Incazelo ngoBuvimbo (Withania somnifera)

UBuvimbo (iMpathaphatha)

Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! UVezi kofa abantu kosala izibongo yizona ezosala zibadabula yizona ezosala zibalilela amanxiweni! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! ……………ISilo uDingane leso, iSilo sakithi eMgungundlovu . Nina beSilo le Nduku eniyobonayo ibizwa ngokuthi uBuvimbo igama layo , ibuye yaziwe ngeleMpathaphatha .

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo lena yiNduku enhle kakhulu yokwakha uBulomo , ithandeka kakhulu insizwa edla le Nduku.AmaSoka ayikhonze kakhulu le Nduku , ayayithaka eNdukwini yawo emhlophe yokuphalaza , iNduku ibandakanya uFoshela , uBhubhubhu , uVumakubangoma omhlophe kanye nezinye iziNduku. Le Nduku ibuye igqume iphinde igeze igezele khona ukwakha uGazi. *Kule Nduku kuye kusebenze izimpande kwezokwakha uGazi. Le Nduku ibuye ibe yinhle kwezokusondeza iDlozi , ifana neNingizimu , uMusa kanye noMqalothi . Nazo lezo ziNduku zinhle ekusondezeni iDlozi. Liye limthande kakhulu iDlozi umuntu ophalaze ngale Nduku, limuphe nezinto. Nakhona kuye kusebenze izimpande. Iyangena le Nduku kwezokudonsa. Le Nduku yinhle futhi uma uzoyishisa kanye neMpepho eMsamo , yenza iDlozi lisheshe lesondele. Le Nduku iyangena kwezokucacisa amaphupho. Le Nduku ibuye ibe yiNtelezi , iyangena eNdukwini echela ikhaya ukuxosha imimoya emibi. Nakhona kuleyo ndawo kuye kusebenze impande. Impande yale Nduku yinhle nakwiSibambelelo . Izimpande zaleNduku ziyangena eNdukwini edliwa umuntu wesifazane onenkinga yokuchithekelwa yizisu. Ziyangena futhi eNdukwini yoMame abanenkinga yokungamukeli. UBuvimbo buyasigeza iSibeletho sikaMame zikhiphe konke ukungcola zikukhiphe ngokushobingisa uMame. Zivula yonke imithambo evalekile zivuse nemizwa. Izimpande zale Nduku kanye namacembe kuye kubiliswe kwenziwe iSiphungo sokuqeda uKhwantalala.

Khumu !


Niphile nina beSilo .Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo