
UMhlume ka Nhloyile
Nina abakaVezi kofa abantu kosala izibongo , yizona eziyosala zibadabula , yizona eziyosala zibalilela emanxiweni!! INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga!UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyofa uMdlebe kwaSoshangane #ISilo sakithi eMgungundlovu leso, iSilo uDingane ka Senzangakhona. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beSilo. Le Nduku eniyibonayo ibizwa ngoMhlume ka Nhloyile . NgesiNgisi ibizwa ngokuthi yiRed Mangrove , kanti oSoseyensi bona bayibiza nge Rhizophora mucronate. Lena yiNduku okungelula ukuba itholakale kwazise ayenqeni ukumila ngisho phakathi ekujuleni kwamanzi . Kanti nezinyoka zamanzi nazo zikhonze ukuhlala kuyo , nezinyoni eziyingozi ezifana neziNkozi nazo zivamise ukwakhela iZidleke zazo kuyo le Nduku . NoThekwane nawo ukukhonze kabi ukwakhela kuloMuthi. Le Nduku injule kakhulu , ingenye yeziNduku ezingakhiwa yonoma ubani, ineSiko layo lokukhiwa.
Yenzani le Nduku?
Nina beSilo le Nduku yinhle kakhulu ekukhuphuleni iDlozi le Nzuza okuyiDlozi laseManzini. Kuye kusebenze kakhulu impande kule Nduku, isikhathi esiningi ehlezi ivele obala. Le mpande ibuye ingene nakwezokuvika izitha, kuthiwa lo muthi uma uwusikaza ngento eyinsimbi uyavika , ushwabane njengeMbune .Le Nduku yinhle kakhulu nakwezokudonsa , iyangena eZibungeni zeBhizinisi. Le Nduku iyangena nasezimbizeni zokwelapha isisu esijuqayo esikhipha igazi. Le Nduku iyangena futhi nakwezokwelapha uMhluma . Impushana yale Nduku iyangena ezinsizini zamanxeba angapholi ngenxa yobukhunkuli .
Khumu!!
Niphile nina beSilo . Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi