
UMhlwazimamba
Nina abeNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena yayibambe ngendlebe yadula yaqeda amadoda! #ISilo sakithi eMgungundlovu , iSilo uDingane ka Senzangakhona …. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, thina sisaphila eMantungweni . Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMhlwazimamba igama layo .Kukhona nenyoka ebizwa ngegama elifanayo. Leyo nyoka inejubane eliyisimanga.. Le Nduku ibuye yaziwe ngelikaSahlulambazo ngenxa yokuqina kwayo. NgesiXhosa kuthiwa uSintlwa, noma uMqogunja. AmaBhunu ayibiza nge Bosolienhout.. AmaNgisi ayibiza nge Black Ironwood. Le Nduku kubuye kuthiwe uMnqumo ngesiZulu. Inamagama athe ukuba maningana le Nduku….Uqinile lo muthi ingakho amaNgisi ewubiza ngeIronwood , i-Iron kushiwo insimbi. Lo muthi uyakhula impela ulingane nemithi efana noMnyamathi, iGobandlovu, iNgwavuma kanye neminye. Muhle kwezoKhuni lo muthi ..
Wenzani uMhlwazimamba?
Nina beSilo ixolo lale Nduku lihle kwezothando , liyathakwa eNdukwini yeSibambelelo .Lisetshenziswa kakhulu ngabantu besilisa , lenza uMame anamathele impela endodeni esuke imsebenze ngalo.Ayithande ngisho noma inganalutho -izihluphekela. Liyangena futhi nakwesoBusoka, iSoka elisebenzisa uMhlwazimamba liqonywa into engachazeki futhi izintombi zalo azililweli nokulilwela kwazise vele le Nduku yinhle kwiSibambalelo .. Insizwa esebenzisa le Nduku asikho isidingo sokuba yeshele, le Nduku iyazidonsa izintombi.Ngisho noma kungathiwa insizwa ayibukeki , noma iyazihluphekela kodwa uma nje iyisebenzise kahle le Nduku iqonywa yiSigodi sonke . Ixolo lale Nduku liyangena kwiZikhafulo zothando , liyangena eNdukwini yamaSoka emhlophe yokuphalaza, ligiya kakhulu noMusa , uVumakubangoma omhlophe , uNginakile , kanye neminye imithi emhlophe . ….* Ixolo lale Nduku kanye namacembe kunguMbhemiso wekhanda elingapheli , kuye konyise bese kuyagxotshwa kwenziwe uMbhemiso ekhanda. Amacembe asemanzi aye agxotshwe athelwe amanzi afudumele bese kuconsiselwa ehlweni noma emehlweni abuhlungu akhala izinyembezi. Impuphu yexolo kanye namacembe iye ikhothelwe umphimbo obuhlungu phecelezi sore throat .. Le mpuphu ibuye inanyekwe nasemanxebeni. Le Nduku yinhle nasekwelapheni izifo ezishobingisa igazi ezifana noBhelehaziya. Kuye kugxotshwe amacembe nexolo lale Nduku , bese kuyabiliswa -kwenziwe iMbiza ephuzelwa ukwelapha izifo ezishobingisa igazi . Le Mbiza yinhle nasekugezeni iSinye uma singcolile.
Khumu!
Niphile nina beSilo . Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu ………………
ngicela ungivezela isithombo esiphelele sale nduku. Uma ufuna ukwakha induku yoku thandeka nogazi ngingayi thàka naziphi izinduku