Umlando ngoNdunankulu u-Ngomane ka Mqomboli waseMdletsheni

Umlando ngoNdunankulu u-Ngomane Mdletshe

Abantu bakwaMdletshe babekade beyingxenye yaBaThethwa , kuthiwa baphuma kwaMthethwa ngenxa yesenzo sensizwa yakhona kwaMthethwa eyakhulelisa uDadewabo kusonywana. Umkhuba wokusoma ukwenza ucansi lapho insizwa iphelela khona emathangeni entombi, ingafiki enkomeni kaBaba. Kuthiwa leyo nsizwa eyakhulelisa intombazane yakwaMthethwa ibe nayo engeyakwaMthethwa yagcina ixoshiwe kwaMthethwa, yona nabalandeni bayo bagcina bebizwa ngokuthi bangoDletsheni, nokwahamba kwahamba bagcina baziwa ngokuthi bangabakwaMdletshe. Engxenyeni yaBaThethwa baseMdletsheni kwagqama kakhulu u-Ngomane Mdletshe owagqama kakhulu ngesikhathi seNkosi u-Dingiswayo.

U-Ngomane -ke wayengowakuleso sizwe saseMdletsheni, uYise kwakungu- Mqomboli ka Caya ka Sithole ka Ntulizankomo . U-Ngomane ukhumbuleka kakhulu ngenkathi eyiNduna kwaMthethwa ngaphansi kweSilo u-Dingiswayo, kuhambe kwahamba wagcina enguNdunankulu wakwaZulu ngaphansi koMbuso weSilo u-Shaka. Isizwe saseMdletsheni manje sisithola esifundeni sakwaHlabisa , kanti futhi isona kanye esiphuma esendeni likaNgomane ka Mqomboli. U-Ngomane wayebongwa ngokuthi”Ungu-Ngomane waseZisayini


Umfuyi wamatshe adel’izinkomo
Isithukutheli esathukuthela
Sayozithela kanye nonina
Kithi kwaZulu
Zenyisa

UMzungulu hlozinga
Othekwakha
Wabhek’iSangoyana

IKlolodo elibomvu
Lakith’eZisayini
Isigawuli semith’emikhulu
Ingani emincane
Yayisala iziwela
Umganu owahluma
Emini kwaMandlakazi
Kwathi ebusuku wasuwohloka
Umgodi kawugcwali
Ungaze ugcwale ngezikhwebu

INguyazana yakithi kwaSobadli
Ebingabuki muntu
Yayithi ingambuk’umuntu
Kube sengathi
Ibuka isidladla sengwe
Kube sengathi
Ibuka isidladla sengonyama”

#Ulibinda!

Ngesikhathi u-Ngomane esekwaMthethwa wayeyiNduna eNkulu yasoYengweni ngaphansi kweSilo u-Dingiswayo ka Jobe ka Khayi. Umuzi wasoYengweni wawakhiwe iNkosi u-Jobe . U-Ngomane wayebuye abe yi-Nduna yeButho leSilo u-Dingiswayo elalaziwa ngokuthi yi-Nhlangano. Amanye amaButho akwaMthethwa kwakuyi- Nyakeni eyayiholwa yi-Nduna u-Dube ka Yengeni, iMini iNduna yayo okwabe kungu-Nomadidi ka Gugushi waseBathenjini, iNingizimu iNduna yayo okwabe kungu-Mayanda ka Veyana Mkhwanazi kanye namanye. Ngenkathi uMntwana u-Shaka esuke kwaZulu ezokhonza kwaMthethwa wemukelwa iNduna u-Ngomane khona oYengweni. UMntwana u-Shaka wayekanye noNina iNdlovukazi u-Nandi , uDadewabo uMntwana u-Nomcoba kanye neNkosi u-Ngqengelele ka Mvulana Buthelezi owagcina esenguMeluleki omkhulu weLembe . UMntwana u-Shaka wagcina ebuthelwe eButhweni leZichwe lesibili ebuthwa nguye u-Ngomane , wabuthwa kanye noNqoboka ka Langa owabe emguMshana weSilo u-Dingiswayo kaJobe . IZichwe zesibili iSilo u-Dingiswayo esadla ngazo umhlanganiso empini yaBaThethwa namaShenge ngaphansi kweNkosi u-Phungashe , kuleyo kwakhothama uMntwana uBhakubha ka Senzangakhona wayenguMshana weNkosi u-Phungashe, owayelwa ngasohlangothini lwaMaShenge.

Kwathi ngesikhathi sokubusa kweLembe isikhotheme iNkosi u-Dingiswayo iLembe laqoka uNgomane njengoNdunankulu wezwe noma wesizwe sakwaZulu(Prime Minister), kwathi iNkosi uNgqengelele yona yaba ngu-Meluleki weSilo u-Shaka, wayebuye abe yiSekela likaNgomane . U-Ngomane ka Mqomboli washona ngaso isikhathi sokubusa kweLembe , kwathi ngemuva kokushona kwakhe kwabe sekuphatha iNkosi u-Ngqengelele ngokuphelele, yaba ngu-Ndunankulu wesizwe sakwaZulu, iSilo u-Shaka sikhothama nje ngowe 1828 ngu-Ngqengelele owabe enguNdunankulu wesizwe sakwaZulu. Ubuqhawe bukaNgomane bedlulela emadodaneni akhe oMapholoba noNkulunkundleni. U-Mapholoba wabe eyiButho leZinyosi iNduna yalo okwakungu-Mvundlana ka Menziwa Biyela. U-Nkulunkundleni yena wayewu-Dlambedlu nokuyiButho elelama iZinyosi , lelo Butho labuthwa iSilo u-Dingane. Bobabili oMapholoba noNkulunkundleni balwa eNcome ngowe 1838 zingama 16 ku-Zibandlela. U-Mapholoba wasala enkundleni khona eNcome, kuthiwa ingakaqali impi wathukuthela wazithela kuMabhunu wawangena ngeKlwa agcina emdubule washona . U-Nkulunkundleni yena akazange asale eNcome, kuthiwa waba ngenye yezinkubela ezathola ukudubuleka amanxeba abucayi kodwa welashwa , wagcina ephilile qingqo. Amanye amadodana ka Ngomane kwakungo- Magidi owayeyiNdlondlo ngeButho, u-Mudwa owayeyiHlaba, iNtombi uMgimbaza eyayibuthelwe eButhweni lezintombi leNkosi uMpande elalaziwa ngokuthi iCenyane. Enye yamadodana ka Ngomane u-Ngubane yaganwa uMntwana uNoziqungu ka Senzangakhona, unina kaNgubane wayengumfazi wokuqala kaNgomane. Ezinye izingane zikaNgomane kwakungo- Mvunge, owayelanywa iNtombi u-Zicici , iNtombi u-Sintwanguya kanye nezinye. U-Zicici wagana u-Sibindi Mgwaba , u-Sintwanguya yena wayelama u-Nkulunkundleni, wabe eyingxeye yezintombi zeSigodlo saseMgungundlovu eMakhosini. UMgungundlovu wabe uyiSigodlo seSilo u-Dingane, uMgundlovu osuyiDolobha laseMalizibheki awuwona oweNkosi u-Dingane kepha ungowamaBhunu. Kwathi ngemuva kwempi yaseMaqonqo iSilo u-Mpande sahlukanisa izintombi zeSigodlo saseMgungundlovu kabili, enye ingxenye yathathwa yi-Silo u-Mpande, enye yaya ku-Mntwana u-Maphitha ka Sojiyisa ka Senzangakhona.
* Ngesikhathi seSilo u-Dingane uNdunankulu wesizwe sakwaZulu kwakungu-Ndlela kaSompisi Ntuli, ngesikhathi seSilo u-Mpande u-Ndunankulu kwakungu-Masiphula ka Mamba Ntshangase, ngesikhathi seSilo u-Cetshwayo uNdunankulu kwakungu-Mnyamana kaNgqengelele Buthelezi ,kanti ngesikhathi seSilo sasoSuthu iSio u-Dinuzulu uNdunankulu kwakungu-Mankulumana ka Somaphunga Ndwandwe .

Ake ngime lapho nina bakaSomndandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu!

#Khumu!

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo