Umlando ngeNkosi u-Mthimkhulu ka Bhungane Hadebe

Umlando ngeNkosi u-Mthimkhulu Hadebe

INkosi u-Mthimkhulu ka Bhungane yabusa isizwe saseMaHlubi ngesikhathi seNgonyama u-Shaka. UYise weNkosi u-Mthimkhulu kwakuyi-Nkosi u-Bhungane ka Nsele ekhumbuleka kahle kakhulu uma kuxoxwa ngomlando waBaThethwa , yiyona eyakhoselisa iNkosi u-Dingiswayo mhla ibaleke kubo oYengweni ngemuva kwesigameko sokuhlaselwa kwamadodana eNkosi eNkosi u-Jobe ka Khayi okwakubandanyaka kuwo yena u-Dingiswayo. Yiyona futhi iNkosi u-Bhungane eyaqinisa iNkosi u-Dingiswayo ngezintelezi zayo ezazimandla kakhulu. INkosi u-Bhungane yayakhe lapho sekwakhiwa khona iDolobha laseNyukhasela , umuzi wayo wawubizwa ngokuthi kukwaMagoloza . INdlalifa yeNkosi u-Bhungane kwakuyiyona iNkosi u-Mthimkhulu , kodwa ayekhona amanye amadodana kwaMagoloza kwazise iNkosi u-Bhungane yayiganwe yi-Sithembu. Amanye amadodana eNkosi u-Bhungane kwakungo- Zingelwayo , Monakali, Ngalonkulu, Manyaza , Mpangazitha, kanye namanye. U-Zingelwayo wagcina akhe lapho sekuseTsomo khona nokuyindawo eyayaziwa ngokuthi kuseTranskei ngaphambilini. Uma sixoxa ngeNkosi u-Mthimkhulu kufuneka sikucacise ukuthi iNkosi u-Mthimkhulu ka Bhungane yayingu-Mthimkhulu wesibili ,iNkosi u-Mthimkhulu yokuqala yayizalwa iNkosi u-Musi ka Mhlanga engeyona eyaMaNdebele aseMpumalanga. Abantu bakwaMthimkhulu ngesibongo baphuma kuMthimkhulu wokuqala owabe ezalwa iNkosi u-Musi. Bathe cithi saka izwe lonke , abanye babo bakoLisuthu basebenzisa u-Rhathebe njesibongo, abanye batholakala kwaXhosa , bona-ke iningi labo lisebenzisa u-Grootboom njengesibongo nokuyigama lesibhunu elichaza ‘uMuthi omkhulu/iSihlahla esikhulu)

Kwathi ngemuva kokukhothama kweNkosi u-Bhungane kwaqubuka umbango woBukhosi phakathi kwamadodana eNkosi u-Bhungane oMpangazitha noMthimkhulu . U-Mpangazitha wayengeyena owaseNdlunkulu, wayezalwa eKhohlo. Kuleyo mpi wehlulwa u-Mpangazitha kwazise u-Mthimkhulu wayesekwa nayiZikhulu zakwaHadebe. Imizi yeNkosi uMthimkhulu kwakukwaNobamba , nakwaDidini ngaseZimbuthu ezansi kwendawo esibizwa ngokuthi yi-Utrecht namuhla. INkosi u-Mthimkhulu yagcina yakhe lapho sekuseMnambithi khona yakhelelena neNkosi u-Matiwane ka Masumpa Hlongwane . INkosi yaMaNgwane kuthiwa yayiwamise kabi amaHlubi , kwazise kwakuyizikhathi zezimpi zoMfecane ngaleso sikhathi. INkosi u-Mthimkhulu yagcina ikhothame ngaso isandla seNkosi u-Matiwane . INkosi yaMaNgwane ayigcinanga ngokubulala iNkosi u-Mthimkhulu -yabuye yahlasela noMpangazitha eNyukhasela . Ngenhlanhla yena wakwazi ukuphulukundlela wabaleka wagcina esenkanise ngaseNtabazwe ( Harrismith) lapho naye wafika wahlasela abaTlokwa beNdllovukazi u-MaNtantisi uNina weNkosi u-Sekonyela Molefe. Ngemuva kokuhlaselwa kwaMaHlubi ehlaselwa iNkosi u-Matiwane kubulawa iNkosi u-Mthimkhulu amaHlubi ahlakazeka kakhulu , amanye aya koLisuthu, u-Mehlomakhu ka Mpangazitha waphikelela lapho sekuyi-Ermelo khona wayozibandakanya neNkosi u-Mzilikazi,kodwa akahlalanga isikhathi eside ngoba wagcina edlulele eLisuthu. Kwathi ingxenye yamaHlubi eyesale ngaseNyukhasela aqoqana abeka iNdlalifa ka Mpangazitha njengoMholi wawo -abe esephikelela kwaZulu ayokhonza eSilweni u-Shaka . Iningi laleyo ngxenye yamaHlubi yabuthwa ngaphansi kweButho leZiyendane zikaNandi . INduna yeZiyendane kwakungu-Makhatha ka Ndlukazi Shabalala. IButho leZiyendane laqanjwa igama leZiyendane ngoba laiqhina imiyeko , izinwele lazezenza imiyeko liziyeka zilenge. Kakade kuthiwa kwakuyiyona ndlela iziNsizwa zaseMaHlutshini zazeluka ngayo izinwele zazo endulo. Kwathi ngenkathi iSilo u-Shaka sihlasela iNkosi u-Matiwane iButho leZiyendane laba yi-Sifuba sempi yeLembe . Kuleyo mpi yanqotshwa iNkosi uMatiwane yabelekela kwaXhosa yaze yabuya ngesikhathi seNkosi u-Dingane , kanti izofika ibulawe yiyona iNkosi u-Dingane. Ukunqotshwa kweNkosi uMatiwane kwaletha ithemba nozinzo kubantu baseMaHlutshini , bagcina sebebuyele ezweni labo babuswa iNdlalifa yeNkosi u-Mthimkhulu u-Langalibalele.IButho leZiyendane yilona elaligcine ukuthula eNingizimu yoThukela. IButho leZiyendane lagcina lihlakazeke laphela ngesikhathi sokubusa kweNgonyama u-Dingane.


Ake ngime lapho nina neNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi!

Izibongo zeNkosi u-Mthimkhulu Hadebe

Mthimkhulu ka Nqangi
UNdlanzi ka Lokothwayo
UMahogo uyababa unjengenhlaba
UMlawuzi ngamkhont’usuk’ebethweni

Mthimkhulu omuhle kawuvuthel’umlilo
Abengalo cubululu
Nhlabathi yoNdi noThukela
Bathi bayayihlenga beyiphalaza
Ngathi ngifika mina wezizwe
Ngaguzubala!

Ugogo lwenkunzi yomthakathi
Balaphala baludendebula
UKhozi luseMahlabeni ludlinkwali
Lizidla luzigempenela
Umkhondo kawulandwa
AbakaBhucwa babhucwa lashon’ilanga

UMthimkhulu akabangi mbutho
Akabangi khohlwa
Kubang’amalala, izingogodlela
Abehla ngumushu wemamba
Ath’amadod’ehl’ubufokololo
AbakwaNsele ,
Mashiyamahle njemgawenyazana
AbakwaMashwabade
Abashwabadela inkomo kanye nezikhumba

#Ulibinda Nkosi

*INkosi u-Mthimkhulu yazala INdlalifa yayo u-Langalibalele okuyiyona eyabusa ngemuva kwayo ngaso isikhathi seNkosi u-Shaka kanye neseNkosi u-Dingane. INkosi u-Langalibalele yayizalwa uNdlunkulu u-Ntambose ka Mashoba uDadewabo weNkosi u-Phuthini. Amanye amadodana eNkosi u-Mthimkhulu kwakungo-Dlomo wesibili, Mndebele, Ncwane, Duba, Gilikidi, Mananga, Ntambama, Phakathwayo, kanye nabanye

#Khumu!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo