Incazelo ngoMoyawezwe   (Gerbera  piloselloides)

UMOYAWEZWE

Nina abakaMancwaba wezwe lamaphethele lona lincwaba ngemikhemezelo! Isela lintongande lawoBaleka lithabathe umshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni! USingquma khuluma bakuzwe umoya abasezitheni nabasemakhaya!! #ISilo sakithi eMgungundlovu leso , iSilo uDingane ka Senzangakhona!.. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMoyawezwe igama layo . NgesiLungu ibizwa ngeGerbera  piloselloides.

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo leNduku iyinkunzi  kwiMibhemiso yabaNgoma noThwasa , iMibhemiso yokubhula . ISangoma esidla le Nduku asishayi eceleni, sishaya ngqo emhlolweni.Kule Nduku kuye kusetshenziswe yona le nkashankasha yezimpande eniyibonayo.. KwiMibhemiso yokubhula le Nduku ivamise ukweqhathwa nobuchopho beZwangomoya(iNqe) noma ubeMpisi ,bese ujikijelwa neZiNduku ezifana noMkhondweni, oNgibonisele ,oNgqengendlela kanye nezinye. Le Nduku iwuBulawu iyangena eGobongweni elimhlophe . Nomuntu phaqa ongesona iSangoma uyayisebenzisa le Nduku. Le Nduku ikwenza konke , iyaphalaza , iyageza, iyagquma , iyakhafula iyangena nakwezokuncinda. Le Nduku iyalisondeza iDlozi kumuntu osuke ephalaze ngayo , ifana noMusa kanye neNingizimu.  Le Nduku yinhle nakwezokudonsa, iyangena naseZibungeni zeBhizinisi. Kanti namaSoka ayikhonze kabi le Nduku kwazise iyalwakha ugazi. Aye ayiqhathe nemithi efana noBhubhubhu , oFoshela , oQhume kanye nezinye iziNduku. Le Nduku uma uyiphehla ngothi lwePhahla ikhipha igwebu elihle elimhlophe qhwa. Kuyagezwa ngayo le Nduku nina beSilo , yinhle kabi kuleyo ndawo.. Le Nduku iyangena kwezokwakha inhlanhla.


Khumu!

Niphile nina beSilo. Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo