
IHlalanyosi
Incazelo ngeHlalanyosi
Nina bakaMandasithebeni lo onjengeNsonyama,uNowelamuva wawoShaka.UMdayi sabela kweliphesheya,uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni.USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo.Ngethemba basaphila.Sisaphila thina eMantungweni.Nina beSilo le Nduku eniyobonayo ibizwa ngokuthi yiHlalanyosi,iqhakaza izimbali ezithandwa izinyosi.
IHlalanyosi
Kule Nduku kuye kusetshenziswe sonke isihlahla kanye nezimpande zaso.Siye sonyiswe bese siqotshwa , ngaphambi kokuba sigqulwe silungele ukusebenza.Umqotho waso uyangena kwezenhlanhla,uma ufuna ukuba nenhlanhla,Kungaba yinhlanhla yemali,noma eyezintombi,noma eyekuthandwa nje.Impuphu yale Nduku iyangena emithini egcatshelwa ezandleni zomuntu ukuze abe nenhlanhla yemali.KwiZigqabo.Iye iqhathwe nemithi efana noSifumbathi kanye neminye imithi.IHlalanyosi liyangena ezigubhini zokudonsa.KwezamaBhizinisi.Lihle futhi nakwezokuvula inhlanhla uma ivalekile ivalwe abathakathi.Lihle eMagobongweni,uma ufuna ukuthandwa iDlozi likuphe izinto.Liyangena futhi kwezokuthandeka,ayalazi amaSoka.Lihle impela kwezogazi.
Khumu!
Niphile nina beZulu eliphezulu.Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu u@kholokhumalotv
Mashobane siyabingelela
Utholakala kanjani Mashobane uma ngifisa ukuzokubona ngokuthize 🙏.
Regards
Khethani Shange