Incazelo ngeNsema  ( Sehamela podi )

INsema

Incazelo ngeNsema (Sehamela podi)

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! #ISilo uShaka leso , iSilo sakithi KwaDukuza! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu .Cha, sisaphila thina eMantungweni.Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa yiNsema igama layo,akulona iShongwe leli.Zicishe zifane.Nina beSilo isigaxa seNsema siyakhula impela sifutheke  silingane nekhanda lo muntu ,noma siledlule.Kudala abafana babeginqa isigaxa seNsema bafundele kuso ukuciba izinyamazane.Ukuciba ukujikijela ngomkhonto, noma ngento ecijile ngenhloso yokugwaza.Leso senzo sabafana sasibizwa ngokuthi “uMdlalo wokuciba iNsema” .INsema ngesiSuthu ibizwa nge Sehamela podi).

Yenzani le Nduku

Nina beSilo le Nduku yinhle kakhulu emfuyweni , iyayandisa imfuyo , iyayiqinisa , ihlale inonile futhi isheshe imithe.Le Nduku yinhle ezimbuzini kanye nasezinkomeni. Kuye kusebenze isigaxa sayo , siye sigxotshwe senziwe imbiza ephuziswa imfuyo Le mbiza yandisa nobisi ezinkomeni , yenza iSigqala sibe uNondlini.Le Nduku iba mandla kakhulu emfuyweni uma usuyithake noBhoqo , uVimbukhalo kanye neNtolwane .Amakhasi ayo le nduku mahle kakhulu kwezithinta oMame , aye sibiliswe enziwe imbiza noma isiphungo sokuhlanza iSibeletho.Siyawushisa uMdlavuza weSibeletho uma usaqala ,ungakadlondlobali. Lesi siphungo sihle nasedlisweni . Isigaxa sale Nduku siyangena eZibungeni zokudonsa abantu kwiBhizinisi .Isigxa sale nduku siyangena kwezokucupha umthakathi akhukhunyalelwe isisu.Isigxa sayo le nduku siyangena kwezokuchatha umuntu onenkinga yokukhukhunyalelwa isisu.Lena yinduku esetshenziswa yizo zonke izizwe eziNsundu lapha eAfrika eseMazansi.

Khumu!

Niphile nina beSilo .Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo