Amaphupho okufanele ukhathazeke ngawo

 

Amaphupho okufanele ukhathazeke ngawo

1.Ukuphupha uphisana ngemali noma unika umuntu imali.

-Libi kakhulu lelo phupho ngoba uma uphupha uphisana ngemali kusuke kungabathakathi abasuke bathatha imali yakho noma izinhlanhla zakho.

2.Ukuphupha udla

-Libi kakhulu leli phupho ngoba uma uphupha udla kusuke kungabathakathi abasuke bekudlisa.Kubalulekile ukuthi uma uphuphe udla uvuke ngakusasa uphuze isiphungo sesigaxa seMboziso noma esoMbola weNtaba.

3.Ukuphupha ulunywa yinja esandleni noma esihlakaleni

-Libi kakhulu lelo phupho ngoba lisho ukuboshwa.Kungenzeka kube nguwena osuke uzoboshwa noma kube yisihlobo esiseduze esisuke sizoboshwa.

4.Ukuphupha uzama ukunyuka endaweni ekhuphukele kodwa uhluleka ukuphuka

-Liyabheda lelo phupho lisho ukuthi noma yini osuke uyizama ngaleso sikhathi isuke ingezukulunga.Kwesinye isikhathi liye libe ukuzama ukuwela umfula ongenamanzi kodwa kungafinyeleleki ekugcineni kwawo.

5.Ukuphupha inyoka enamakhanda amabili

-Libi kakhulu lelo phupho lisho isifo esisuke sikwenzeka emndeni,noma kumngane osondelene naye.

6.Ukuphupha uphiwa imali bese kuba khona okwephucayo

-Kuhle kakhulu ukuphupha ucosha imali noma unikwa imali.Kodwa kuye kube kuhle uma uze waphaphama usayiphethe leyo mali ephusheni,akufanele kube khona okwephucayo leyo mali.Kuye kube kuhle uma uze waphaphama usayiphethe leyo mali.

#Ziyaqhubeka lezi zincazelo

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo