Incazelo ngemithi eyizintelezi

Incazelo ngemithi eyizintelezi

 

Nina beMbube eshoba liyisilikithi u-Hlamvana bhul’umlilo eNdulinde !

Uma kukhulunywa ngemithi eyizintelezi kusuke kukhulunywa ngemithi esetshenziswa kakhulu emacaleni , ezimpini , emngangeleni , enqineni , ekuqedeni amalumbo , ekuvikeni impahla yomuzi- kungaba imfuyo noma kube wukuvikela umphezulu. Ngakho-ke esikhathini esiningi le mithi kuye kugezwe ngayo , kuchelwe ngayo ,  ibithele ikhaya, itshalwe ekhaya noma imfimfithwe nje ebese iyaphinyiswa , akuvamisile ukuthi le iphuzwe. Kodwa eminye yayo ibuye ingene nasendukwini yokuphalaza , njengesiqunga nje siyangena impela ekuphalezeni , kodwa sibuye sisebenze nje ntelezi. UGebeleweni nawo uyangena kweyokuphalaza kanti futhi ubuye ube yintelezi . Kwenye inkathi le mithi izinyanga nezangoma ziye ziyibize ngamagama athe phecelezi ngenhloso yokudida abanye abalaphi bendabuko. NjengeSiqunga nje kwezinye izindawo alaziwa igama elithi ‘isiqunga’ , kwaziwa elithi ‘utshani bezwe’, kanti noVuma omhlophe kwezinye izindawo ubizwa ngokuth yiNkatha noma yiSikhwili. Inhloso nje kusuke kuwudidana nje .  Ake sibheke eminye yemithi eyizintelezi , ngizothi nje kancane phezulu kuhle komuntu ekha amasi

Izintelezi

-{Umuthi }

*{Incazelo}

-Umpikayiboni

*Izimpande zalomuthi ziyangena ezithakweni zokuchela insizwa uma iyongcweka emgangeleni, nasendulo izimpande zalomuthi bezingena ezithakweni zokuchale amabutho ngaphambi kokuba aphume aphikelele empini . Kanti futhi impande yalomuthi ibuye ingene nasezithakweni zemithi yokuvimba umphezulu ukuba ungangeni ekhaya, isikhathi esiningi kulenduku iyaye ingasali inyoni iNsingizi\iNgududu

-Isweli

*Ubaluleke kakhulu lomuthi , lapho utshalwe khona akungeni nyoka, iphunga lawo livele liyixoshe isekude. Ubuye ungena nasendukwini yokuchela kuxoshoshwe omoya ababi.

-IKhathazo

*Lo muthi abantu abaningi bawazi ungowokuphalaza , ngoba kunenkolelo ethi uyayikhathaza imbangi, kungaba ngobanga nayo intombi , isikhundla emsebenzini njalo njalo . Kodwa ubuye ungena endukwini yokubethela ikhaya , kanye neyokuziqinisa wakhe isithunzi. Ekuphalazeni muhla kalula ngoba uxegisa izikhwehlela , izindenda ziphume kalula , ufana noMaphipha .

-INgcotha

*Ngesikhathi seNkosi u-Shaka lo muthi wawusetshenziswa ngabafana nxa besokile , bepholisa amanxeba . Yiwona futhi okwakusulwa ngawo ongiyane ukuze bahlale becwebezela. Kanti uma utshalwe ekhaya uletha eningi inhlanhla le, uvimbe nabathakathi ukuba bengangeni ekhaya, uvimbe nomoya ababi.

-UMabophe

* Lo muthi ungena kakhulu endukwini yamacala , ezinkantolo,uthela izinhlamvu ezincana ezinombala obomvu nomnyama . Abanye baye baluphathe lolo hlamvana uma beya emacaleni. Izimpande zawo zelapha isisu esibuhlungu, ubuye uvimbe nomphezulu ukuba ungangeni endlini , uye ushunqiswe odengezini bese ubekwa emnyango uma lina ngolaka.

-IMpinda

*Miningi imisebenzi eyenziwa yilo muthi . Le ntelezi ibuye yaziwe ngokuthi IMfula , isebenza ekucheleni ixoshe izibango zezinyoka nezikhova uma zingena ekhaya , nokunqanda imimoya emibi. Kubuye kuphalazwe ngawo uqede ukudikiza komzimba , namaphupho amabi . Kubuye kugezwe ngawo kuqedwe ukuqubuka nokuluma komzimba , nezilonda emzimbeni

-UPhindemuva

*IMpande yalomuthi iyaye ingene ezithakweni zokuphalaza ixoshe imimoya emibi nezithunzi. Kubuye kuchelwe ngayo ekhaya ixoshe imimoya emibi

Ake ngime lapho nina beMbube ngingaze ngiqede lonke ulwazi lwami

#Khumu

Eminye imithi eyizintelezi yilena elandelayo

-Umababaza

-Umathuthibala

-Isigqiki somkhovu

-Untongazibomvana

-Icamamlilo/Icishamlilo

-Usilephe

-Uphondolukabhejane

-Unkungwini

-Umlahleni

-Idlula

-Unyokiziphinda

-Umbhadlangu

-Uzangume

-Insulansula

-Umvuthuza

-Umhlalimakhweba

-Umklele

-Miningi bakwethu kungashona ilanga

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo