Incazelo ngemithi eyizintelezi
Nina beMbube eshoba liyisilikithi u-Hlamvana bhul’umlilo eNdulinde !
Uma kukhulunywa ngemithi eyizintelezi kusuke kukhulunywa ngemithi esetshenziswa kakhulu emacaleni , ezimpini , emngangeleni , enqineni , ekuqedeni amalumbo , ekuvikeni impahla yomuzi- kungaba imfuyo noma kube wukuvikela umphezulu. Ngakho-ke esikhathini esiningi le mithi kuye kugezwe ngayo , kuchelwe ngayo , ibithele ikhaya, itshalwe ekhaya noma imfimfithwe nje ebese iyaphinyiswa , akuvamisile ukuthi le iphuzwe. Kodwa eminye yayo ibuye ingene nasendukwini yokuphalaza , njengesiqunga nje siyangena impela ekuphalezeni , kodwa sibuye sisebenze nje ntelezi. UGebeleweni nawo uyangena kweyokuphalaza kanti futhi ubuye ube yintelezi . Kwenye inkathi le mithi izinyanga nezangoma ziye ziyibize ngamagama athe phecelezi ngenhloso yokudida abanye abalaphi bendabuko. NjengeSiqunga nje kwezinye izindawo alaziwa igama elithi ‘isiqunga’ , kwaziwa elithi ‘utshani bezwe’, kanti noVuma omhlophe kwezinye izindawo ubizwa ngokuth yiNkatha noma yiSikhwili. Inhloso nje kusuke kuwudidana nje . Ake sibheke eminye yemithi eyizintelezi , ngizothi nje kancane phezulu kuhle komuntu ekha amasi
Izintelezi
-{Umuthi }
*{Incazelo}
-Umpikayiboni
*Izimpande zalomuthi ziyangena ezithakweni zokuchela insizwa uma iyongcweka emgangeleni, nasendulo izimpande zalomuthi bezingena ezithakweni zokuchale amabutho ngaphambi kokuba aphume aphikelele empini . Kanti futhi impande yalomuthi ibuye ingene nasezithakweni zemithi yokuvimba umphezulu ukuba ungangeni ekhaya, isikhathi esiningi kulenduku iyaye ingasali inyoni iNsingizi\iNgududu
-Isweli
*Ubaluleke kakhulu lomuthi , lapho utshalwe khona akungeni nyoka, iphunga lawo livele liyixoshe isekude. Ubuye ungena nasendukwini yokuchela kuxoshoshwe omoya ababi.
-IKhathazo
*Lo muthi abantu abaningi bawazi ungowokuphalaza , ngoba kunenkolelo ethi uyayikhathaza imbangi, kungaba ngobanga nayo intombi , isikhundla emsebenzini njalo njalo . Kodwa ubuye ungena endukwini yokubethela ikhaya , kanye neyokuziqinisa wakhe isithunzi. Ekuphalazeni muhla kalula ngoba uxegisa izikhwehlela , izindenda ziphume kalula , ufana noMaphipha .
-INgcotha
*Ngesikhathi seNkosi u-Shaka lo muthi wawusetshenziswa ngabafana nxa besokile , bepholisa amanxeba . Yiwona futhi okwakusulwa ngawo ongiyane ukuze bahlale becwebezela. Kanti uma utshalwe ekhaya uletha eningi inhlanhla le, uvimbe nabathakathi ukuba bengangeni ekhaya, uvimbe nomoya ababi.
-UMabophe
* Lo muthi ungena kakhulu endukwini yamacala , ezinkantolo,uthela izinhlamvu ezincana ezinombala obomvu nomnyama . Abanye baye baluphathe lolo hlamvana uma beya emacaleni. Izimpande zawo zelapha isisu esibuhlungu, ubuye uvimbe nomphezulu ukuba ungangeni endlini , uye ushunqiswe odengezini bese ubekwa emnyango uma lina ngolaka.
-IMpinda
*Miningi imisebenzi eyenziwa yilo muthi . Le ntelezi ibuye yaziwe ngokuthi IMfula , isebenza ekucheleni ixoshe izibango zezinyoka nezikhova uma zingena ekhaya , nokunqanda imimoya emibi. Kubuye kuphalazwe ngawo uqede ukudikiza komzimba , namaphupho amabi . Kubuye kugezwe ngawo kuqedwe ukuqubuka nokuluma komzimba , nezilonda emzimbeni
-UPhindemuva
*IMpande yalomuthi iyaye ingene ezithakweni zokuphalaza ixoshe imimoya emibi nezithunzi. Kubuye kuchelwe ngayo ekhaya ixoshe imimoya emibi
Ake ngime lapho nina beMbube ngingaze ngiqede lonke ulwazi lwami
#Khumu
Eminye imithi eyizintelezi yilena elandelayo
-Umababaza
-Umathuthibala
-Isigqiki somkhovu
-Untongazibomvana
-Icamamlilo/Icishamlilo
-Usilephe
-Uphondolukabhejane
-Unkungwini
-Umlahleni
-Idlula
-Unyokiziphinda
-Umbhadlangu
-Uzangume
-Insulansula
-Umvuthuza
-Umhlalimakhweba
-Umklele
-Miningi bakwethu kungashona ilanga
Cela ukubonga ngolwazi osipha lona mfowethu, ngiyaye ngi share ama posts akho ku Facebook nakhu Twitter in an hope that babone abanye abantu futhi ngoba kuphinde kudayiswe kuleli Page bangene kuma links kuze nawe uthole inzuzo encane..
Nginenkinga la ngizwa sengathi isikhumba sami somile angaz noma imbangi yami le eyenze kanje, futhi inhlanhla inqabile khon izimpande ongazi suggest nje and ngifuna ukuba no gazi nenhlanhla yeku gembhula.. Angime la ngibonge nangomlando osipha wona