Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela , iNkomo eyakhala khala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila!! #ISilo sakithi KwaDukuza leso , iSilo uShaka ka Senzangakhona. **Nina beSilo le Nduku eniyibonayo iwuhlobo lweNtuma olubizwa ngokuthi uMenembo . Kusebenza impande kule Nduku.
Yenzani le Nduku?
Nina beSilo le Nduku ingena kakhulu eMabuthweni athunywa ukuyolwa . Iyangena futhi naklwezokucupha ithuna. Iyangena futhi le Nduku entelezini echela iziNduku zoMgangela . Iyangena futhi le Nduku naseMabhandeni okulwa. Le Nduku ibuye ingena kwezenzalo yabeSilisa , uma ngabe insizwa ifuna ukukhulelisa
Khumu.. !!
Niphile nina beSilo. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu…