
Sesibuyela kuNqoboka:
Kwathi lapho esekhulile uNqoboka esekulungele ukubusa kwezwakala izindaba ezazithi umfowabo waseKhohlo uNondlovu useyabusa eBathiyaneni kwaSokhulu . Yathukuthela iNkosi uDingiswayo yabe isiphaka impi enkulu eyayimbandakanya iZichwe kuzo kukhona noMntwana uShaka umngane omkhulu kaNqoboka. Yafike yazidlela amahlanga , kwaba ukusithatha kwakhe isihlalo sobukhosi uNqoboka.
Esebusa uNqoboka wahlasela  amakhosi amaningi . Enye yamakhosi awahlasela  yiNkosi yakwaMgenge , waqhubeka wahlasela neNkosi yaseMazimeleni .
Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi uDingiswayo uMntwana uShaka waqhubeka nomsebenzi wokuhlanganisa izizwe owawuqalwe yiyona iNkosi uDingiswayo . ISilo uShaka asimlibalanga umngane waso uNqoboka ngenkathi sihlanganisa izizwe ngoba sameza enye wezinduna zaso . KwaMthethwa uNqoboka wayesefunde imininingwane yokulwa emihle kabi. Esengenye yeziNduna zeLembe uNqoboka walwa izimpi eziningi nesingabala kuzo eyakwaGqokli lapho aba ngomunye wabadidiyeli bempi yeLembe . Kuleyompi uNqoboka wabamba elikhulu iqhaza . Impi yakwaGqokli yabe iphakathi kweNkosi uZwide neLembe . Yalwa izikhawu ezintathu , esokuqala yisona esakwaGqokli , isikhawu sesibili salwa eMhlathuze , esesithathu salwelwa ehlathini laseNkandla nokuyilapho yanqotshelwa khona iNkosi uZwide .
UNqoboka wazala indlalifa yakhe uNontshobo nokuyiyona eyamlandela esihlalweni sobukhosi . INkosi uNqoboka yaphila isikhathi eside kangangokuthi yayisaphila nangesikhathi seSilo uCetshwayo . Enye yamadodana eNkosi uNqoboka uSiqasha eyabe iyiNgobamakhosi yalwa ngokuzikhandla eSandlwana kodwa ngeshwa yasala khona .
Izithakazelo zakwaSokhulu
Mthiyane,
Sokhulu, 
Nqoboka ka Langa
Mnguni kaManekwane,
Skhangane esakhanga amadoda
Luvuno, 
Sokotshane 
Mzwili!
Mazwi
 
 
Kulobe iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo 
 
 
 
UMakhalekhukhwini- 084 098 4016

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo