Umlando ngeNgwenyama uMswazi (wesibili) ka Sobhuza (wokuqala)

Umlando ngeNgwenyama u-Mswazi ll iNdlavela

INgwenyama u-Mswazi wesibili wayezalwa iNgwenyama u-Sobhuza wokuqala, unina weNgwenyama u-Mswazi iNdlovukazi u-Thandile iNdodakazi yeNkosi u-Zwide ka Langa yabakwaNdwandwe. U-Thandile wayelama u-Nompethu emhlane , u-Nompethu yena wendela eNkosini u-Mashobana ka Zikode yabakwaKhumalo, yena-ke u-Nompethu uzele iNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana. Lokhu kuchaza ukuthi iNkosi u-Mswazi ll yayingukaNina weNkosi u-Mzilikazi. U-Thandile wayelanywa ngu-Fikile ,naye owagana iNgwenyama u-Sobhuza wazala uMntwana u-Ndwandwe owaqanjwa ngesibongo sakwaMalume . INgwenyama u-Sobhuza l yona yayizalwa iNgwenyama u-Ngvungunye kuNkosikazi u-Somnjalose Simelane.Isikole sabamanga aphezulu i-Somnjalose High School esikwaLobamba eSwazini saqanjwa ngaye u-Nkosikazi u-Somnjalose Simelane. INgwenyama u-Sobhuza l yabusa kakhulu ngesikhathi seziNgonyama oShaka noDingane. INgwenyama u-Sobhuza kuhlawumbiselwa ukuthi yayazalwe phakathi kweminyaka yama 1780s , yakhothama ngowe 1836 -kubusa iNkosi u-Dingane kwaZulu. INgwenyama u-Mswazi kuhlawumbiselwa ukuthi yayizalwe ngonyaka ka 1820 , yakhothama ngowe 1865 . Yaqala ukubusa ngonyaka ka 1840 , ngaphambi kokuba ihlale esihlalweni soBukhosi kwabamba uYise omncane u-Mntwana u-Malambule owabamba kusukela ngonyaka okwakhothama ngawo iNkosi u-Sobhuza we 1836 kwaze kwaba wunyaka we 1840. INkosi u-Mswazi yabuthelwa eButhweni leNkosi u-Mswazi iziNdlavela elalande izinsizwa ezazizalwe phakathi kuka1818 kuya ku1822. Elinye igama le Nkosi u-Mswazi kwakungu-Mavuso wesibili, kusuke kushiwo lona lelo gama ezibongweni zayo uma kuthiwa ‘IVuso eladl’umuntu eseswini , ukuba ngohambayo ngabe uyazibalekela.” Lezo zinhlamvu zichaza izimpi lapho iNkosi yayihlasela khona ishise nemizi kufe izingane , ngisho namakhosikazi ayekhulelwe imbala, ikakhulukazi mhla ishisa uMshadza weNkosi u-Sekhukhune yabaPedi. Izibongo zeNkosi uMswazi zibuye zithinte ukuthi ungu-“Mavuso ngovusa imizi iyabola’. INkosi u-Mswazi yathabatha iSihlalo soBukhosi ngowe 1840 njengoba besengishilo. UYise weNkosi u-Mswazi iNkosi u- Sobhuza l wakhothama ngenkathi iNkosi u-Mswazi ineminyaka engama 16, ngowe 1836 , ngemuva kukhothama kwayo kwabamba uMntwana u-Malambule ka Sobhuza l owabe enguYise omncane weNkosi u-Mswazi. Kwathi sekufanele ukuba ashenxe ngowe 1840 eshenxela uMntwana u-Mswazi owabe esekhule ngokwanele kwaba nzinyana ukushenxa , kodwa wagcina eshenxile. Ekushenxeni kwakhe kuthi washenxa nezinkomo zaseNdlunkulu yaseSwazini wayozithukusa kwaMahamba kuMfundisi uMneli(uRev James Alison weBandla i-Methodist). KwaMahamba lapha kwakunguMuzi kaMneli, kuhlala amaKholwa, naBaNtwana beNkosi u-Sobhuza oNdlela noFokothi babehlala khona lapha kwaMahamba. Kusobala-ke ukuthi kukhona okwakuhleliwe phakathi kukaMneli naBaNtwana beNgwenyama yakwaLobamba. INgwenyama u-Mswazi yagcina iwutholile umoyana wezinkomo ezazifihlwe uMntwana uMalambule kwaMahamba, ayibange-ke isaphozisa maseko , yavele yahlala amagqozo yahlasela uMntwana u-Malambule . Ekuhlaselweni kwakhe uMntwana u-Malambule wabaleka wayobhaca eNkosini yabakwaKunene iNkosi u-Sgweje kepa impi yeNkosi u-Mswazi yamlandela khona eMfihlweni eSigodlweni seNkosi u-Sgweje kwagcina kuhlaseleke nayo iNkosi u-Sgweje. UMntwana u-Malambule neNkosi u-Sgweje bagcina bebalekele kwaZulu bayokhonza eNkosi u-Mpande . INgwenyama u-Mswazi yabuye yahlasela nakwaMahamba ihlasela aBafowabo oNdlela noFokothi, yashisa noMuzi ka Mneli wakwaMahamba. Kuyileso sizathu iNkosi u-Mswazi ibongwa ngokuthi ‘inguMshisela qhu! Oshisel’izikole ezimbili, esakwaNdlela nesakwaMneli’

INkosi uMswazi ikhumbulela ngezimpi ezifana nayaseLubuya kanye nayaseMshadza. EyaseLubuya yabe iphakathi kukaZulu ,uphakwe u-Masiphula ka Mamba Ntshangase ngaphansi kweSilo u-Mpande, kanye nawo amaSwazi ngaphansi kweSilo u-Mswazi. Impi yamaSwazi yayiholwa nguMgayi wakwaFakude. Kuleyo mpi uZulu wehluleka ukuwanqoba amaSwazi, awududula uZulu wagcina uphindele emuva kwaZulu. Izibongo zeNkosi uMswazi ezichaza ngaleyo mpi zithi’ Gijimani ngazo zonke izindlela , niyobikela u-Mpande kwaZulu, nithi iNdlovu idle enye iNdlovu’


EyaseMshadza yona kulapho iNgwenyama yelekelela amaBhunu namaNgisi ukuba behlule iNkosi u-Sekhukhune yabaPedi eyabe ingazibekile phansi, abamhlophe yayingabezwa nhlobo, yayisibehlule amahlandla amabili, kwaze kwasiza yona iNgwenyama u-Mswazi eyagcina ibelekelele abamhlophe yagcina ilugobile uphondo eyaseMshadza. INkosi u-Mswazi ibuye ikhumbuleke kakhulu ngenkathi yelekelela u-Mawewe kaSoshangane ngenkathi ebanga uBukhosi noMfowabo u-Mzila kwaGasa eMozambikwe. Kulowo mbamgo umhlamganiso wadliwa ngu-Mawewe ngosizo lweNgwenyama u-Mswazi. Ngesikhathi seNkosi u-Mswazi izwe lamaSwazi lanwebeka kakhulu kangangokuthi laselifinyelela nakoNtilasifali, koNkomati, nakoBaberton. Kwathi ngenkathi abamhlophe sebeklaya imingcele bagcina beyidlile ingxenye enkulu yezwe lamaSwazi. INdlalifa yeNkosi u-Mswazi kwakungu-Ludzonga owashona esemncane , u-Ludzonga owayazalwa uLaMgangeni Khumalo. Owalandela iNkosi uMswazi esihlalweni soBukhosi iNkosi u-Mbandzeni esizabuye sixoxe ngayo

#Khumu

Izibongo zeNkosi u-Mswazi

Mswat’omnyama kwabaluthuli
Mgobo ka Nyathi
Kawungeni esigujini
Ungen’emagabelwen’eziNyathi!
Oth’azihlaba ab’ezifak’umgobo
Oth’azidla wazidla kwaMabhoko
Imamb’eluhlaza evuk’ezihosheni zasoBhalule
Sibawuza simabanda ngampondo
UMshsela qhu!
Oshisel’izikole ezimbili
EsakwaNdlela
NesakwaMneli
INkos’egwaz’abantu yaze yadinwa
Yaze yabathumba njengezinkomo

Ohlasele ngosongo kuMtshakeni
AbengowakwaMfuma
Owayeth’inyama yendlov’ayiphum’ekhaya
Ohlasele ngosongo kuMzila ka Soshangane
Owayeth’uMkhumbane kawuwelwa
Ngoba indlela eya kwaGasa ilukhondovana
Ngihambe ngayo ngokuswel’indlela
Indlel’ende eya kwaNdondoniya
Ohlasele ngosongo kuMphephethe
Ohlasele ngosongo kuMabhoko ka Nsindeni
Ngob’ezawoNdlela ka Nciliba
Zagijima ngaseNtshonalanga
Gijimani ngazo zonke izindlela
Niyobikela u-Mpande kwaZulu
Nithi iNdlovu idle enye iNdlovu
Yayeleka ngamahiya namahlukuzo
INkosi yakithi ehlabanayo
Ngingakaze ngiyibone iNkosi ihlabana
Yagwaza ngejozi yaze yadinwa
Vuso ladl’umuntu esesiswini
Ukuba ngohambayo ngabe uyazibalekela
Luhwahw’olifungwa ngabemukayo
Bathi:Mswazi asisayikubuya nakadeni,
Uyabulalana
Mngqimul’athwal’izimpondo
Mababal’ahlome ngosuk’olubi
Babethi Mswati uMfana
Usematholeni
Mphumangene namahlabathi
Silwa ngomnyama
Kosa nini?
INkos’elwa ngakloba kwaze kwasa
Mavuso ngokuvusa imizi ,
Iyabola’
Inyoni kaMabizw’asabele
Ubizwe nguShila ka Mlambo
Umbizela izinkomo zikaMhlangala
Ubizwe nguMawewe
Umbizela izinkomo zikaMzila kaSoshangane
Sima yedwa ongenambuzeli
MaBhunu kaPiti sinisolile
Ngokuhlana iNkosi isavuna Nina
Lomashikizela
Lomashiy’impi yakhe

#Ulibinda Nkosi

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo