Umlando ngoMnu Jacob Gedleyihlekisa Zuma

UMnu uJacob Zuma

(Umlando ngowayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Gedleyihlekisa Mhlanganyelwa Zuma . )

UMnu Jacob Gedleyihlekisa Zuma osawadla anhlamvana wazalelwa endaweni yaseNkandla mhla ziyi-Shumi nambili kuAphuleli(Mbasa) ngowe 1942 . Le nsizwa ingenye yezinsizwa eseziyibekile induku ebandla . UBaba uZuma uzalwa insizwa uMnu uGcinamazwi ka Sithunzi ka Msholozi Zuma eyamzala esitholeni sakwaMzobe. Ngeke sigxile kakhulu emlandwini kaBaba uZuma kepha sizochaza izibongo zayo le nsizwa yakwaNxamalala. Nginisiqiniseko sokuthi bambalwa kakhulu abantu abangawazi umlando kanye namagalelo ale nsizwa yakwaNxamalala.

UKhokho kaBaba uZuma nokuyiNKOSI u-Msholozi wayezalwa yiNkosi u-Matomela ka Shisa . iNkosi u-Matomela wayephila ngesikhathi seNkosi uShaka , ngaleso sikhathi abantu bakwaZuma babesazinze ngaphezu komfula uThukela . INkosi u-Matomela yasheshe yazinikela eSilweni u-Shaka , yaze wanikela nangendodana yayo u-Siguqa ukuba iyoba yingxenye yeButho leLembe . Kodwa u-Sigaju akahlalanga isikhathi eside ebuthweni leLembe ngoba washeshe wathathwa ukufa. Ukuzinikela kweNkosi u-Matomela eSilweni u-Shaka kwabasiza kakhulu abantu bakwaZuma ngoba bahlala ngokunethezeka , bangahlushwa izimpi zeLembe ezazinyakazisa lonke elakwaZulu ngaleso sikhathi . Kwathi ngemuva kokhothama kweSilo u-Shaka ngowe 1828 isihlalo soBukhosi sathathwa iSilo u-Dingane ngowe 1830 . ISilo u-Dingane sabe sisiqala umkhankaso waso wokuhlasela bonke abantu ababengabahlobo beLembe. Ngaleso sikhathi abakwaNxamalala basebebuswa yiNkosi u-Msholozi ka Matomela . Nabo-ke abakwaNxamalala bazithola sebehlaseleka ,behlaselwa impi yeSilo u-Dingane babaleka baze bayozithola sebenzise eMpendle nokuyilapho besazinze khona namuhla. Kodwa bakhona abasala ngaphezu koThukela.
U-Sithunzi Zuma owabe engenye yamadodana eNkosi u-Msholozi naye waba ngomunye wabasala khona ngaphezu koThukela. INkosana yeNkosi u-Msholozi kwakunguMnyakanya owazala u-Ndukuyakhe. Nguyena u-Mnyakanyaka owabusa abantu bakwaZuma endaweni yaseMpendle ngemuva kokukhothama kukaYise iNkosi u-Msholozi ka Matomela. U-Sithunzi uzele uGcinamazwi ozele uBaba u-Zuma mhla zingama 12 kuMbasa ngowe 1942 endaweni yaseNkandla nokuyilapho uBaba u-Zuma wakhulela khona ,weqhathwa khona waba insizwa enesibindi engethuswa ubala. Kuhambe kwahamba uBaba uZuma wazibandakanya neNhlangano i-ANC ngenhloso yokukhulula eleNgabade elalicindezelwe ngabamhlophe . Eqinisweni uBaba u-Zuma wangena esemncane kakhulu kule Nhlangano . Uchithe isikhathi esiningi ekudingisweni emazweni esingabala kuwo iMozambikwe kanye neZambia . EMozambikwe kuyilapho azalela khona izingane zakhe phakathi kwazo esingala uMnu Duduzane Zuma kanye newele lakhe uNkosikazi Duduzile Zuma azizala kuMama u-Kate Mantsho. UBaba u-Zuma uzele izingane eziningana impela kwazise uganwe isithembu. Kumakhosikazi akhe singabala kuwo uMama uMaKhumalo (u-Getrude) , uMama u-Kate Mantsho , uMama u-Nkosazana Dlamini-Zuma, uMama u-Bongekile Ngema , uMama u-Nompumelelo Ntuli , uMama u-Thobeka Mabhija kanye nabanye. Izingane zakhe singabala uMnu u-Edward Zuma , uMnu u-Duduzane Zuma, uNkosikazi u-Gugulethu amthola kuMama uMaDlamini, uNkosikazi u-Gugu Zuma ugane uMnu Welsely Ncube oyindodana kaSopolitiki waseZimbabwe uMnu u-Welshman Ncube ,ezinye izingane zikaBaba uZuma uMnu u-Nhlakanipho ,uMnu u-Mxo kanye nabanye. Ayaziwa-ke amagelelo kaBaba uZuma , akekho umuntu ongawazi . UBaba uNxamalala ungomunye wababengabaholi bakaKhongolose ababoshwa bagqunyiswa iminyaka eRobben Island , yena wabhadla iminyaka eyishumi yonke kulesiya siqhingi. Wayeboshwe eseyisishoshovu sikaKhongolose , engakabi uMengameli. Uqale ukuba uMengameli ngonyaka ka 2005. Uqwakele esihlalweni sobukhosi mhla zingama 9 kuMeyi (Nhlaba) ngowe 2009 , kwaze kwaba u2018 mhla zingama 14 kuFebhulwali(Nhlolanja) . UneNhlangano ewusizo kakhulu emphakathini waseNingizimu Afrika ebizwa ngokuthi yi-Jacob Zuma Foundation. Njalo ngoDesemba le Nhlangano inikeza aBantu abadala uKhisimusi kudliwe kube kuhle kube yinqaba .


Izibongo ziMnu Jacob Zuma:

(Ubonga ngu-Themba Masinga)

Icishamlilo lakithi!
Liyagqogqwa liyabangwa
Linjengenyam’emaklozeni
Linjengogway’emaxhweleni
Umthobi wozozo kujabul’abanezilonda
Bhambath’uyakuthand’ukuthula
Umbuyisa nkom’uvula ntambama

Otholisel’umlalandle ngethemba
Lokubuyel’emakhaya kwelase Ivory Coast
Malamlela nsimbi zombili
ULaurent Bagbo beno Wathara
Bakheth’ukuthula njengabamumeth’umuthi wecala

Lagqigqa laphindelela inono lakithi kwelaseLibya
Liyakukhic’amathantal’amanzi ayakuminzisa uGadafi eTripoli
Sikhumba sinoqingo sibehlul’abeshuki

Sehlul’amadod’angamamunc’amneke
UZaphiro weSunday Times kubadwebi.
Sekungelinye futhi iphepha

Umadlal’ongehlokohloko odlale waledlul’iJaju uNicolson
Unjengo Fariel Haffejee odaze eyesele
Indlov’edl’amaqhude yaye yadla namaxogwan’akhona
Ilahl’elisemhlane kubantu
Libashise labaphindelel’ongcweti

Ungalond’umfoka Zuma kashayi ngenhlanekel’uyebanisa
Khanda lengqwele kalishi lamehlul’uMalema nezakhe
Uphoko ophum’amava abikelana
Kubikelen’izinyoni zamagumb’aman’omhlaba
Nebezingamnakile zizithintithe zamlandela
Obegodl’ukhoz’olimaphiko
Ofukukanyelwe nguMandela kwabaseKoloni

Iqol’elithandwa zinyonyana
Oncede bewumsob’emaqoleni
Unothandwa zichak’onjengemali
Unothandwa zinjing’onjengodumo
Unothandwa zinyon’onjengencombo
Unothandwa zinund’onjengesikhumba

Isidlubh’siyagenula sinomus’ozigaxa!
UZuma kacingwa ntuba yokungena
Nangayiph’uyangeneka
Ngesaba nokubaqagula
Nangakini izinqakala zisabheke phezulu

Isimungul’sinomlomo siyamamatheka!
Kuntongoloz’uZwelinzima Vavi
Wathi liyeken’iguqa lamaNxamalala
UMashwabadel’odl’indlubu namakhasi
Odl’inhloko yezobunhloli ibifafaz’imbude
Ibhadi likhuzwe uMahlulel’uWillem van der Merwe.
Zehla zelakanyana izihlathi
Kwaye kwajabh’umsheshelengwan’umbhishobhi
Umfisi kunyunda makakholwe zimpukanye

Mlomo wengwenya ohlekwe nazinyoni
Zamphindelela ngokuhlwaya hlway’emgqonyeni
Nxeba lendoda kalihlekwa
Nasemgqonyen’ungawanqand’amafolosi
Oqabathek’uthuli lwabheka phezulu!
Oye wabuyelel’eBurundi,Democratic of the Congo
Iqul’ligagayi begagazisana ngomjojantaba
Lathula lamlalela elinye latshath’umgodla walo
Elinye ladondolozel’okwexhegu elinentola
Kuyojanyul’inkundla yokukhumelan’umlotha

Ofic’imful’embil’igol’izintethe
Wafika waphons’amehlo amath’abuyela kwasifuba
Umond’abawuququde bakhumuk’imikhaba
Izulu lamayolo elisuk’ephalamende
Lidume ladal’ishozi
Lingaqonde Shaik ligudl’uZuma

Wasukuma walisikaza ngabafan’uMehlulel’uQedusizi Msimang
Lindindizela lihamb’ligwavuma liyoshon’empumalanga
Suku lumbe liyogqugquma qede liklaklamuke libathathe
Abahlalela beliphehla njengegobongo
Inkunz’enakhand’elibanzi
Sigede sefumb’esaxak’uBulelani
Uyiqhathe wayishiya umfokaNgcuka
Yasal’ibambana sabondwa sayekwa

Inteth’ebibeleth’ingane ibeleth’indoda
UZuma kanakhosomba lokucasha
uMsholozi kawukhwicis’umsila
Sidikadika somkhomo umaxephule
Ubesaqhamuk’umhlab’wamhlohloza
Uze wahlehla wavam’okwenqama iland’amandla
UMadlal’odlale yedwa
Wanjengohlanya
Oguqe kwab’emsamo
Indlela zakhanya zanjengonyezi
Wayolhendl’ikhubalo likathekwane
ENdlunlulu kwaKhangelamankengane
Indlela zacaca zanjephel’amasini

Umgqudela khubalo enelisiwe kaShembe
Indlela zavuthwa
Isok’elishay’intbi ngogazi
Izigwadi zibhuke zahila,
Udengezi olwalukade luncindela

Mgod’ombiwe mncinyane
Kawuyenelang’iNkandl’emahlath’amnyama
Ingqwele ethe idl’ubhedu,
Base beqalek’abethushwa zintambo zobulembu
Ohlasele ngoKebby Maphatsoe
Akwaba Ndaba zalutho

Wahlasela ngoBlade Nzimande,
We Khomanis Party
Wazidl’izitha wazitshomotshela
Akwaba Ndaba zalutho
Unompunyumpunyu inkunz’engenampondo
Bebeyicing’uphond’ukubambelela yashelela

#Ulibinda Msholozi!

# iyaqhubeka

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo