Umlando ngeNkosi u-Matomela ka Shisa Zuma

Umlando ngeNkosi u-Matomela Zuma

INkosi u-Matomela ka Shisa Zuma yabusa abantu bakwaNxamalala /Zuma ngesikhathi sokubusa kweNgonyama u-Shaka . Uma sixoxa ngeNkosi u-Matomela kufuneka sikhumbule ukuthi babebabili oMatomela ngesikhathi seNkosi u-Shaka futhi baphila ncamashi ngesikhathi esifanayo. Kwakukhona u-Matomela wakwaZuma kanye noMatomela wakwaNgubane . Nakuba u-Matomela waseMaBomvini wayemdala kancane kunowakwaNxamalala kodwa eqinisweni baphile ngesikhathi esisodwa.U-Matomela Ngubane uYise kwakungu- Ndlovu ka Nyonebomvu ka Mbomvu ka Nomaphikela ka Ngubane . UMfowabo ka Matomela Ngubane kwanguNzombane owazala iQhawe leSilo u-Shaka u-Hhomoyi . Bobabili oMatomela babebadala eNkosi u-Shaka, singasho nje ukuthi babengoYise . Abantu bakwaZuma babeliqhamukise ngaseLisuthu bafike bazinza ngasoThukela . Akucaci kahle-hle ukuthi babekade beholwa ngubani ngenkathi bewela uThukela kodwa iNkosi u-Matomela yona ibabuse ngesikhathi seNkosi u-Shaka. Kuthiwa iNkosi u-Matomela yasheshe yazinikela eNgonyameni u-Shaka , ngakho-ke yahlala ngokunethezeka okukhulu ngesikhathi sokubusa kweNgonyama u-Shaka. Kuthiwa yahlala kahle kakhulu impela iNkosi uMatomela kwaze kwaba isikhathi sokukhothama kwayo. Ngemuva kokukhothama kwayo amaNxamalala abuswa iNkosana yayo u-Msholozi okunguyena ogqama kakhulu ezithakazelweni zabakwaNxamalala. Amanye amadoda eNkosi uMatomela kwakungo-Siguqa no Lugaju. INkosi u-Msholozi nayo kuthiwa yahlala ngokunethezeka okukhulu ngaphansi woMbuso weNgonyama u-Shaka. Kodwa kuhambe kwahamba iNkosi u-Msholozi yahlaselwa iNkosi uZihlandlo ka Gcwabe yaseMbo , kuthiwa lamaKhosi amabili ayeqhathwe iSilo u-Shaka ngoba sifuna ukubona ukuthi kwakuyiphi iNkosi eyayimandla phakathi kwawo womabili. Yadla umhlanganiso eyaseMbo yaphindela emuzini weNkosi u-Zihlandlo waseSimahleni ngaseNsuze eNkandla ihuba amaHubo okunqoba.

Kwathi ngesikhathi sokubusa iSilo saseMgungundlovu iSilo u-Dingane inhlalo yaqala ukuba muncwana kubantu bakwaZuma kanye nabo abaseMbo ngoba iSilo u-Dingane saqala umkhankaso waso wokubulala bonke abantu ababekade bengabahlobo beNgonyama u-Shaka. Womabili lamaKhosi oMsholozi noZihlandlo agcina ebulewe kulowo mkhankaso . UBaba weNkosi u-Matomela kwakungu- Shisa ka Mgebhe ka Mndlovu ka Zitho ka Maphuma ka Dzana ka Zuma . Kwathi ngemuva kokukhothama kweNkosi u-Msholozi abantu bakwaZuma bahlakazeka bagcwala lonke izwe, iNdlu yeNkosi u-Msholozi yagcina isiseMpendle isiholwa iNkosana yeNkosi u-Msholozi u-Mnyakanya owazala u-Ndukuyakhe. Kwenye iNdlu iNkosi u-Msholozi yazala u-Sithunzi owazala u-Gcinamazwi owazala owabe enguMengameli wezwe u-Jacob Gedleyihlekisa Mhlanganyelwa Zuma emzala ku-Nkosikazi uMaMzobe.


Ake ngime lapho nina beNgabade . Ngokuzayo sizoxoxa ngabanye oGamafanana ,oMdlaka ka Ncindi Ntshangase kanye noMdlaka ka Sodumase Langa nabo abaphila ngesikhathi esifanayo kodwa wayemdala owakwaNtshangase

#Khumu!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo