
#UmlandoWesizwe
KwaVukaphansi, eMakhabeleni
Abantu bakwaDlomo eMakhabeleni ngokwezindlu zesizwe bahlangana kukhokho uDinangwe indlalifa kaDlomo.
EMakhabeleni aseKranskop iyona ndlunkulu yabantu bakwaDlomo bebonke.
Noma ziningi izigodi eMakhabeleni okubalwa kwaSenge, eMhlabathini, eSokheni, eMadekeni njalonjalo, kodwa sizobheka umlando wesigodi iVukaphansi okuyisigodi esingaphansi kobukhosi bakwaDlomo.
Emandulo igama langampela lalendawo laliqanjwe ngentaba esendaweni iTongwe, kodwa ke ekuhambeni kwesikhathi ngeminyaka yo1825 sekubuswa inkosi Fabase kaMkhulu kwathiwa kusesgodini saseVukaphansi.
Abantu abazinze kulesgodi baqhamuka phezulu entabeni iTongwe behlela ezansi lapho singabala khona abakwaGasa, oMakhaye oShezi.
Indlu yakwaDlomo ehleli kulesisgodi ekakhokho Skhathi kaMethusana kaMagedama kankosi Khopho Dlomo.
Ukucacisa nje ukhokho Skhathi ulamana ozalweni nenkosi Mkhuzangwe, uMethusana alamane nenkosi Gayede, uMagedama alamane nokhokho Mathela ozala o R.R.R Dhlomo, inkosi Khopho ilame oFabase oNsungu njalonjalo.
Isikole sendawo samabanga aphansi sigcine sesiqanjwa ngendawo kwathiwa ikwaVukaphansi primary School.
(Okuxoxwe nabo uMnu Collins Dhlomo eNkandla, nobhala Prince Dlomo oLundi abakhulele kulendawo)
Mina ke nguMthokozisi ozalwa uZweni inkosana kaMgewula kaMkhandi kaMqhabuli kaPhini kaKhweba kaBhelesi kaMkhabela kaDinangwe wakwakhokho Dlomo eMakhabeleni.