
UMthini
Nina aboTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazana! UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi ngeyawo Dambuza ka Ntombela ! #ISilo sakithi kwaNodwengu leso! ISilo uMpande ka Senzangakhona … Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo , cha , thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo lesi silwane enisibonayo sibizwa ngoMthini ngoLimi lwesiZulu.NgoLimi lwesiXhosa kuthiwa yiNtini . Yiyona kanye iNtini okubongwa ngayo inkosi uMzilikazi ka Mashobana yaBathwakazi uma kuthiwa “UNyama yeNtini yawoZimangele abathe bayayipheka abakaMalandela yagungubala kungayizolo nje igungubalele” .Kanti nesimo esihlangahlangene , esingahlelekile siye sichazwe ngokuthi “yiNhlakanhlaka amasimba oMthini” . UMthini uziphilisa ngokudla izinhlanzi , izinkalankala kanye nezinye izilwanyana ezihlala emanzini kwazise uMthini nawo uyisilwane samanzi, uyakwazi ukungena amanzini eSizibeni ucwile , utshuze , uzizingelele okuya ngase thunjini. UMthini ubizwa ngeOtter ngesiLungu , kanti lona owalapha kweleNgabade ubizwa ngeAfrican clawless Otter , noma Cape clawless Otter..
Wenzani -ke uMthini?
Amasimba oMthini mahle ekwelapheni ingane ebuyisa ngaphezulu. Aye athakwe neminye imithi kwezinziwe iMbiza ephuzwayo , eyelapha ingane eninkinga yokubuyisa ngaphezulu. Amafutha oMthini mahle eZigqabweni zesithunzi .Ayangena futhi nakwezodonsa.. Amasimba oMthini ayangena kwezokuhlakaza izitha ezikuhlanganyele. Aye agiye nemithi efana noChithibhunga , iKhathazo , uSiphahluka kanye neminye…Ayangena futhi kwezokuphindisa. UMthini uyangena nakwezokuqina .Uyangena futhi nakwezezitha.
Khumu!!
Niphile nina beSilo . Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu..