INkalane (Aloe vera)

INkalane (Aloe vera)

Nina abaManda sithebeni lo  onjengeNsonyama ! ISikhukhulane sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha saye sayolahla eziNkwazini zoThukeka ! UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yiMhlambi yezinyamazane !! INkonyane ka Ndaba eyakhula beyizonda njengesiXhumu senyamazane!!#ISilo sakithi kwaNodwengu leso! ISilo uMpande ka Senzangakhona.. ##Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila . **Le Nduku eniyibonayo kuthiwa yiNkalane igama layo, nayo ingenye yeziNhlaba phecelezi ama-Aloe . Le Nduku kuhtiwa yi-Aloe vera ngesiLungu..

Yenzani iNkalane?

 


Nina beSilo iNkalane yinhle kakhulu kwezesikhumba , ihlanza isikhumba isenze sibe sihle, sibe buthakathaka futhi sibe bushelelezi. Kuye kugxotshwe ikhasi le Nkalane bese lihlikihlelwa noma ligcotshwa esikhumbeni somuntu esineziNduna noma esinoTwayi . Le Nduku yinhle esikhumbeni kangangokuthi ize ithakwe nakwiZigcobo , amaLotion. Ngicabanga ukuthi niye niyibone nina beSilo le Nduku ezithakweni zamanye amaLotion ibhaliwe kuthiwe Aloe Vera .Le Nduku yinhle nasekuvuleni iFindo lowesiMame uma liza kancane . Ayibiliswa le Nduku . Kuye kugxotshwe nje amaKhasi ayo bese kuthelwa amanzi kwenziwe iSiphungo sokuvula iFindo kowesiMama uma uMopho walo  uza kancane . Lesi Siphungo siyaphuzwa futhi nangumuntu ofuna ukwehlisa iNhlungwane noma uShukela emzimbeni. Amakhasi ale Nduku ayangena nakwezokuchathela ukuqinisa uBhoko lweSisu. Amakhasi ayo aye aqotshelwe lapho kuphuza khona izinkukhu ukuze kuphele inyongo kuzona

Khumu!

Niphile nina beZulu eliphezulu. Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko “Kholo Khumalo TV”

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo