
ISiqunga sikaTikoloshe
Incazelo ngeSiqunga sikaTikoloshe(uPhalabashimane)
Nina abakaMakhalima akhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela.UNowela muva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni.ISilo uMpande leso.Enhla nasezansi ngiyazibingelela zonke iziNgabade, ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu,cha sisaphila thina eMantungweni.Nina beSilo le nduku eniyibonga ibizwa ngeSiqunga sikaTikoloshe,noma iSiqunga sentaba,noma ngoPhalabashimane okuyigama lesiSuthu elihumusheka ngokuthi “Yehlula abafana”,le Nduku ibuye yaziwe ngeSiqunga sehlathi.Le nduku ibizwa ngeSiqunga sikaTikoloshe nje kuyingoba iyinhle kakhulu kwezokukhipha isilwane.Kahle -hle ibuye ibe yintelezi.Kuye kusebenze isigaxa kule Nduku.
Wenzani uPhalabashimane?
Le Nduku imandla kakhulu kwezokususa amathanzi amabi,inamandla amakhulu kangangokuthi iyakwazi nokusebenza iyodwa vo ingelekelelwa nduku.Iyagquma iyageza kanti iphinde ingene nakwezokuphalaza.Yinhle nasekukhipheni isilwane,izichitho kanye nazo zonke nje izinto zabathakathi.Ibuye isebenze kakhulu nakwezithinta inzalo yoBaba,yinhle kabi kulabo abangakwazi ukukhulelisa. Iyangena ezimbizeni zenzalo,kanti iyakwazi futhi nokusebenza iyodwa vo.Gxoba isigaxa sayo ebese uyasibilisa wenze iSiphungo uyosiphunga uma uzoyohlangana noMlingani wakho.Uma uthanda ungayithaka nemithi efana noShisizwe,aMasethole,uMdubu,uQonsi kanye neminye.Le Nduku ibuye itshalwe nasekhaya,ixosha imimoya iphinde yakhe isithunzi ekhaya.Le Nduku iyangena kwezokuphalazela ukwakha isithunzi kanye nokuthandeka,iyaphalaza,iyagquma iphinde igeze.Le Nduku iyangena kwezokuqina, iyangena futhi eMabuthweni,iyangena kwezokukhipha isilwane.Isithombe sale Nduku sithathwe kuFacebook ka Mkhulu uMntambo Gigaba.
Niphile nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu.Vakashela uYou Tube uhtole olunye futhi ulwazi
Khumu.