Incazelo ngeNsema  ( Sehamela podi )

INsema

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! #ISilo uShaka leso , iSilo sakithi KwaDukuza! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu . Cha, sisaphila thina eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa yiNsema igama layo , akulona iShongwe leli. Zicishe zifane. Nina beSilo isigaxa seNsema Siyakhula impela silingane nekhanda lo muntu , noma siledlule. Kudala abafana babeginqa isigaxa seNsema bafundele kuso ukuciba izinyamazane .Ukuciba ukujikijela ngomkhonto, noma ngento ecijile ngenhloso yokugwaza. Leso senzo sabafana sasibizwa ngokuthi “uMdlalo wokuciba iNsema” . INsema ngesiSuthu ibizwa nge Sehamela podi ) .

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo le Nduku yinhle kakhulu emfuyweni , iyayandisa imfuyo , iyayiqinisa , ihlale inonile futhi isheshe imithe. Le Nduku yinhle ezimbuzini kanye nasezinkomeni. Kuye kusebenze isigaxa sayo , siye sigxotshwe senziwe imbiza ephuziswa imfuyo. Le mbiza yandisa nobisi ezinkomeni , yenza iSigqala sibe uNondlini. Le Nduku iba mandla kakhulu emfuyweni uma usuyithake noBhoqo , uVimbukhalo kanye neNtolwane . Isithombo sayo yonke le Nduku sihle kakhulu kwezithinta oMame , siye sibiliswe senziwe imbiza noma isiphungo sokuhlanza iSibeletho. Siyawushisa uMdlavuza weSibeletho uma usaqala ,ungakadlondlobali. Lesi siphungo sihle naseDlisweni . Isigaxa sale Nduku siyangena eZibungeni zokudonsa abantu kwiBhizinisi . Lena yiNduku esetshenziswa yizo zonke izizwe eziNsundu lapha eAfrika eseMazansi.


Khumu!

Niphile nina beSILO . Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo