
IMPENDULO\UMPHENDULI
Nina abakaMandasithebeni lo onjengeNsonyama! UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!#ISilo sakithi kwaNodwengu leso , iSilo uMpande ka Senzangakhona. Enhla nasezansi ngiyabingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beSilo. Nina beSilo le Nduku le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMphenduli igama layo , ibuye yaziwe ngeMpendulo. Ngilibhalile igama layo leBotanical.
Wenzani uMphenduli ?
Nina beMbube impande yale Nduku isebenza njengoMaguqu, iguqula isimo esibi isenze sibe sihle ,ivula izindlela. Iyasiphendula isimo somuntu njengoba negama layo lizisho. Yinhle kakhulu nasekulungiseni iDlozi eselimoshwe aBakhunkuli. Iyangena emithini edliwa uma kugezwa aManzamnyama. Le Nduku yinhle futhi nasekuxhumaniseni abantu kanye neZinyanya , ifana nemithi efana noMqalothi , oMusa kanye neminye. Iye ishiswe kanye neMpepho ukuze basheshe basondele aBantabadala. Njengawo uMqalothi. Iyangena le Nduku kwezeNhlanhla. Iyangena le Nduku eGobongweni elimhlophe.UBulawa lobu nina beSilo. Iyangena kwezokufesa umsebenzi. Iyangena kwiZibunge zeBhizinizi. Iyangena kwezamaSoka . Iyangena futhi kwiMibhemiso yengane esheshe ilibale noma engezwa lapho uThisha efundisa..Impendulo iyangena kwezokhushulwa emsebenzini.Iyangena futhi kwezokufesa umsebenzi. Ingena ezindaweni eziningi le Nduku nina beSilo.
Khumu !
Niphile nina beSilo .Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”
camagu tata bulela ngolwazi ngisacela incazelo ngempida Ebomvu nemhlophe uthiku engabe isebenza ngendlela efanayo?