Incazelo ngoDabulamafu  (iPhindemuva \Cyanotis speciosa)

Incazelo ngoDabulamafu  (iPhindemuva , Cyanotis speciosa)

Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yadeda amadoda.INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga. Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo, ngethemba basaphila. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uDabulamafu igama layo, babuye bayibize ngeNkomba noma ngoPhindemuva. Kule Nduku kuye kusebenze isigaxana sayo esimise okwesibungu esaziwa ngokuthi yi-Thuku. Intelezi enamandla lena nina beSilo engena ezindaweni eziningana.

Yenzani le Nduku

Nina beSilo le Nduku inamandla amakhulu kwezokuphindisa . Iyangena kwezokucupha ithuna lomuntu ofe ngokubulawa. Iyangena kwezokuphindisa aManzamnyama , iyingozi kakhulu le Nduku kuleyo ndawo -ikakhulukazi uma igiya noQeduhlobo (UMuzi owawulapha wayangaphi), iSibhaha kanye nezinye iziNduku. Le Nduku ibuye ingene nakwezokucupha abakhunkuli ekhaya. Iyangena nakwezokucupha umuntu wesifazane uma exegelwa yisimilo.Uyingozi kuleyo ndawo ngoba uyalibulala iShende.  Isigaxa sasele Nduku sihle kakhulu enganeni encane ehlushwa inkinga yenkaba, ingane esanda kuzalwa. Siye sibiliswe isigaxa sayo le Nduku bese siphuziswa leyo ngane ngeTea spoon.

Khumu.

Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “@kholokhumalotv”

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo