
…
Incazelo ngokuzalwa wembethe
Esizweni sakwaNtu kunesimo lapho ingane izalwe igaxile. Kungaba eyakwaZulu, kwaXhosa, kwaNdebele kwaMthwakazi noma kwaNgwane. Le ngane izalwa yembethe into esamhlwehlwe enamafutha, leyo ngane iyingane yenhlanhla.Le ngane iyigugu labaphansi. Le ngane idinga nje ukunakelelwa okuhlukileyo, kungenzeka ukuthi izalwe nomoya wamaNdiki namaNdwawe. Ingane ephiwe umsebenzi abaphansi. Izoba isicebi iphiwe isipho esikhulu. Ingane ekhethekile lena, eyahlukile kwezinye izingane. INdiki wumoya wedlozi langasothini lukaBaba, lithanda ukutetema uma seliqathaniswa neNdawe okuwuyidlozi langasohlangothini lukaMama.Uthi engabeletha owesimame, labo abamubelethisayo bahlukanise lo mgaxo nomzanyama. Lo mgaxo uyaqashelwa (wonyiswe) ngoba uyimpilo yale ngane . Kuyaye kuhlatshwe imbuzi emhlophe qwaba, kubongwe oGogo noMkhulu ngesipho esihle abathe basipha lomndeni (waleyo ngane). Uma ingane ezalwe nalo mgaxo igula kuyaye kushiswe impepho emsamo kufakwe kancane lo mgaxo wakhe. Esikhathini esiningi uGogo wengane uyawuqotha nxa sewomile awubeke kahle eshungwini elisuke lakhelwe wona lo mgaxo (hhayi elikaGwayi). Ukuwandisa nje kuyaye kuthathwe umhlwehlwe wembuzi ayihlatshelwa uxutshwe nalona owengane ukuze phela umgcine impilo yakhe yonke lo mntwana. Uma usuya ngasekupheleni kuyaye kubulawe enye futhi imbuzi emhlophe, nayo umhlwehlwe wayo uxutshwa nalona nomgaxo wengane. Kuyacaca ukuthi empilweni yale ngane ziba ningi izimbuzi ezihlatshwayo, ayibi yodwa. Lo mntwana ufana nse newele. Ubuthaka njengewele ikakhulukazi emimoyeni.Lo mntwana noma esuka ekhaya eyosebenza ushiselwa wona lo mgaxo. Uma kungenjalo angawufuna aze abuye engawutholanga umsebenzi. Eqinisweni uphathiswa okumuntu onamaNdiki namaNdawe. Yonke into yakhe iyabikwa.Uma le ngane kuyingane yentombazane, kuyabikwa uma isiyogana. Yenzelwa umsebenzi kuhlatshwe imbuzi emhlophe kubikwe koKhokho bayo ukuthi ingane isiyahamba. Kungenjalo angeke iwuthokozele umendo kuyoba kubi impela, mhlawumbe kuvaleke nenzalo.Uma ingane ibelethelwe esibhedlela labo abasuke bephelezela lowo uzobeletha kudingeka ukuthi bawucele umcebo(umgaxo) wengane baye nawo ekhaya. Kukhona abathi aBahlengikazi(oNesi )bayaweba lo mgaxo kodwa mina angikukholwa lokho ngoba phela lo mgaxo usuke uxhumene namadlozi aleyo ngane zwi! Hhayi awakweminye imizi. Awukwazi ukuthatha umgaxo wengane yakwaKhumalo uyowusebenzia enganeni yakwaSigodo. Abantu abangaweba kungaba oBabekazi baleyo ngane ezalwe yembethe bayowusebenzisa ezinganeni zabo.Izimpawu enganeni eyazalwa yembethe kuba amaphupho amahle. Iphupha imvu emhlophe qwa, nokuyiphupho elibika enkulu inhlanhla. Okunye kuba ukubona izinto ezingabonwa abantu abejwayelekile, njengokubona iNkosazana yamanzi, ukubona impunzi izala noma yenyisisa izinyane layo emini bebade . Olunye uphawu olukhulu kuba uMhlazi. UMhlazi umunwe wesithupha lona oseduze noCikicane. Nomuntu onoMhlazi ubizwa ngalo igama elifanayo , kuthiwe naye unguMhlazi. Umuntu onoMhlazi uyachumisa, yonke nje into ayithintayo iyachuma idlondlobale. Ingakho uma kuzotshalwa amathanga, uyaye abizwe umuntu onoMhlazi kuthiwe akazoncweba imbewu. Ahlanza indlela engekaze ibonakale amathanga atshalwe uMhlazi. Ezikhathini zakudala kwakuthi uma izinkomo zingadi ekhaya elinengane enguMhlazi, kukhethwe iguqa linikwe leyo ngane enguMhlazi. Empeleni kusuke kungekhona ukuyinika , kepha kusuke kuyisu nje lokwandisa imfuyo kulelo khaya. Kwesinye isikhathi kwakuba yimbuzi , uMhlazi wakulelo khaya wawunikwa izinyane ngenhloso yokuzandisa lezo mbuzi. Uma kuwukuthi kuleli khaya ayikho ingane enguMhlazi kwakucelwa eyakomunye umuzi , ibizwe izokhonjwa lelo guqa , noma lelo zinyane -ikhohliswe kuthiwe ngelayo. Yonke nje into ethintwa uMhlazi iyachuma , idlondlobale, ngaphandle-ke uma kuwukuthi kukhona ubukhunkuli obenziwa kuleyo ngane. Kuyenzeka kodwa ukuthi umuntu ingane ibe noMhlazi kodwa ibe ingazalangwa yembethe, kodwa iningi nje labantu abazalwa bembethe banawo uMhlazi.Ingane ezalwe yembethe ichazeka njengengane yekhethelo , ebalulekile, eyigugu. Uma konke kwenziwe kahle, le ngane iceba kakhulu ngendlela eyisimanga. Abantu baze bathi inomuthi kanti cha yazalwa igaxile.Uma kuwukuthi lowo mhlwenhlwe wengane walahleka kuyaye kuhlatshwe imbuzi emhlophe qwaba kukhishwe umhlwehlwe wayo uthathe isikhundla somcebo(umgaxo)wengane. Kuyaye kushiswe imphepho kubikwe kwabadala abangasekho, kushwelezwe, baziswe ukuthi umcebo wengane walahleka, awusekho. Njengoba bengishilo ukuthi iNdiki idlozi elitetemayo. Ngakho-ke kuyenzeka ukuthi imiphumela ingabi mihle. Kuyaye kudingeke nokuthi umndeni uye kobhula uzwe ukuthi abaphansi ngabe bathokozile noma cha. Ngamafuphi nje bakwethu impilo iba lukhuni kakhulu enganeni ezalwe yembethe uma kulahleke ingubo yayo.
Pho yenzelwa kanjani imbeleko lengane?
Pho yenzelwa kanjani imbeleko lengane? abazali abakashadi…nabo abazali bazalwa ngaphandle ko mshado…unina wengane akaze enzelwe imbeleko…kodwa ubaba wengane wenzelwa imbeleko yakubo koyise.?
Ngicela ukwazi manje ingane zibelethelwa esibhedlele ungazi kanjani ukuba ingane izalwe yambethe Uma o nurse okanye udokotela bangakujelanga.
ngiyabonga
Radebe
072 272 7401
Thank you so for this information 🙏 😭
ngentlantla mina ngaawuthola kweyam ingane
Mntungwa inutile le nkcazelo ngokuzalwa wambethe kweliya lase Mpuma Koloni abaninzi abazi ngokubaluleka kwayo la ngubo . Mina ngazalwa prematurely yaye a prophet told me I was born nayo ingubo kodwa ababelethisi baganga nje ngayo. My life is not all complete yes am trying but not where I should be.
My Boy and Girl bazalwa bembethe eka Boy yebiwa esibhedlela ngoba ooNurse banikwa entle imali ngabelaphi xa beze nayo. Intombazane yayifumana ndayomisa sumgeza ngayo kodwa yadliwa ngaMagundwane . umntu wayo uneempawu zokuba uzothandazela abantu . Boy nokuba ulele uyakwazi ukuphendula ngqo okubuzayo . Xa bevukwe zingqondo zabo abafuni mntu njengam ndiyabathanda abantu kodwa ndinokudikwa . omnye uMamprofethi osebenzisa Isintu wathi kufanele ayondigeza ukuvula Iwele lam elemka nayo la Ngubo ngokuthi xa uzalwa nengubo liwele lam elite alalunga lona . Ndiyabonga izandla zidlula ikhanda ngale nkcazelo Mzilikazi kaMashobane indinika umhlahlandlela wokufanele ndikwenze .
Wena weSilo siyathiokoza