Umlando ngomculo we Hip Pop   (Rap Music)

UAfrika Bambaataa

Nina abakaBhusha ka Nayifi , uBhusha obukhali obhush’amadoda! UNcwadi zaphum’eMqulwini kuNina okaMathathela!! #ISilo sakithi kwaKhethomthandayo leso , iSilo uBhekuzulu Nyangayezizwe Cyprian ka Solomon . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade . Ngethemba nisaphila nina beNgonyama. Sisaphila thina kwaKhumalo. **Nina beSilo le Nsizwa eniyibona esithombeni uLance Taylor odume kakhulu ngelika Afrika Bambaataa, ubuye aziwe ngelika Kevin Donovan . Le Nsizwa ingenye yezinsizwa ezaqala uMculo we Hip Pop ngeminyaka yama -1970s . Umlando woMculo weHip Pop uveza ukuthi  ukudaleka kwalo Mculo  kunokuxhumana okukhulu noBuMongi noma uBuNkondlo bakwaZulu. Ngamafuphi singasho sithi iSizwe sikaZulu sithinteka kakhulu ekudalekeni kwalo Mculo weHip Pop obuye waziwe ngeRAP….*Kwalona igama elithi “RAP” limele ukuthi “Rhythm and Poetry” okuchaza ukuthi “ISigqi kanye noBunkondlo” … Kuthiwa lo Mculo waqambeka ngeminyaka yama-1970s ngemuva kokuba izinsizwa zaseMelika zivakashele eleNgabade, elakwaZulu, kuthiwa lezo zinsizwa zahlabeka uMxhwele ngendlela iziMbongi zakwaZulu zazihaya ngayo amakhosi akwaZulu ngaleso sikhathi… Kulezo zinsizwa kwakukhona noMfanyana omncane uLance Taylor , owagcina esezibizwa ngelikaAfrika Bambaataa, okusobala ukuthi wawuthanda umlando wenkosi noma ubuqhawe beNkosi uBhambatha ka Mancinza Zondi.  Lensizwa uTaylor yazalelwa eMelika, kanti abazali bayo babedabuka eJamaica…..Ezinye izinsizwa ezabandakanyeka ekusungulweni koMculo weHop Pop ngoDJ Kool Herc , DJ Disco Wiz , DJ Grandmaster Flash kanye nabanye. Zonke lezi zinsiwa zazalelwa eMelika kodwa iMvelaphi yabazali bazo yayise Caribbean , okungamazwe esingabala kuwo iJamaica, Aruba , Dominica kanye namanye.

Ukusunguleka kweRAP Music

Lona uMculo owaqala eminyakeni yama-1970s  endaweni yaseSouth Bronx ,eNew York City uqalwa noma ngithi usungulwa ngaBabhemu abansundu phecelezi Black Americans , abanye babo yilaba esengibalile ngenhla.Kuthiwa owayehamba phambili ekusunguleni lo Mculo  nguLance Taylor owaziwa namuhla ngelika Afrika Bambaataa . Le nsizwa esaphila nanamuhla , yazalwa mhla zingama 17 kuMbasa (April) 1957…UAfrika Bambaataa uneKhasi lakhe likaFacebook elibizwa ngokuthi yi-“Afrika Bambaataa”..Kulelo Khasi le nizwa ikhuluma ngezinto ezithinta uMuntu osundu. UMculi weHip Pop uJay Z uyalithinta igama lale nsizwa  engomeni yakhe uEmpire State of Mind uma ethi “”Afrika Bambaataa sh*t, home of the Hip Pop”” …………………….Ize uAfrika Bambaataa waqopha izingoma zeRAP ,  kodwa yena wagxila noma ngithi ugxile  kakhulu emsebenzini wobuDJ, umsebenzi esingawufanisa nokaDJ Khaled. Le nsizwa uAfrika Bambaataa yabuye yabandakanyeka futhi ekusungulweni kweQoqo noma iNhlangano yakhona lena kwelaseMelika ebizwa nge”Universal Zulu Nation” okuyiNhlangano egxile kakhulu ezintweni zabantu abansundu. UBambaataa waba uMengemali wale Nhlangano okwesikhathi eside impela , kodwa wagcina  ediliziwe  esikhundleni sakhe ngoba esolwe ngokunyukubeza ngokucansi . UMculo weHIP POP usudlondlobale kakhulu namuhla kangangokuthi nalana kweleNgabade baningi abawuculayo futhi bazenzela enhle imali ngawo. Ngingasho nje ngithi lo Mculo usuyatholakala emhlabeni wonke jikelele. Lo Mculo ukhumbuleka kakhulu ngokukhiqiza izinsizwa esazalala kobandayo- oTupac Shakur kanye noBiggie Smallz owayebuye aziwe ngelikaNotorious BIG .Ize lezinsizwa zazingaboni ngaso linye kodwa zaba negalelo elikhulu ekunyuseni izinga lalo Mculo . Ukungaboni kwazo ngaso linye kwagcina kudale esingakubiza ngeMpi phakathi koMrepha(abaculi beRAP) baseWestside kanye nabaseEastside . UTupac, owayemele iWestside , wayezwakala engenhla kwiMbangi yakhe uSmallz , futhi wayethandwa , eyiSilomo sabantu abansundu baseMelika kwazise iningi lezinhlamvu zoMculo wakhe zazizabalezela inkululeko yomuntu onsundu . Esingakuphawula ngoMculo wePAP wukuthi angeke uxoxe ngomlando wawo ngaphandle kokuthinta iNingizimu Afrika , ikakhulukazi uZulu, iNgabade ..


Khumu!!

Niphile nina beZulu eliphezulu. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi ngezithinta iNgabade

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo