Incazelo ngoKalimuzi ( Kalmoes ,Acorus Calamus)

UKALIMUZI:

Nina aboVava lwenkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu!UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! #ISilo sakithi eNaleni leso, iSilo uMdlokombane ka Bhusha ka Nayifi..  Nina beSilo le Nduku  eniyibonayo ibizwa ngoKalimuzi ngesiZulu okuyigama elisuselwa kwelesiBhuhu elithi Kalmoes. NgesiNgisi le Nduku ibizwa ngeSweet flag. OSosayensi bayibiza nge Acorus Calamus. Nina beSilo le Nduku ingeminye yemithi ebulala amagciwane , ebizwa ngokuthi ama-Antibacterial herbs. Le Nduku imila emaXhaphozini , noma ngaseMfuleni impela.

Wenzani uKalimuzi?

Nina beSilo kule Nduku kuye kusebenze kakhulu  izimpande.UKalimuzi muhle kakhulu kwezeMfiva ,  izimpande zale Nduku  ziyagquma zibuye zibe yiSiphungo soMkhuhlane ozwelisa amakhaza . ISiphungo sezimpande zaleNduku sibulala wonke amagciwane esifubeni, sibuye sishiye nezilonda ngaphakathi. Le Nduku yinhle kakhulu naseMagobongweni . Yinhle kakhulu  eMagobongweni akhuphula imimoya yasemanzini ikakhulukazi iNzuza. Le Nduku ibuye ibe yintelezi , iyathakwa kwezokuchela ikhaya, iyangena kwezokucupha ikhaya. Le Nduku uKalimuzi iyangena eNdukwini yokuqeda  umkhokha wokushona kwabantu ekhaya ngendlela engaqondakali. Le Nduku iyathakwa nasezimbizeni zesifuba esicinanayo.Phecelezi ezeAsthma…  Le Nduku yinhle kakhulu nakumuntu ohlushwa umzimba omubi, izinduna , amathumba njalo njalo. Kuye kuphekwe izimpande zayo ,zithakwe nezoMthunduluka , ezeNhlokoshiyane  kanye nezikaNsukumbili kwenziwe iSiphungo somzimba omubi.


Khumu!!

Niphile nina beZulu eliphezulu. Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo