Incazelo ngoMbizakayivuthwa   (Helichrysum platypterum)

UMbizakayivuthwa (Helichrysum platypterum)

Nina abeZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo uHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! IGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde , kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela .UThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambana nangezinyembezi !!#ISilo sakithi oNdini leso , iSilo uCetshwayo ka Mpande…  Enhla nasezansi ngethemba isaphila yonke iNgabade , cha , thina sisaphila kwaKhumalo *****Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMbizakayivuthwa igama layo , ibuye ibizwe ngoMgunya noma ngoMgunyaza. KwaNdebele bayibiza ngoHlokokayivuthwa.. Lena yiNduku engena kakhulu ezimbizeni zoMvusankunzi kanti ibuye ibe ngenhle intelezi engena ezindaweni eziningana…

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo le Nduku yinhle kakhulu ekuvuseleleni imizwa yocansi engasasebenzi, kubo bobubili uBulili. Iyakwazi nokugiya iyodwa vo . Iba mandla kakhulu uma isiqhathwe neziNduku ezifana noShisizwe , aMasethole kanye noNsukumbili noma nezimpande zoGobho. Le Mbiza yinhle kakhulu kwabesifazana asebefelwe yimizwa yocansi. Le Nduku iyakwazi ukugiya iyodwa kodwa akufanele iphuzwe kakhulu ngoba ingenye yeziNduku ezibulala isibindi njengeBhuma . Lezo ziNduku zimandla ngokweqile , akufanele ziphuzwe njalo. **Le Nduku uMbizakayivuthwa iyangena entelezini echela ikhaya , ixoshe imimoya emibi. Le Nduku iyangena kwezokubethela ikhaya . Le Nduku iyangena ezikhonkwaneni zezulu. Le Nduku iyangena kwezokugomela iSibhamu. Iyangena futhi kwezamacala , yenza icala livele liphelele emoyeni. Iyangena futhi entelezini eyenza uMakoti athandwe kakhulu yindoda uma eseSithenjini. Kanti nabo abaKoti babuye bagadlane ngayo eSithenjini.. Kuningi okwenziwa yileNduku….


Khumu!!

Niphile nina abakaMakhalima akhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela ! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!#ISilo uMpande leso , iSilo sakwaNodwengu..

 

#Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo