
UTop 10 wamaphupho abika inhlanhla
Nina beSilo nanka amaphupho abika inhlanhla futhi angavamisile ukushaya eceleni. Lezi nhlobo zamaphupho engizozibhala ngezansi zingamaphupho angavamisile ukuphushwa abantu , aziwona amaphupho ejwayelekile.
1.Ukuphupha udoba izinhlanzi futhi uzibamba
-Lokho kubika enkulu inhlanhla nina beSilo , uma kukhona into oyihlanganisayo noma oyizamayo isuke isizolunga leyonto. Lisuke selidumela eMasumpeni.
2.Ukuphupha iMvu emhlophe
-Inhlanhla enkulu leyo , iMvu isilwane esingaveli siphushwe nje yinoma ubani. Kuye kube kuhle kakhulu uma uphuphe izinyane layo elimhlophe uze uphaphame usaliphethe.
3.Ukuphupha iHhashi
-Nayo inhlanhla enkulu leyo,nalo iHhashi akukho lula ukuthi livele liqhamuke nje emaphusheni abantu.
4.Ukuphupha uMhlengikazi (Nurse)
-Ukuphupha iNesi lifake uMfaniswano walo omhlophe qwaba kubika enkulu inhlanhla.
5.Ukuphupha unikwa imali ekhanyayo
-Ukuphupha unikwa imali ekhanyayo kubika enkulu inhlanhla .Kufuneka uze uphaphame usayiphethe. Uma kuqhamuke umuntu kulelo phupho wakwephuca kusuke kubika ukuthi bagcine beyithathile abathakathi , noma izitha zakho. Futhi akufanele uphuphe kunguwe ophisana ngemali ,kubi kakhulu lokho ngoba basuke beyithatha.
6.Ukuphupha umuntu ophazamisekile engqondweni
-Inhlanhla enkulu leyo uphupha ubona uhlanya noma uxoxa nohlanya. Kahle-hle nokuthandwa nje ngabantu abaphazamisekile engqondweni kuhle kakhulu lokho ngoba kusho ukuthi usuke unenhlanhla yakho nje yokuzalwa.
7.Ukuphuma uSwidi noma amaSwidi
-Ukuphupha amaSwidi kubika inhlanhla kodwa akufanele uphuphe uwadla ngoba uma uphupha uwadla basuke bekudlisa abathakathi.
8.Ukuphupha iNkosazana yamanzi
-Ukuphupha ubona iNkosazana yamanzi kubika inhlanhla enkulu ezayo.Kufana nokuphuma odoba oFishi futhi ubabamba-inhlanhla enkulu ezayo leyo.
9.Ukuphupha unethwa yiMvula
-Kubika inhlanhla enkulu lokho. Kuwuphawu lokuthi izingqinamba ukubukade unazo empilweni usuzinqobile.
10.Ukuphupha uwela umfula uze ufinyelele ngaphesheya
-Kubika inhlanhla ukuphupha uwela umfula uze ufinyelele ngaphesheya. Akufanele uphapha usephakathi nawo uhlulwa amanzi. Kufuneka uwuwele impela ufike ngaphesheya. Lokho kubika ukuthi usuzinqobile izingqinamba obubhekene nazo. Kwesinye isikhathi kuye kube ukuphupha ukhuphuka indawo ewumnqansa . Nakhona kuye kube kuhle uma uzogcina usukhuphukile impela wafika lapho obufisa ukuya khona. Akufanele uphaphame usalwa nalowo mqansa .
Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”.
makwande Mashobane Siyabonga kakhulu izandla zedlula Mina