IZAGA: Eziphathelene nokwenza okungenakuba nampumelelo.
-(Isaga)
*(Incazelo)
-Wophotha intambo ende eyifike ezulwini
*Noma ungathi uyayibalekela imigilingwane yakho wovele utholwe nje
-Uyoze ubambe utalagu ngesandla
*Wenza okunganambuyiselo, into engeke ifezeke
-Umpheki udla intuthu
*Ophekayo uvama ukugcina ngakho ukupheka ngoba kuthatha kuphele ukudla yena engakadli, kokunye engabe esathanda nje ukudla , kumhlale enhliziyweni. Umbeki weNkosi akabusi
-Ngafika kwaMabuya lapho kudliwa amazala ophoko
*Ngaze ngaluhambela ubala!
-Uxamu ubambe udwala
*Usebambelele ezeni nje, naye kasazi akwenzayo
-Woze ufike kwaMgaduli, kwaMbilamhlophe
*Lento oyenzayo ngeke ilunge ngisho nanini
-Wobe uyakwazi ukuphuma nomlilo emanzini
*Ngeke iphumelele lento oyenzayo, ngabe uhlakaniphe ngempela
-Woze ubuye Thekwane ndini
* Iyoze ibonane!
-Woqhotha uze ufike kwaMtshekula
*Udlala ngokwenza , ngeke uphumelele
-Uyoncinda uthi lomkhangala
*Isiqalekiso. Noma lapho uya khona ziyokulandela izinhlupheko
-Woqhotha ulandele abakohlakula
*Lento oyenzayo ngeke iphumelele
-Wobuya nequbu likaNogwaja
*Uzihlupha ngeze nje ngoba ngeke uphumelele
-Wopheka kuze kuqhakaze uNongidi
*Udlala ngesikhathi sakho , lento oyenzayo ngeke ilunge nanini
-Imamba emnyama kayinakuphuthunyelwa
*Ngeke uze uyivike leyo ngozi, imizamo yakho ilize nje
-Akukho lapho kuphekwa ngamaseko amabili
* Izwe lonke liyefana. Naphambili lapho uthi ubalakela khona uyofica kufana nje
#Khumu!