Umlando ngeNdlovukazi yaBalobedu iNdlovukazi u-Mujaji

Umlando ngeNdlovukazi uMabelemade(Khwini Mujaji nesizwe sayo saBalobedu )

Uma kukhukunywa ngaBalobedu kusuke kukhulunywa ngesizwe esasidume kakhulu endulo futhi esasidumile namanje- sidume ngezintelezi ikakhulukazi ezokunisa izulu. ABalobedu bangesinye sezizwe ezibuswa iziNdlovukazi( AMakhosi esifazana) . Ezinye izizwe izibuswa ngabesifazana ngesamaNgisi, esabaLozwi baseZambia kanye nezinye. ABolobedu badume ngesithakazelo sabo esithi ‘Ngulube” (Dikolobe) . Leso sithakazelo sisukela ekuhlonipheni kwabo ingulube yehlanze iNtibane(Wild Pig) . Izibongo zaBalobedu zibandakanya esakwaMamabolo, Modjaji, Ramafolo, Thobela, Shai, Mahasha, Malepe, kanye nezinye.

INdlovukazi u-Mujaji(Modjaji)


Kahle -hle u-Modjaji isibongo akulona igama, eqinisweni iziNdlovukazi zaseBulobedu zazinamagama azo ,noma ngithi zinamagama azo. INdlovukazi yaseBuLobedu eyabe ibusa ngesikhathi sokubusa kweNkosi u-Shaka kwakungu- Maselekwane igama layo . Leyo Ndlovukazi yabusa kusukela ngowe 1800 kwaze kwaba unyaka we 1854. Abantu bakwaZulu leNdlobukazi babeyibiza ngokuthi u-Mabelemade ngesizathu samabele ayo okuthiwa ayemade. INdlovukazi u-Mabelemade nesizwe sayo endulo siyithola yakhe lapho sekuseTzaneen khona namuhla , nanamuhla aBalobedu basakhe kuleyo ndawo. Le Ndlovukazi kuthiwa yayikwazi ukunisa izulu , kangangokuthi abantu bakwezinye izizwe babefika kuyo bezocela izulu. KwaZulu yayikhona indlela yokunisa izulu kodwa kuthiwa kwakuye kwenzeke lingani , kudlange isomiso ,kufe imfuyo. Leyo ndlela kwakuyiNsimu kaNomkhubulwana. U-Nomkhubulwana wabe aziwa ngokuthi yi-Nkosazana yeZulu noma iNdodakazi kaMvelinqangi. Abantu bakwaZulu babekholelwa ekutheni le Nkosazana yayinikeza abantu inala emasini kube nezivuno ezinhle. Le Nkosazana yayingaphili ngaleso sikhathi , kodwa abantu babekholelwa ekutheni iyaphila ingumoya. U-Nomkhubulwana wayelinyelwa uDedangendlale wensimu, ulinywe ngamageja emikhono. Kulowo Dedangendlale kwakutshalwa ingxubevange yembengu . Lowo Dedangendlale wawulinywa ngamaKhosikazi wonke ezigodi . INsimu ka Nomkhubulwana yayingavunwa , yayiyekwe nje injalo kuze kwedlule isikhathi sokuvuna . Ngamafuphi abantu bakwaZulu babekholelwa impela kuNomkhubulwana kodwa babebuye benyukele naseBulobedu ukuyocela iZulu ku-Mabelemade . Kuthiwa u-Mabelemade wayengageji, wayelinisa impela . Kwakusuka amadoda kwaZulu agqube izinkomo zomnikelo aphikelele khona eBulobedu . Kuthiwa kwakuthi uma esefikile -ke lawo madoda emzini ka Mabelemade bese kubaswa umlilo omkhulukazi ubaswa izintombi zakhona eBulobedu ezingakaqomi , ezingakamazi uMfana. (please don’t copy and paste).Bese kuthathwa izimvu ezintathu ezimnyama bhuqe ezingakakhweli , zishiswe kulo mlilo, kuthelwe nemithi yokunisa izulu . Kubhunqe intuthu yenyukele phezulu. Kwakubuye kwenziwe into efanayo nasentabeni kubuthene sonke isizwe saBalobedu kanye nawo amaNxusa akwaZulu. Bese ewatshela-ke u-Mabelemade amaNxusa akwaZulu ukuthi kuyophela izinsuku eziwukuthi line izulu. Kuthiwa ngempela kwakwedlula lezo nsuku line izulu. Kuthiwa iningi lamaKhosi akwaZulu laliwathumela impela amaNxusa alo ku-Mabelemade uma isimo sisini ezweni. Kuyileso sizathu-ke iNkosi u-Zwide yabalekela kuye u-Mabelemade ngemuva kokwehlulwa kwayo iNkosi u-Shaka ngoba kwakukhona ukuxhumana okwakukhona phakathi kwayo noMabelemade.

Njengoba besengishilo ngenhla ukuthi igama likaMabelemade kwakungu- Maselekwane Modjaji owabusa kusukela ngowe 1800 kwaze kwaba ngowe 1854, kwathi-ke ngemuva kokukhothama kwayo le Ndlovukazi kwabusa iNdlovukazi u-Masalanabo naye owaduma ngelikaMabelemade , singasho ukuthi abantu bakwaZulu leli gama likaMabelemade baze bayeka ukulisebenzisa ngeminyaka yama 1920s. UKhwini Masalanabo ubuse kusukela ngowe 1854 kwaze kwaba unyaka ka 1894 nokuwunyaka akhothama ngawo. Ngemuva kokukhothama kwakhe kube sekuthatha iNdlovukazi u-Khesotoane obuse kusukela ngowe 1895 kwaze kwaba u-1959. Kusukela ngowe 1959 kuze kube ngowe 1980 kubuse iNdlovukazi u-Makoma . Kwathi ngemuva kwayo le Ndlovukazi kwabusa iNdlovukazi u-Makope ebuse kusukela ngowe 1981 kwaze kwaba ngowe 2001 , kube sekuthatha iNdlovukazi u-Makobo obuse kusukela ngowe 2003 kwaze kwaba unyaka ka 2005 . Manje kusabambe uMntwana uMpapada Modjaji. Zonke lezi Ndlovukazi engizibale ngenhla zazisebensisa uModjaji njengesinongo.

Umlando ngesizwe saBalobedu

Isizwe saBalobedu sixhumene kakhulu nesaBalozwi kanye nesaBaNyayi. Laba abantu babeLozwi bake babuswa iNkosi yabo u-Monomotapa. AbaLozwi batholakala endaweni eseNingizimu yezwe laseZimbabwe nokuyindawo eyagcina idliwe iNkosi u-Mzilikazi . Ukuxhumana phakathi kwaBalobedu naBaLozwi kufakazelwa isibongo saBaLobedu bakwaShai , uShai /Sayi/Sai ubuye abe yisithakazelo sakwaMoyo nokuyiyona ndlu ephethe uBukhosi bakwaMoyo eZimbabwe. Kuthiwa lesi saBalobedu saphuma kwesaBaLozwi bakaMonomotapa saphikelela ngase Molototsi eTzaneen nokuyilapho sisazinze khona nanamuhla. Kuthiwa ngenkathi sihlubuka aBaLozwi saholwa INkosi yeSifazane u-Dzugudini naye owabe enguMnisiwemvula . Okuqaphelekayo ngaBalobedu wukuthi uma iziNdlovukazi zawo zigana zivele izihlobo ezifana nabaZala , okaNina, njalo njalo . Kanti futhi uma zizala izingane lezo zingane zithatha isibongo seNdlovukazi njengaye nje u-Modjaji nje kanjena. Ngizwa kuthiwa neziNdlovukazi zamaNgisi nazo uma zizogana zivele zishone ezihlotsheni.

Amasiko nemikhuba yaBalobedu

Ukunisa izulu yiyonanto abadume ngayo aBalobedu kodwa babuye babe nesiko labo abasalazisa namanje . Lelo siko isiko lokudonsa laphaya ngasesithweni sangasese sowesifazane. Badonsa amaL*be bawelule athi ukuba made kangangokuthi agcina ephumele ngaphandle. Ziningi -ke belu izizwe ezilenzayo lelo siko . Singabala amaShangane, abeSuthu bakwaMushweshwe , abaKhalanga kanye nezinye. Kuyaye kuthathe amantombazanyana ethathwa izalukazi kuyiwe nawo entabeni nokuyilapho ayofike adonswe khona, aqeqeshwe , achazelwe ngokuphathwa komuntu wesilisa . Isizathu sokudonsa amaL*be kusuke kwenzelwa ukuthi zibe nemishado emihle ngoba kusuke kukholelwa ekutheni aBayeni balaMantombazana bayoluthakasela kakhulu ucansi. Eqinisweni akukho lula ukwephuca intokazi yaseBulobedu indoda ngaso lesizathu sokudonsa.

Abafana baseBulobedu bayasoka . Isiko lokusoka isiko elalenziwa izizwe eziningi ngisho namaZulu imbala

Ake ngime lapho nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo uyangiwa kithi kwaZulu

#Khumu!

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo