Incazelo ngoMenembo

UMenembo

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela , iNkomo eyakhala khala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila!! #ISilo sakithi KwaDukuza leso , iSilo uShaka ka Senzangakhona. **Nina beSilo le Nduku eniyibonayo iwuhlobo lweNtuma olubizwa ngokuthi uMenembo . Kusebenza impande kule Nduku.

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo le Nduku ingena kakhulu eMabuthweni athunywa ukuyolwa . Iyangena futhi naklwezokucupha ithuna. Iyangena futhi le Nduku entelezini echela iziNduku zoMgangela . Iyangena futhi le Nduku naseMabhandeni okulwa. Le Nduku ibuye ingena kwezenzalo yabeSilisa , uma ngabe insizwa ifuna ukukhulelisa


Khumu.. !!

 

Niphile nina beSilo. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu…

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo