Incazelo ngeSinyembane   ( Senna occidentalis \Coffee senna)

ISinyembane ….

Nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! #ISilo uDingane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela nina beSilo , ngethemba isaphila iNgabade . Cha , thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa yi-Sinyembane igama layo , ibuye yaziwe ngoMnwandanyoka . NgesiLungu kuthiwa yi-Coffee senna , noma Senna occidentalis. Le Nduku isemndenini owodwa noManxiweni kanye noMkhiphampethu. Kuthiwa le Nduku endulo yayingasali uma kuthakwa imithi yamanxeba okulunywa izinyoka.

Ibuye yenzeni le Nduku?

Nina beSilo le Nduku iyangena kwiZiziba zezinyoka . Kanti yinhle futhi nasekuhlanzeni igazi phecelezi iyi-Blood Purifier . Le Nduku ingenye yeziNduku ezaziwa ngama=Antibacterial plants okuyiziNduku ezihlanza amagciwane egazini, noma ezilondeni . Yinhle amanzebeni , impuphu yesithombo sayo inanyekwa emanxebeni nasezilondeni. Lena yiNduku enhle yesikhumba , isithombo sayo siye sibiliswe kwenziwe imbiza yoMzimba omubi , onezinsumpa kanye nezinduna. Le Mbiza uma isashisa yinhle kakhulu kwiMfiva, kanye nakuMalaleveva. Iyawehlisa futhi noShukela egazini. Le Nduku yinhle nakwiMibhulelo .Kuye kusebenze amakhasi kanye nezinduku zayo , kuye kuqotshwe bese kungena ezimbizeni zeMibhulelo , noma kushiswe ndawonye namafutha eMvu kube yiNsizi emnyama ekhothelwa iMibhulelo kanye namaLumbo ocansi. Le nsizi yinhle nasekuxosheni imimoya emibi, yinhle nakwiMfiva, kanye nakwizifo zokuthwetshulwa , noma ezisanganisa inqgondo. Amakhasi ayo ayaphekwa abe yiSiphungo sesisu esijuqayo , abuye abe yiSithobo sezenyelo noma izindawo ezidumbile , noma lapho kwephuke khona ithambo kumuntu noma esilwaneni. Le Nduku yinhle kwiMibhulelo , kuyagezwa futhi nangayo kugeze insizwa  uma insiwa izoyolala nentombi engayethembi kahle , kuphinde kugezwe futhi uma insizwa isibuya khona.


Khumu!

Niphile nina bakaVezi uNonyanda ! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu .

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo