Incazelo ngokweshela ,ukukhuzela, ukushikila nokusoma

Incazelo ngokweshela ,ukukhuzela, ukushikila nokusoma

 

UKweshela kwasendulo akusafani nokwalezi nsuku esiphila kuzona, mhlawumbe kungenxa yokuthi nempilo yanamuhla kwayona nje ayisefani neyasendulo, izinto seziyashesha . Endulo ziningi izinto ezazenziwa uma insizwa iqomisa intombi . Ukuqomisa kusewukweshela .  Intombi yasendulo yayingaveli iqome nje ngokusuku olulodwa njengoba sibona sekwenzeka namuhla. Amantombazane ayehlelwa abe yizigaba ezintathu , Amatshitshi , Izintombi kanye naMaqhikiza . AMaqhikiza isigaba sezintombi esidala kunazo zonke izigaba, kahle-hle iqhikiza intombi esikhule yafika esigabeni sokugana, kodwa ibe ingakagani. NgaMaqhikiza ayephethe Amatshitshi neZintombi . Isigaba seZintombi isigaba esiphakathi nendawo.  AMaqhikiza ayeqikelela ukuthi intombi iqoma insizwa eyodwa ngesikhathi esisodwa , hhayi ezimbili . Intombi yayibika konke nje eMaqhikizeni, ngisho nalapho isiyikhethile insizwa eyithandayo intombi yayibikela iQhikiza layo ngoba phela kwakwenzeka yeshelwe izinsizwa eziningi ngesikhathi esisodwa , mhlawumbe yeshelwe ngendlela ebizwa ngokuthi ‘ukushaya inyoka endleleni’{ngisazoyichaza}. Enye yezinto ezaziqikelelwa ngamaQhikiza ukugcina ubuntombi kuze kube iyagcagca, kuyilapho-ke ukusoma kwakungena khona, nakho engisazokuchaza. Zonke izintombi kwakufanele zizqhenye ngobuntombi bazo,kuthi engabe umuntu uziphathe kabi waphelelwa ubuntombi , lowo osesephosisweni azihlawule izintombi. Endulo intombi yayingalokothwa ibekwe isandla , noma yethukwe. Umuntu owayenza lakho wayehlawuliswa .

Ukushaya inyoka endleleni

Kwakuthi lapho izinsizwa zihlangana nezintombi bese zima zicheme sezibingelela ezintombini bese zicela izintombi ukuba ‘zishaye inyoka endleleni’. {Ukushaya inyoka endleleni kusho ukukhetha izinsizwa eyodwa kweziningi okwakungaba yiyona owawangayiqoka ukuba wawunokuqoma kuzo}. Ukushaya inyoka endleleni yebo kwakuyingxenye yokweshela kodwa eqinisweni kwakuwukudlala nje , imvamisa akukho nsizwa ebe isisizakala ngokuthi leyo ntombi sekungeyayo. Kodwa –ke insizwa enguMakadebona yayibekisa bese ilokhu ilandelandele , incengancenga kuze kulunge kanti kwakuqale njengomdlalo.


 

Ukukhuzela

 

Ukukhuzela into esenzeka nananamuhla , eqinisweni ukukhuzela kungenye yezindlela zokweshela , kodwa-ke kuyakhuzelwa noma umuntu engaqonde kuqhubeka ngokweshela . Intombi yayithanda {noma yayingakhombisi} lapho ikhuzelwa ngoba leso kwakuyisibonakaliso sokuthi izinsizwa ziyayibona ukuthi nayo intombi.

Izikhuzelo ezazikhuzwa endulo zisekhona nananamuhla , njengalesi esithi ‘Dudlu’!

Ezinye izikhuzelo yilezi

‘Bhavu’!

‘Du zayikhahlela’

‘Akukho ntombi yagan’inyamazane’

Zal’abantu ziy’ebantwini”

Gege lagege ntaba zonke ziyayigegela!

UKUSOMA

Ukusoma ukwenza ucansi lapho insizwa iphelela emathangeni entombi, ingayibhobozi inkomo kaBaba. Kukhona umlando othi umkhuba wokusoba waqalwa iNkosi yakwaNgema u-Sigcwegcwele ka Mahlekehleke ka Madlokovu , kodwa lowo mlando awulona iqniso ngoba iNkosi u-Sigcwelegcwele iphile manje ngesihathi seNgonyama u-Jininindi , kuzokhumbuleka phela ukuthi yayibuye ibe yiNduna yeButho leNgobamakhosi elahlabana kakhulu eSandlwana ngowe 1879 kuMasingana . Kanti ukusoma kuyavela nangezikhathi zeNkosi yabaThethwa iNkosi u-Khayi , isibongo sakwaMdletshe sakheka ngakho ukusoma lapho izingane zakhona kwaMthethwa zazidlala , zingezakhona kwaMthethwa , kodwa zagcina zikhulelisene. Kanti nakwaKhumalo ngesikhathi seNkosi u-Mashobana kwenzeka into efanayo , lapho izingane zakhona kwaKhumalo zakhulelisana ngawo lo mkhuba wokusoma , kwakheka isibongo sakwaNyandeni. NakwaZulu kwenzeka into efanayo , nazo izingane zakhona kwaZulu zakhulelisana ngawo umkhuba wokusoma kwadaleka isibongo sakwaMdlaloso, ngaleso sikhathi wayengakazalwa nokuzalwa u-Sigcwelegcwele iNduna yeNgobamakhosi . Ukusoma kwakubalulekile kakhulu kangangokuthi insizwa eyayiwuqhuba lowo mkhuba yayize ibongwe impela ibongwe ngenkomo , ibongwa uyise wentombi .

UKushikila

Ukushikila isiko lokujabulisana kwezinsizwa nezintombi lapho insizwa yayicela intombi ukuba ishikile. Yangaphenduli intombi , yayivele iphenduke , yembule , ikhombise izinqe , bese insizwa ibonga-ke , mhlawumbe ize ituse nokuma kahle kwentombi . Nalo leli siko laliphathelene nokuqomisa ngoba insizwa yayinakho ukuqala ibalisa , ize ibe yisesheli nje bo esivuthiwe

#Khumu!

Isithombe seNsizwa eyeshelayo

 

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo