Umlando ngeQhawe lakwaKhoza u-Ntshingwayo ka Mahole

Umlando ngoNtshingwayo kaMahole Khoza

‘UMabona owayibona iqhamuka eSandlwana”!


U-Ntshingwayo kaMahole Khoza wayeliqhawe elikhulu elahola impi enkulu kaZulu eyayobhekana nahlaseli maMaphumalimi angamaNgisi eSandlwana mhla zingama 22 kuMasingana 1879. Ngaleso sikhathi uZulu wayebuswa iSilo u-Cetshwayo kaMpande ‘uJininindi kaNdaba omnyama’

U-Mahole uyise kaNtshingwayo wayekhule nenkosi uSenzangakhona bengontanga. Inkosi uSenzangakhona isalusa izinkomo yayilusa naye uMahole owazala iqhawe likaZulu u-Ntshingwayo. Kuze kubonanwa noNandi Mhlongo nje emadlangaleni eTsheni leNtombi beluse naye uMahole Khoza. UMahole wayeyiNtokela nokuyiliButho elalibandakanya oNdlela ka Sompisi , Hlathi ka Ntopho Ntshangase kanye nabanye . U-Ntshingwayo ka Mahole wayeqatha , ondlekile kakhulu ngomzimba, ezitho zingaka, engalo zingaka. Le nsizwa yakwaKhoza yayinezibele. Ubuqatha bayo kuthiwa babulingiswa nobukaNozishada ka Maqhoboza naye okuthiwa kwakuyinsizwa impela ize yena kuthiwa wayengenazo izibele kodwa kuthiwa wayeqatha impela. U-Ntshingwayo ka Mahole kuthiwa wayezalwe ngowe 1809 izalelwa ngaseNtabeni iSiphezi kwelaseSinquthu. IButho lakhe kwakuwuDlambedlu olwabuthwa iSilo u-Dingane ka Senzangakhona. Babebabili oDlambedlu , kwakukhona uDlambedlu olwabuthwa iSilo u-Shaka bese kuba khona uDlambedlu olwabuthwa iSilo saseMgungundlovu iSilo u-Dingane . OlweSilo uDingane lwalubuye lwaziwe ngeMikhulutshane , lwaluholwa yi-Nduna u-Nozishada Nzuza nokwathi ngemuva kokushona kwakhe eMaqonqo lwaholwa ngu-Godide ka Ndlela Ntuli . uDlambedlu lwadla ubhedu empini yaseNyezane nokuyimpi eyalwa kanye -kanye neyaseSandlwana . EyaseNyezane yayididiyelwa ngu-Godide ka Ndlela ka Sompisi ka Guqa wakwaNtuli. U-Ntshingwayo wayengelinye laMafelankosi eSilo u-Cetshwayo . ISilo u-Cetshwayo sabusa ngesikhathi esinzima kakhulu lapho amaNgisi ayeseqalile ukuhlukumeza abantu bakwaZulu ngisho neSilo uqobo, esibopha , esidingisela eSt Helena eKapa.

ISilo uCetshwayo sesidingiselwe eKapa izwe lasikwa iziqinti eziyi 13 nguMbuso wamaNgisi.Esinye isiqinti saseMangeni ngaseMfolozi eMnyama sanikezwa uNtshingwayo kaMahole.Kodwa kwathi uma iSilo uCetshwayo sesibuyiswa ekudingisweni uNtshingwayo wazibandakanya neSilo uCetshwayo ngokugcwele.

UNtshingwayo ka Mahole ukhumbuleka kakhulu empini yaseSandlwana , nguyena owabe enguMdidiyeli wempi kaZulu eSandlwana, lokho wayekwenza ebambisene noMavumengwana kaNdlela Ntuli nabanye. Kuleyo mpi uZulu wadla umhlanganiso ngamalengiso wawashaya amaNgisi ize ayemaningi esibalo kunoZulu kwazise phela impi yawo yayibandakanya namambuka, amaJalimana, amaAustria kanye nezinye izizwe.

NguNtshingwayo kaMahole Khoza owaqamba isiqubulo sakwaZulu esithi

‘Khuza izithutha ziyangithuthunukela, eMangeni!

‘ Khuza izithutha ziyangithuthunukela,eMangeni!

Siqhubeka sithi

‘Ayihlale phansi ibambe umthetho! ‎’

‘Ayihlale phansi ibambe umthetho’

‘Hlala phansi! (iNduna yamabutho)

‘Sengihlezi! ( amabutho/abavumayo)

Leso siqubulo sesasabalala i-Afrika engaseNingizimu jikelele. Igama elithi ‘izithutha’ uNtshingwayo wayelibhekise kumambuka ayehlubuke uZulu azibandakanya namaPhumalimi amaNgisi.

Namuhla leso siqubulo sasekhandwa kabusha sathola lokhu okuthiwa phecelezi ama ‘remix’

UNtshingwayo kuthiwa waba ngesinye sezikhulu ‎esabulawa nguMntwana uZibhebhu ehlonyiswe ngamaNgisi oNdini mhla zingama 21 Ntulikazi 1883. Kodwa kukhona umlando othi qha akafelanga oNdini kepha washona esikhulile nje emzini wakhe, lowo mlando uthi u-Ntshingwayo washona eseyiKholwa. Asazi-ke ukuthi umuphi umlando oyiqiniso. Kodwa yena uyavela impela ezibongweni zeNkosi u-Zibhebhu ka Maphitha.

UKhokho wabo bonke abakwaKhoza nguMsuthu,kwenye indlu wazala uMaphalala owazala abantu bakwaMaphalala. Ngenkathi iLembe lihlanganisa izizwe abantu bakwaKhoza babengaseSiphezi beholwa nguMbiwa kaMalindi kaMkhathini kaGumede kaMangena.

Indlalifa kaMbiwa nguMaqwebelende owasala ebusa abantu bakayise ngemuva kokukhothama kwakhe. UMaqwebelende walandelwa ngumnawakhe uNgoza owayekade ekhulele kuLukhwazi kaZwana Ntombela. Ibutho lakhe kwakuyiZinyosi.

Enye yamadodana kaMbiwa yaphikelela kwaSoshangane ingakho kunoKhoza abakhuluma isiTsonga.

Ake ngime lapho nina beNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu!

#Khumu!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo