Umlando ngeButho u-Dloko

Umlanjwana omncanyana ngeButho u-Dloko

IButho loDloko labuthwa yiNgonyama u-Mpande ka Sanzangakhona ngowe 1858, izinsizwa zeButho u-Dloko iningi lazo lalizalwe ngonyaka ka 1838, nango 1839 . UDloko uhlobo lwenyoka olunolaka kakhulu oluthi uma seluthukuthelisiwe luvimbe abantu bengabe besadlula lapho lunkanise khona, loluhlobo lwenyoka lwaziwa kakhulu ngokuthi yi-Ndlondlo , lusemndeneni weziMamba. Yiyona kanye le Ndlondlo okubongwa ngayo iSilo u-Mdlokombane uma kuthiwa ‘INdlondlo enophaphe ekhanda kaMenzi’ . UMenzi kushiwo iNkosi uSenzangakhona ka Jama. INdlondlo idume ngolaka, uma isithe yathukuthela iyema qingqo ngomsila njengayo iMamba, iyakwazi futhi nokugijima ngawo umsila. IButho u-Dloko -ke laqanjwa ngayo le nyoka enolaka oluyisimanga.

Izinsizwa zeButho u-Dloko zephuza ukukhehlwa oNgiyane ngoba zize zavunyelwa ukuganwa ngowe 1877 zigunyazwa iSilo u-Cetshwayo . U-Dloko lwalwa kakhulu eSandlwana. Amabhungu eButho loDloko ayebizwa ngokuthi iziNyathi, kwakuthi uma esefakwe eButhweni elikhulu abe eseshintswa igama abizwe ngoDloko. INduna enkulu yeButho loDloko kwakunguMntwana Ndungundungu ka Nokhokhela Zulu, ezinye iziNduna ezalekela uMntwana kwakungo- Bantubensumo ka Klwana Buthelezi, Fokothi ka Maphitha Zulu, Fokothi ka Mgulugulu Magwaza , Makhubalo ka Nhliziyo Mbatha, Fokothi ka Dlegebheni Sibiya , Mbune ka Somaphunga Ndwandwe, Zibhebhu ka Maphitha Zulu, Fokothi ka Siwangu Mthethwa, Hhoye ka Mqundane Zulu , Sidubele ka Makhedama Ntombela, kanye nabanye. UMntwana u-Zibhebhu Zulu wayekhushulwe esuswa eButhweni lakhe uMxhapho nokuyiButho ayeqale wabuthelwa kulo ngaphambi kokukhushulwa alethwe ku-Dloko. INduna eyakhushulwa isuswa eZiNyathi ngu-Baleni ka Silwane Mpungose , naye wagcina esengeye yeziNduna zoDloko. IziNyathi zazihla eSigodlweni kwaGqikazi ,zonke zazingoNtanga bakaBaleni Mpungose, zagcina zikhushuliwe zonke zaba uDloko, u-Baleni yena wafika waba ngenye yeziNduna zeButho loDloko. IButho loDloko laphaya kwaGqikazi laliwaphe uNdlunkulu u-Ngqumbazi ka Mondi ka Tshana ozala aBaNtwana oCetshwayo noNdabuko. INduna eNkulu yakwaGqikazi kwakungu- Madwala ka Soshingose. Izinsizwa ezizalwa u-Dloko iningi lazo zabuthelwa amaButhweni oCijimpi noVukayibambe.

#Khumu!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo