Amakhambi ezifo eziphelekezelwa uqhuqho

Nina baka Somnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu. Ake sibheke imithi yesintu eyelapha izifo ezithinta uqhuqho {ezigodolosayo} . Kubalulekile ukuba umfundi walo mbhalo aqonde ukuthi emithini yesintu kuyenzeka ukuthi umuthi welaphe izifo eziningi uwodwa, noma ngithi wenze imisebenzi emingi uwodwa , noma ngithi uyangena ezindukwini ezahlukene ufike wenze imisebenzi eyahlukaka-hlukile. Isibonelo nje uVumakungoma omhlophe waziwa njengomuthi wokuphalaza , kodwa ubuye welaphe nezifo ezigodolisayo . Izimpande zawo ziya biliswa zibe isiphungo somzimba ogodolayo, uVuma ubuye ungene emithini yokwelapha isifo esithinta inhliziyo . Isibonelo sesibili uBandelwamandawe, uBandelwamandawe silwazi lunqamula ikhanda elinkenkethayo , kodwa lubuye lwelaphe nesifo soqhuqho

Ake sibheke imithi\amakhambi elapha isifo soqhuqho

-{Isifo}


*{Incazelo}

-UMhlonyane

*Yebo ngisho wona Kanye uMhlonyane oke waduma umhlaba wonke ngonyaka ofile , kwathiwa welapha ukhuvethe. Empeleni uMhlonyane ungumuthi osebenza ezinhlobeni eziningi zemikhuhlane singabala nawo umkhuhlane ogodolisayo. Isichongo nesiphungo salomuthi sivula inhliziyo ithande ukudla, sidilize nenyongo esibindini , siqede naleyo esisabalele nomzimba , sikhiphe izindenda ezibanga usi lokukhwehlela nokuphathwa isisu . uMhlonyane ubalulekile , uyatshalwa nasemakhaya. Kukhona uMhlonyane owumcimbi wengane yentombazane ewenzelwa uBaba wayo uma isithombile

-INyathelo

*Amahlamvu neziqu zalomuthi ziba isiphungo esiqeda umkhuhlane ogodolisayo , sihlela inyongo esezibindini naleyo eseyenabele kuwo wonke umzimba

 

-IShongwe

*IShongwe libuye libizwe ngokuthi uHlakahla, iShongwe lelapha izifo ezinhlobonhlobo singabala nalo uqhuqho . Izimpande zalomuthi ziyaphekwa zibe isiphungo esiqeda imikhuhlane ehamba nokuqhuqha komzimba. Kanti futhi izimpande zeSHONGWE zibuye zibiliswe zibe yimbiza yokuchathela izifo ezichamisa igazi {idilobha}. Impuphu yezimpande zeShongwe iyaye ithakwe neyeMpila kwelashwe ngayo izilonda ebusweni , ngisho nezinduna imbala

 

-UMsuzwane

*Lomuthi amaxolo awo aba isichongco nesiphuzwayo esinqanda umkhuhlane odala ukuqhuqha nokujuluka. Wejwalekile –ke uMsuzwane iningi liyawazi

-ISidletshane

*Lo muthi ubuye usebenze njengomuthi wemibhulelo . Isithombo sonke salo muthi siyaganzingwa odengezini size sibe yinsizi emnyama ekhothwa nxashana kuhlasele umkhuhlane ohlasela imizwa yonke yegazi , uba umuthi odambisa izinhlunga ezanaba namalunga omzimba . Ngokuthi lo muthi unobisi oluningi , uyahlambulula esiswini , uba wumuthi wemibhulelo nezifo eziyimeqo

 

-USingalwesalukazi

*Kuye kusetshenziswe amakhasi kulo muthi , ayabiliswa abe wumuthi oqeda isifuba esibuhlungu eiphelekezelwa umkhuhlane ohamba noqhuqho . Lo muthi ubuye welaphe nesifo sokuwa, umqotho ubhenyelwe inzululwane nekhanda elididizelayo

 

Cha ake ngime lapho okwanamuhla nina beSilo . Nansi eminye imithi eyalapha isifo soqhuqho

-INdungulu

-IMpila

-IPhuphuma

-UBuvimbo

-ISidwabasomkhovu

-ISidikili

-UVumakubangoma omhlophe obuye waziwa ngeNkatha noma ngeSikhwili

-UBandelwamandiki

-ISihlekahlekane{uMashisa}

#KHUMU

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo