IZAGA:Ezeluleka ukuba umuntu azenzele
-{Isaga}
*{Incazelo}
-Ibuzi laziwa ngumlaleli
*Into yaziwa ngulowo ozihlupha ngayo
-Imbila yeswela umsila ngokulayezela
*Zenzele, ungabothembela kwabanye ukuba bakwenzele izinto
-Isisu esihle ngesibonwa yilanga
*Sebenza, ngeke uthole lutho uma ungasebenzi
-Ubudoda kabukhulelwa
*Noma omncane anagzenza izinto ezitusekayo ezivame ukwenziwa ngabadala
-Yeka izindlela ukumila utshani
*Kusuke kushiwo kumuntu ovilaphayo
-Isikhuthali sidla ukukhuthala
*Umuntu udla isithukuthuku sakhe
-Ukhozi olubambayo ngoluzulayo
*Kuphumelela osebenzayo . Abanye bathi ‘Kubamba ezingelayo’
-Akukho nkwali yaphandela enye\Akunkwali yaqhwayela enye
*Sebenza nawe ukuze uphumelele, akekho umuntu osebenzela omunye
-Amehlo kaphathelani , ngamabheka ashiye
*Zibonele ngokwakho , ungathembeli kwabanye
-Isikhova sidla amehlo aso
*Umuntu ufanele azisize yena ngokwakhe
-Iningi liyabona ububende
*Ayilungi kahle into yomfelandawonye
-Iqaqa lisinda kuzalusa
*Zivekele nawe uma usenkingani, ungalindeli ukuthi wovikelwa ngabanye
-Yeka uqothovane osinda ngokuzimbela
*Kusuke kushiwo umuntu ophumelele ngokuzisebenzela
-Akunsimba yazuza ibuzi ngokuhlala
*Umuntu olivila angelindele ukuthola lutho
-Umvundli wembande kasweli lutho
*Zisebenzele nawe ukuze ukwazi ukuziphilisa
-Umahlala udla ukuhlala kwakhe
*Ubuvila abanambuyiselo . Umuntu ovilaphayo uyodla ubuvila bakhe
Kubuye kuthiwe ‘Isihlala ndawonye sadla amajwabu’ , noma ‘Ivila lidla ubuvila’ noma uMenabi udla ukwenaba
#Khumu