Incazelo ngeBohlololo lasoLwandle  ( Aptenia cordifolia )

IBohlololo lasoLwandle

Nina abakaSingquma khuluma bakuzwe umoya abasezitheni nabasemakhaya! UMancwaba weZwe lamaphethelo lona lincwaba ngeMikhemezelo! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!! #ISilo uDingane leso! ISilo sakithi eMgungundlovu…Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo . Nina beSilo kunomehluko phakathi kweBohlololo (lasoLwandle)kanye neGcukuma . Yebo zombili leziNduku ziseMndenini owodwa kodwa azifani.IBohlololo  lasoLwandle yileli elinamacembe avulekile , kanti iGcukuma lona amacembe alo amise okwamaChips..  IBohlololo lasoLwandle libizwa nge Aptenia cordifolia ngoLimi loSosayensi. Kanti iGcukuma elibuye laziwe ngoMgongozi lona libizwa nge Carpobrotus edulisi.. *IGcukuma sesachaza ngalo . Namuhla sizobheka imisenzi yeBohlololo lasoLwandle..

Lenzani iBohlololo laseLwandle?

Nina beSilo zombili lezi Nduku zinhle kakhulu ezinsizini zamaLumbo , kodwa iGcukuma yilona elimandla kakhulu kuleyo ndawo .IBohlololo lihle kakhulu ezifeni eziphelekezelwa yizilonda , kungaba yizilonda ezingaphandle noma ezingaphakathi esiswini – emaphashini kwehle njalo kuze kuyofinyelelwa ezinsweni nasesinyeni . Kuye kusebenze sonke isithombo , siye sigxotshwe bese sithelwa amanzi afudumele noma ashisayo kwenziwe iSiphungo esiyoshisa zonke izilonda ngaphakathi kusukeka emphinjeni impela kwehle njalo . Lesi Siphungo sivula umphimbo ovalekile , sishise nezilonda emaphashini senze umuntu akwazi ukuphefumula kahle. Sishise nje yonke into eyisilonda ngaphakathi. Amacembe eBohololo lasoLwandle aye agxotshwe bese ethelwa amanzi afudumele kugezwe inxeba noma isilonda  sesilwane noma esomuntu ukuze singonakali futhi sisheshe  sishe , some . Amacembe ale Nduku abuye abe mahle nasezinyweni eligulayo , aye amfimfithwe , umhluzi wawo uthi ukugcinwa kancane emlonyeni ngaphambi kokuba ukhwifwe  ukuze ubulale isilwane esiyiyona mbangela yobuhlungu bezinyo. Amacembe ale Nduku aye amfimfithwe futhi uma umuntu ephethwe yiPhika. Noma kuvele kwenziwe iSiphungo .Kuningi okwenziwa yile Nduku , iyangena futhi kwezokudonsa . Liyatshalwa nasekhaya ngenkolelo yokuthi lizodonsa ubuhle ..

Khumu!!

Niphile nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba omuhle kakhulu , uNdaba ngiyameba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle izinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo