Umlando ngeLokishi lakwaMashu

KwaMashu eSTESHI

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! UDunjwa yedwa limkhandanisile! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma!#ISilo sakithi KwaDukuza leso. Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo, ngethemba nisaphila nina beNgwazi . ….Nina beSilo ake sibheke umlando ngeLokishi lakwaMashu , okuyiLokishi elisenyakatho. Elakhelene namaLokishi esingabala kuwo iNewlands East , iNewlands West, iNtuzuma kanye nendawo eyande aboHlanga lwaseNdiya iPhoenix.

KwaMashu .

Nina beSilo iLokishi lakwaMashu lingelinye lamaLokishi amakhulu eNingizimu Afrika. LikuNombolo 16 ohlwini lobukhulu bamaLokishi eNingizimu Afrika . KuNombo 1 kuhlezi iSoweto , elandelwa yiBotshwabelo yaseBloemfontein, kuze iKatlehing yaseGoli , besekuza uMlaza waseThwekwni kuNombolo 4 . *Kuthiwa indawo lapho sekwakhiwa khona iLokishi lakwaMashu kwabe kuyiPulazi loMoba likaSir Marshal Campbell . Kuthiwa uSir Marshal lona wayedume kakhulu ngelikaMashu okuyigama ayebizwa ngalo yiNdlu ensundu , ilisusela egameni lakhe uMarshal. Kuthiwa nePulazi lakhe abantu abansundu babethi kukwaMashu . UMashu lona wayengumNgisi waseScotland okuthiwa wayefike eneminyaka emibili nje kuphela lapha kweleNgabade. Kuthiwa wayefike ngowe 1850 ekanye namazali bakhe. Okusho ukuthi yena wayezalwe ngowe 1848 . Kwahamba kwahamba uMashu (Sir Marshal) wagcina eseyiSikhondlakhondla sikaSomabhizinisi okhiqiza uShukela, wagcina esenoDedangendlale wePulazi elalaziwa ngokuthi kukwaMashu, okuyindawo eseyaba yiLokishi uMashu namuhla, elibuye laziwe ngokuthi kuseSinqawunqawini. Lo Somabhizinisi uMashu wagcina eshonile ngowe 1917, washiya izingane zakhe esingabala kuzo uMargaret “Killie” Campbell , kanye noWilliam Campbell. Kwahamba kwahamba uMkhandlu weNyakatho yeTheku waqala ukuxosisana nezingane zikaMashu , mayelana nokuthenga iPulazi. Kuthiwa lezo zingxoxo zaqala ngowe 1948. Kwathi ngowe 1956 kwagcina kunyelwene-ke , lathengwa iPulazi. Ukwakhiwa kwaqala ngowe 1957 , abantu baqala ukuhlala ngowe 1959 . ILokishi lakwaMashu linabantu abangama 175 663 abahlala kulo(Population). Lakhiqisa oSaziwayo abaningi esingabala kubo uLeleti Khumalo (uMlingisi), uZakes Bantwini(uMculi) , uPius Langa (uMahluleli), uMzi Khumalo (uSomabhizinisi oneziMayini), uSiyabonga Nomvete , uSiboniso Gaxa, uSiyanda Xulu (bonke abangabadlali beBhola)


Khumu!!

Niphile nina beSilo . Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo