
UQONSI:
Nina abeNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! USihlangu simagqabha sinamanxeba! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu!!#ISilo sakithi eNaleni leso iSilo uMdlokombane……Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abeSilo. ***Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uQonsi igama layo.
UQonsi .
Nina beSilo uQonsi luthi alufane noBangalala , umehluko wukuthi amakhasi oQonsi amise okukudla koMkhonto acijile. Zombili lezi ziNduku ziseMndeni owodwa wezihlahla , kanti zombili zinhle kakhulu kwezokucija uBhoko lweSisu.**Kuye kusebenze izimpande kule Nduku uQonsi. Zinhle kakhulu ekucijeni uBhoko lweSisu. Ziye zonyiswe bese ziyagqulwa zibe yiMpuphu yokwenza iSiphungo noma iMbiza yokulola iMbazo. Le Mpuphu iye isebenze kahle uma uzoyidla ngobisi ekuseni , uyidle ngobisi olishisayo noma olufudumele. Kube sengathi udla amaCornflakes. Luhle uQonsi nina beSilo lushubisa isidonda. Luhle kakhulu ensizweni enenkinga yokungamumathisi. **Kanti uma ufuna ukulupha amandla uQonsi ungaluqhatha neziNduku ezifana noMasethole , uShisiswe , uNdabingehlele, uBangalala , uMdubu , izimpande zoMthunduka wenze iMbiza yakho yokucija uBhoko lweSisu. UQonsi luhle nakubantu besifazana ngoba luyasihlanza iSibeletho luvule nemizwa yokulangazelela uCansi.Luqeda nalokhu okuthiwa yi-Dicharge .Umuntu wesifazane luyamshobingisa akhiphe amanzi enephunga elingelihle ngokushobinga..Amanzi asuke eqhamuka eSibelethweni..
Khumu!!
Niphile nina beSilo . Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV.