IZAGA: Eziqondene nobutha nokulwa

IZAGA:Eziqondene nobutha nokulwa

-(Isaga)

*Incazelo)


-Uzowukhomba umuzi wonotshwala

* Kusuke kusongwa ,noma kusengelwana

-Zinkani zababili/ Kubambene ingwe nengonyama /Zindala zombili

*Akwaziwa ukuthi ubani oyodla umhlanganiso ngoba amandla abo ayalingana, zindala zombili

-Yinkukhu nempaka

-Yizitha ezinkulu, njengenkukhu nampaka. Kubuye kuthiwe “Yikati negundane , noma ” Yinja nekati”

Kubuye kuthiwe futhi “Yimpi yakwaMabonwa-bulawe, inkukhu nempaka

-Utshwala bubila ngambizanye

* Kuxabene abantu abahamba ndlelanye

-Impi yomndeni kayingenwa

-Ungabiyingena impi yezizalani ,noma eyezithandani ngoba kusasa bayoxolelana bese usala wedwa , ubukeke njengomuntu omubi

-Kuhlangane izaqha

* Kuphikisana abantu abanamandla alinganayo. Izaqha yizinja

-Kubheke inyanga nelanga

* Bakhaliphile bobabili

-Akukho thusi lathetha lilodwa

* Kufanele abantu baze babe babili ukuze kuvele ingxabano

-Amathonya ayathonyana

*Kusuke kugadlana abathakathi abanamandla alinganayo

Iyaqhubeka

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo