
ICENA
Nina abakaZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu ! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! #ISilo sakithi eNaleni leso, iSilo uMdlokombane . Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo , ngethemba basaphila . Sisachaza zona iziNhlaba nina beSilo , phecelezi amaAloe , lolu hlobo lona-ke lubizwa ngeCena , kuthiwa yi-Aloe maculata ngesiLungu, noma yi-Aloe greenii.Lubuye lwaziwe ngeSoap Aloe ngoba luthakwa kakhulu ezithakweni zensipo zokugeza kwazise nalo luhle ekugezeni isikhumba njengeNkalane . ICena liyababa nalo kodwa hhayi njengeNhlaba enkulu.
Ibuye yenzeni -ke le Nduku?
Nina beSilo iCena nalo lihle kakhulu ekwehliseni iNhlungwane phecelezi i-Acid . Kuye kugxotshwe wona amakhasi lawa eniwabonayo, bese kuthelwa amanzi abandayo kwenziwe iSiphungo sokwehlisa i-Acid . Lesi Siphungo sibuye sihlakaze nenyongo uma ikhona siyikhiphe ngentuba engezansi. ICena lihle nasezinkukhwini njengazo zonke iziNhlaba, kuye kuqotshelwe amakhasi alo emanzini aphuza iziNkunkhu ukuze zelepheke uma zinomkhuhlane obangelwa ukwanda kwenyongo. ICena liyangena kwezokuchathela ukuhlanza iqolo, ukugeqa iqolo. ICena lingumuthi wenyongo , uma uthanda ungavele unxanxathe ikhasi lalo , bese ugwinya umhluzi. Amakhasi eCena ayangena kwezokuphalazela ukukhipha inyongo.. ICena liyangena kwezokuqinisa uBhoko lweSisu..
Khumu!!
Niphile nina beZulu eliphezulu .Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”