Umlando ngeQhawe lakwaNgcobo u-John Langalibalele Dube

Umlando ngeQhawe u-John Langalibalele Dube

U-John Langalibalele Dube wayeyiQhawe lakwaNgcobo elaphila ngesikhathi seSilo u-Mamonga woSuthu , ledlulela naseSilweni u-Nkanyishana . Isibongo sakwaDube sihlukene kabili, kukhona oDube bakwaMbonambi abathakazela ngokuthi Mbuyazi, Dube elimthende, Silwane esihle , Nzwakele , Khushwayo njalo njalo. Bese kuba noDube bakwaNgcobo nokuyilapho kuphuma khona u-John Langalibalele Dube . ODube bakwaNgcobo bona bagqamisa uMntima ezithakazelweni zabo, kanti nabo bayamfuka uDube elimthende , baqhubeke bathi Qadi elihle , Ngongotha njalo njalo. Umculi owasewashona u-Lucky Dube wayephuma kuyo le ndlu yaseMaQadini akwaNgcobo. U-John Langalibalele Dube iQhawe lakwaNgcobo ize engalwanga kakhulu ngeKlwa kodwa wahlasela kakhulu ngemfundo . Leli Qhawe lawa livuka neSilo u-Dinuzulu ka Cetshwayo ngenkathi iSilo sihlukunyezwa ngabamhlophe . U-John Langalibalele Dube , u-Prixley ka Isaka Seme (Msweli) kanye neNtokazi yoMngisi u-Dlwedlwe( Harriette Colonso bawa bevuka neSilo sasoSuthu kwaze kwaba sekugcineni. OSeme no Dube basebenzisa imfundo yabo kwazise phela babembethe amajazi bewathole phesheya. U-John Langalibalele Dube ukhumbuleka kakhulu emlandweni waseAfrika jikelele ngokuba ngu-Mengameli wokuqala weNhlangano i-African National Congress eyabe isabizwa nge- South African Native Congress ngaleso sikhathi. Ube ngu-Mengameli wayo kusukela ngowe 1912 kwaze kwaba ngowe 1917. UMnu Dube ubuye akhumbuleke ngokuba uMsunguli wePhephendaba iLanga laseNatali elaziwa ngeLanga namuhla, walisungula enowakwakhe uNkosikazi Nokuthela Mdima- Dube(uMaShange) esisazobuye sixoxe ngaye . Le nsizwa yakwaDube ibuye ikhumbuleke ngokwakha isikole samaNtombazana i-Inanda Seminary Institute for girls naso asisungula nowakwakhe uMaShange.

Umlando ngabantu bakwaDube -Ngcobo.


Isibongo sakwaDube -Ngcobo siphuma endlini yakwaNgcobo eyaziwa ngokuthi yi-Qadi. Abantu bakwaNgcobo , Ngidi, Hlabisa , Shangase nabanye badatshulwa ngu-Vumezitha . U-Vumezitha uzele u-Ngcobo noMkheshane owazala abakwaShangase. U-Ngcobo uzele u-Dingile owazala amadodana amaningi esingabala kuwo u-Nyushwa , u-Zonga, u-Gasela, uXhonxo, u-Ngongotha kanye nabanye. Isibongo sakwaDube siphuma eMaQadini eNkosi u-Ngongotha . Yona izele u-Njila , ozele u-Silwane , ozele u-Dube okwavela ngaye isibongo . INkosi u-Dube yakhothama ibulawa iSilo u-Dingane ka Senzangakhona , asisazi isizathu sokibulawa kwayo. INkosi u-Dube yayakhe eNkandla , yakhelene noManqondo ka Mazwana Magwaza .

Izihasho zeNkosi u-Dube zazithi.

UDube ka Silwane
INkosi yohlanga
UDube ozeke ndaba
Akayeka ndaba
UDube ubengakwazi ukuzengela

Ubeshay’amajuba nabamon’igazi
Ithole elehle ngamandla kuMabhengela
Alingenanga ukwaphuk’atsheni

UMbulazi yakuMtshelekwana
Elitshelekwe uMopho
Eyogalela ngayo eziYozini
Yatshelekwa uShaka ka Senzangakhona

Eyogalela ngayo kwaNdwandwe
Wabalek’uNdwandwe ka Zwide
Waqonda kwaSoshangane

UMandlu ka Nkomo
Mgoboli, uNkominophondo
UThole elidabule unkala
UMondli wezintandane
Ngoba wondle ezakwaNgongoma
Wondla nezakwaShangase

Kanti zimthela izisila
Wondla nezakwaNyuswa
Kanti uzithela isisila

INdlalifa yeNkosi u-Dube ka Silwane kwakungu-Khakonina owasala isikhundla soBukhosi. Ngenxa yakwenqaba kukaKhakanina ukuba yiNkosi yaMaQadi umndeni waqoka enye yamadodana eNkosi u-Dube u-Dabeka ka Dube ukuba abe yiNkosi yaMaQadi. INkosi u-Dabeka yazala u-Maqhawe owabusa ngemuva kokukhothama kwayo . INkosi u-Maqhawe yazala u-Mandlakayise naye owafunda phesheya wabuya sekukhotheme uYise iNkosi u-Maqhawe esezothatha isihlalo soBukhosi. INkosi u-Mandlakayise yazala iNkosi u-Ndodembi .

Nazi izibongo zeNkosi u-Maqhawe ka Dabeka

USibhungubhungu esimkhonto,
Ugeza kagezi
Ubengase ageze ngezingazi zamadoda

Usiya ngonyama
Ukusa kusal’umlandela
UMadel’izinkomo atheng’amadoda
Wona azomhlabanela

Ithole elikhwele phezu kwendlu ka Mandobane
AmaNgcob’alibuk’alinyakamele
Athi libang’imihlola
USilo sinamandla namgaseshobeni
Singumandebula ngoba sindebule uMbonjeni
UMntaka Thumbela

Nanamuhl’amazipho asabonakala
UMamabhala ngozipho bonke bebhala ngamapensela
Ngoba ungibhalele uHondola
Umntaka Mnguni
Laduma laphons’umbane
Phakathi kwezintan’ezimbili
Enye bekuyindlu Zulu enye kuyiNsimba

Lazithath’izinhlangu zamadoda
Ngoba lidl’uMudli kwavaka kwaMnguni
Amakhubalo adliwa nguNkwenkwezi
Uhlab’amadoda amaduna amabili ngawasoNdini

Elinye kwakunguNqakamatshe
Elinye kuyiNgobamakhosi
uMama ka Mama hamba sihambe
Siye lapho kungasomila ndumba
Lapho kungasekuya bafazi sobuya

Intukuzane ethukuze oGodide benoNdlela
Inkomo ezwakale ngokulila ukuwel’uThukela
Ililela zonke Cetshwayo ziyizwile zonke izizwe
Izwiwe nangoMangengeza noDingeyana
NoMantingana ubengavuma ukuth’uuizwile

#Ulibinda Nkosi

INkosi u-Maqhawe yazala iNkosi u-Mandlakayise owafunda phesheya . Nazi izibongo zeNkosi u-Mandlakayise

USishoshob’ongayiZulu
Ongazi nkomo zikaMzilikazi
UMahlom’ehlathini obenjengohlanya
Wonke amakhosi abehlom’ezindlini zawoNina
UNomandindi omlando
Inkomo ezwakale ngokulila
Phakathi kwemikhumbi yamaNgisi
Izwiwe uHhelemu
Umntaka Nkambela (Campbell)

Incwincwi epheza kwezind’iziziba
Ngob’iye yaphuza kwezaseMelika
Uzitho zimampungu zimbhudlela

Bezifana nezikadadewabo uNdimose
Gijimani ngezindlela zonke
Niyotshela umfana ka Makhulu
Aliyeke igama lokuthu unguNdluyamandla
Ngoba uNdluyamandla ngowakithi eMzimpisi
Nigijime ngezindlela zonke
Niyotshela oNkama
uMfana igama lokuth’uSikwebukwa
USikwebukwa ngowakithi ngowaseMzimpisi
Usikwebukele amaNgisi abeqonde ngaseNgilandi

UDwala elibushelelezi
KwabakaNobhakada
Lawis’uMhabula
KwabakaMaphephesi
USigoloza simehlo abomvu
Sibuk’umunt’amehlo ahlengezel’izinyembezi
Indung’edung’amanzi nangaseFaya
Gijimani ngezindlela zonke
Niyotshela umfana kaGence angabe saphuza amanzi eFaya

Ngob’adungwe yizingazi zamadoda
Nigijime niyotshela umfana kaNdlokolo(Bhengu)
UMaphitha angabe saphuza amanzi oMngeni
Asedungwe yizingazi zamadoda

Uthe uyazidl’uDlivane
Umntaka Kamangwa
Wadl’ezamahole waziholela
Laduma lawuphons’umbane
Phakathi kwezinkomo zikaKamangwa
Nangasemadlelweni limdlul’uNkambuleni
Amakhubalo adliwa uKubeni Ntetha

Lamudl’uNokheve kwabakaMqabo
Amakhubalo adliw’thini
Ingqungqulu eshaya amaphiko phezu kwentaba yaseQhudeni
Tshelan’umfana ka Ndlokolo aded’endleleni
Liyez’izinyane lakithi
Ngele Ngonyama
Nitshel’okamaCebo
BekunguDabulizwe aded’endleleni
Liyez’izinyane lakithi eleNgonyama

Nitshel’umfana ngokaSiphandla
UnguMbozane aded’endleleni
Liyez’izinyane lakithi eleNgonyama
Ingene iNkosi yaMakhosi
UMathang’adabul’ulwandle

Izulu elithe ukuduma
Lawuphons’umbane
Phakathi kwezinkomo zikaNdlokolo
Lazithath’izinhlangu zamadoda
Ngoba limdlil’uNomagimba
Ezalwa uNsimbana
Amakhubalo adliwa uSheleni

Ingqungqulu eshay’amaphiko
Phezu kwendlu kaKhumbula
UDonga dilika siwaphuz’omcacazo
INkunzi ehlale phakathi kwembaxa zombili zoMzinyathi
Enye iphuzwe uMakhula ka Sihlephu
Enye yaphuzwa uThatha ka Qhudeni

Kuye kwababaz’uMadikane ka Mlomowethole
Ngoba uphambanisil’umntakaNdaba
UZingcingo ziyakhala
Ngoba uthe eseVerulem
Ezinye wazibhekisa kwaMaphumulo

Ezinye wazibhekisa eNkambathawini
Ezinye zabheka eMpendle
Ezinye waziqondisa ngaseNdwendwe
UMahlab’ayidudul’ayiphons’eMdunyezweni
Wayigwaza wayiqhuba wayifaka eNsingweni
Waphinda wayifaka eNsingweni
Wayigwaza wayifaka eMzimvubu
UMashikizel’ashiy’impi yakhe

#ulibinda Nkosi!

IQhawe u-John Langalibalele Dube wawusebenzela kakhulu uZulu , ehla enyuka nozakwabo oSeme besebenzela uZulu. Wayekhuthele impela kangangokuthi wagcina esezitholele negama elisha elithi uwu-Mafukuzela . Washiya elobe nezincwadi esingabala kuzo ethi ‘ UJeqe (Shaka”s Servant) . Le ncwadi isekhona namanje , imayela noJeqe Buthelezi owabe eyiNceku yeLembe . U-Jeqe wazala abakwaMpontshane. Waphinda waloba noMqulu mayelana neNgonyama u-Dinuzulu. Abantu bakwaDube-Ngcobo batholakala kakhulu koMngeni , koMalizibheki,koNyukhasela, ko Mpumalanga -Standerton, nakwezinye nje izingxenye zezwe. Bahlakazeka kakhulu ngemuva kokukhothama kweNkosi u-Dube ka Silwane ibulawa iSilo u-Dingane

#Khumu!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo