Incazelo ngoZekani(Polygala hottentotta)

UZekani.

Incazelo ngoZekani(Polygala hottentotta)

Nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.UNomakhwelo iNgonyama,uHlanya olusemehlweni amadoda. IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma.Nina beSilo ngiyanibingelela nonke enhla nasezansi.Ngethemba basaphila bonke abeZulu eliphezulu kungumhla weshumi nezikhombisa kuMbasa{Ephreli} onyakeni ka 2023.Cha,thina sisaphila eMantungweni.

UZekani

Nina beSilo lobu tshani enibubona esithombeni kuthiwa uZekani igama labo,bungumuthi wezintombi,umuthi wokweshela lona. BuyiSiqomiso esinzima kabi uma sisetshenziswe kahle,ngendlela efanele.Kusebenza impande kanye nabo uqobo.NgesiXhosa uma kukhulunywa ngokuzeka kusuke kukhulunywa ngokushada, ngakho-ke lo muthi igama lawo uShadani kahle-hle.Kanti uma ubuka igama lalobu tshani leBotanical name lino”Poly”ukuyizinhlamvu ezitholakala egameni elithi “Polygamy”elisho isithembu.Umuthi wothando lona , ziyawazi izinsizwa ezingamaSoka.Lo muthi wenza insizwa ibe yinhle kakhulu entombini,wenza insizwa ithandwe yintombi kangangokuthi kuze kweshele yona intombi yeshela insizwa.Uyagquma lo muthi,uyageza uyaphalaza,uyangena kwiZikhafulo nakwiZiphephetho.Uyakwazi ukugquma ngawo uwodwa vo,uma usugqumile thatha ingxenyana yamanzi obukade ugquma ngawo uyoyichitha endleleni lapho intombi osuke uyigaqele yejwayele ukudlula ngakhona,bese emva kosuku noma ezimbili uyoyeshela leyo ntombi uzosibona isimanga. Iyovele ithambe ibe nomusa kuwe ongakaze uwubonwe, ngisho noma ibikade inolaka ngaphambilini luvele luphele lonke ulaka.Kwesinye iskhathi kuba yiyona egcina ifike qathatha kwenu isizokufuna.Uma ugquma usebenzisa bona utshani kanye nezimpande.Le Nduku iyangena naseNdukwini yamaSoka yokuphalaza,iqhathwa nemithi emhlophe oNhlanhlemhlophe,oFoshela ,oZeneke,Musa njalo njalo.Impande ibuye ixutshwe noMlomomnandi ihlafunwe kuhle kukaShaphisi lapho iSoka lizokhuluma neNtombi .Noma ngabe insizwa ibisiyeshele kangakanani intombi kodwa uma isebenzise uZekani intombi ivele ibe nothando ensizweni.UZekani awukho lula ukutholakala kwazise utholakala kuphela uma kusehlobo lina, ene umila phakathi kobunye utshani okwenza kube lukhuni ukuba ubonakale.UZekani uyangena nasemithini yogazi,uyagquma,uyakhafula, uyageza uyaphalaza.

Khumu!

Niphile nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu.Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande.

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo