Incazelo ngeSAMBULO.

ISAMBULO…

Nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayiwa ukulila! UNdaba omuhle kakhulu , uNdaba ngiyemeba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! #ISilo sakithi KwaDukuza leso, iSilo uShaka ka Senzangakhona …..Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu . Cha, sisaphila eMantungweni …

ISambulo:

Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa yi-Sambulo igama layo . Kule Nduku kusebenza sonke isithombo . Nina beSilo le Nduku yinhle kabi kwezobhula , iyangena emithini ephalazela ukuvula nokuqaqa ikhanda leSangoma esivaliwe . Iyangena futhi nakwiMibhemiso yokubhula . Iyasilola iSangoma le Nduku , isicije siqale ukushaya emhlolweni uma sibhula. Iye igiye neziNduku ezifana noMoyawezwe , uNgibonisele , uMkhondweni kanye nezinye iziNduku. *Le Nduku iSambulo akuvamile ukuba isale uma kwembulwa ingubo yalabo abazalwa bembethe. Ingena oKhambeni  lo muntu owazalwa embethe.Lolo Khamba luyaphalaza , kanti lubuye lugeze futhi. Ikhipha igwebu elihle leNduku uma iphehlwa ngothi lwePhahla. ISambulo sihle kakhulu nakwezokuvula iNhlanhla , siyathakwa emithini ephalazela iNhlanhla , siyathakwa futhi nakwezokugeza . Siye sigiye kakhulu nemithi efana noBhubhubhu, iNhlanhlemhlophe kanye neminye. Siyangena iSambulo nakwezokusondeza iDlozi , sicacisa namaphupho acace bha.


Khumu!!

Niphile nina beZulu eliphezulu.. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu ….

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo