Incazelo ngeNyandezulu
Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhula umlilo eNdulindwe ububaswe uMantshonga beGqelebana ngethemba nisaphila nina beSilo.Lolu hlobo enilubonayo lubizwa ngokuthi yiNyandezulu.Uhlobo lwenyoka olungenalo nhlobo ulakwa lolu.Futhi lolu hlobo lwenyoka alunabo ubuthi,ngisho noma lungaluma umuntu akafi futhi akaguli.INyandezu abantu abansundu bayithatha njengenyoka yeDlozi,bayithatha njengeDlozi uqobo kwazise vele ukuze amaDlozi abizwe ngeziNyandezulu kususelwa kulo lolu hlobo lwenyoka.INyandezulu iyathanda ukusondela kubantu futhi inomusa kakhulu ayinalo ulaka kangangangokuthi ungayibamba nangasandla njengoba nibona esithombeni lomuntu wayeyibamba ngesandla.Kuthiwa uma ike yabonakala ekhaya iNyandezulu kusuke kuvakashe abantu abadala bakulelo khaya futhi isuke ize kuyena kanye lona osuke eyibone kuqala.Ngakho-ke akufanele ibulawe.Kufuneka kuphiswe utshwala kuhlatshwe neSiphongwana seMbuzi kuhlatshelwe abantu abadala.INyandezulu uma kwenzeka ihlaselwa ekhaya iye ingawasusi amehlo ayo kulowo muntu osuke eyibone kuqala.Lena inyoka evamise ukubokala ophahleni lwendlu,noma ezintingweni.INyandezulu iyavela ezibongweni zenkosi uZwide uma kuthiwa “ezinyokeni ufana nayiphi na?ufana neNyandezulu”.INyandezulu ibizwa ngokuthi yiPhilothamnus semivariegates noma Spotted Bush Snake ngesiLungu.Lolu uhlobo lwenyoka oluhlakaniphe kakhulu oluhlezi lugijimisa amehlo phecelezi high alert snake.Luphila ngokudla izibankwa kanye nezinye izilwanyana.INyandezulu iyagibela ezihlahleni ngokushesha okukhulu futhi nasemanzini yinhle kakhulu ekutshuzeni uma isibamba amaXoxo.INyandezulu inyoka ehigh alert nokho iyashesha ukujwayela abantu uma isibonile ukuthi abanabo ubungozi kuyo,kangangokuthi abanye baze bayifuye nasekhaya.INyandezulu akuyona iGreen Mamba.
Niphile nina beSilo.Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi @kholokhumalotv
Mhlonishwa.
ngith angibuze la ngiqeda kubona inyandezulu la edlin manje amandla asemafishane ukuthi ngithole isphongwana ngiShswe utshwala. ngingenza kanjan Mhlonishwa ngisize.
Makwande Mashobane Siyabonga kakhulu ukusazisa
ngicela ukubuza ngake ngaphupha engathi ngisemfuleni nomama oyisangoma nendoda nayoeyisangoma kwakungathi ngigqoke izinto zezangoma bathi ngiguqe etsheni pa
hakathi emanzini ahambayo wase ephahla lomama ebiza something khona emanzini lomama kwakungathi uwugobela walendoda lendoda yona iwugobela wam,waphahla lomama until kwavela unyandezulu phakathi emanzini wamisa ikhanda wangbuka emehlweni wabonga lomama ephahla wase ecela kunyandezulu waphenduka wabuya ngomsila phezu kwalelitshe engangiguqe kulo washaya ngomsila wakaka wabonga lomama wabe esesithela unyandezulu wathi lomama kulendoda mcake yase ingicaka lendoda ubuso bonke sahamba Saya ekhaya kithi mangiqhamuka bajabula bakikiza engathi kunomcimbi wam wokuphothula ngaphaphama,ngiyacela ningihlaziyele angithokozole and azange ngenze lutho after lokhu coz ngangenalwazi kodwa angsona isangoma ngyabonga kakhulu