Umlando ngoSibindwane Mofokeng iqhawe labeSuthu

USibindwane Mofokeng*
USibindwane ka  Mangwane ka Ramangwane ka  Malingwane ka Ramadingwane ka Lesoli wayengowakwaMofekeng isibongo, ephuma kuBafokeng bakaPatsa. Phela aBafokeng bahlukaniswe izigaba ezimbili, kukhona aBafokeng bakaPatsa kanye nabaFokeng bakaMmutla.   Le nsizwa yakwaMofokeng yayaziwa kakhulu ngelika Sebetwane kodwa ngenxa yokuhluleka kwabeNguni ukubiza igama layo yagcina isizitholele igama elisha, kwathiwa iSibindwane.
USibindwane wayeluqhamukise kwelaseNtabazwe (Harrismith)ngonyaka ka 1821 ngemuva kokuhlaselwa kwaBaFokeng baka Patsa behlaselwa uMantantisi unina kaSigonyela wodumo lwamasongo kaSigonyela. UMantantisi wayebambele indodana yakhe uSigonyela eyayisakhula ngaleso sikhathi,wayebusa isizwe saBaTlokwa.
Ngenkathi kusuka eNtabazwe laba Bafokeng babeholwa inkosi yabo uMangwane kodwa bathi nesendleleni inkosi uMangwane yahlaselwa yibhubesi yashona nokwaphoqelela ekutheni isizwe siholwe yinkosana yayo uSebetwane kaMangwane. Lesi sizwe sasixube nabantu basebuNguni abakhuluma isiNguni.  ‎Ngenkathi lesi sizwe sihamba siphikelele enyakatho sahamba sihlasela ezinye izizwe iningi lazo okwakungezabeSuthu . Isizwe esahlaselwa kuqala kwaba esaBarolong benkosi uMoroka ababezinze ngaseKhunwana phezu komfula uMolopho. Kwathi ngonyaka ka 1923 uSibindwane owaseqambe isizwe sakhe igama elithi ‘aMakololo’wahlasela abaHurutse(uhlobo lwabeTswana) benkosi uMokgatla saseKaditshwane ngasemfuleni uThulwane (Marico River). Ngawo futhi unyaka ka1823 uSibindwane wenza umfelandawonye nenkosi yaBataung (uhlobo lwabeTswana) uMoletsane bahlasela izizwe azazakhele indawo yaseMosega kanye naseTswenyane.. Imizamo yabo yomfelandawonye yabhutshiswa inkosi uMzilikazi Khumalo eyabahlasela babaleka babheka ezindaweni ezahlukene. USibindwane wabheka eBotswana kwathi uMoletsane wabheka lapho sekulidolobha laseTaung khona . Kwathi ngoNcwaba ka 1824 aMahololo ahlasela inkosi yaBangwaketsi (uhlobo lwabeTswana)uMakaba endaweni yaseKanye eBotswana. Inkosi uMakaba ayisindanga kulokho kuhlaselwa, yasala enkundleni kwathi ngemuba kokukhothama kwayo ubukhosi bathathwa indodana  uSebego. Ngonyaka ka 1825 inkosi iSebego yaphaka impi eyabhekana ngqo naMahololo. Kuleyompi yadla umhlanganiso ekaSebego yakwazi ukuzithola zonke izinkomo ezazidliwe aMahololo empini yokuqala. Ngemuva kokunqotshwa kwaMahololo benqotshwa aBangwaketsi aMahololo aqhubeka nohambo lwawo abhekisa amabombo endaweni yase Serowe lapho afika ahlasela yabulala  inkosi uKgari waBangwato(uhlobo lwabeTswana), uyise wenkosi uKhama woqala.
Aqhubeka nohambo lwawo aMahololo agcina esezinze lapho sekulidolobha iLivingston namuhla esifundeni esaziwa ngokuthi kuseBarotseland   Kwathi ngonyaka ka 1831 kwaqubuka impi enkulu phakathi kukaNxaba Msane wayekade ebalekele ulaka lweLembe kwaZulu. Kuleyompi wanqotshwa uNxaba wagcina eminze emfuleni uGwembe (uZambezi) kwazise wayengakwazi ukuhlamba,wafela emanzini. Kwathi ngonyaka ka 1837 kwaqhamuka uMzilikazi Khumalo owayedukelene nenye ingxenye yesizwe sakhe eyayiholwa nguGundanekumitha Ndiweni. Kwaliwa impi enkulu phakathi kukaMzilikazi noSinindwane, wanqotshwa uMzilikazi.
Kwathi ngemuva kokukhothama kukaSibindwane ubukhosi bathathwa inkosana yakhe uSekeletu ‎.IDlinza likaSibindwane lisendaweni yaseLinyati eZambia
Kulobe-uBongani Kholo Khumalo
IMeyili -bornkhumalo@yahoo.com
UMakhalekhukhwini- 084 098 4016
#INtungwa lasenhla kwaSokhumalo

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo