UMaphipha oyintelezi(Albuca fastigiate)

.Nina abeNzima eyiwukwena koMkhumbane -khona kwena kungafakwa lunyawo! UGaga ngamanzi angawesi mlomo! Amanzi wodwa asale ababaze! UMlungu ongaphesheya komfula! Omunye ungaphgesheya kukaMpehlela noMaqhwakazi! UFipha luyiNdlovu enamanxeba ! #ISilo uDingane leso!!UVezi uMlamlela ngoba ulamulele abafazi namadoda! Enhla nasezansi niphile nina beMbube , sisaphila thina eSichabeni.

UMaphipha oyintelezi.

Nina beSilo le Nduku eniyibonayo uMaphipha oyintelezi. Njengoba ngake ngasho ngaphambilini, babili oMaphipha nina beSilo, kukhona uMaphipha ikhubalo kanye noMaphipha oyintelezi. Bobabili oMaphipha bayangena kwezokugeza izichitho ikakhulukazi eseziNduna,kanti lona oyintelezi wona ubuye ugeze nesezintwala zeNgulube kanye nezinye . Iyancinza le Nduku nina beSilo , ifana noNtonganazibomvana, uMababaza, uMayime kanye nezinye iziNduku. Kusebenza isigaxa sayo kakhulu . Isigaxa sayo siyangena kwezigeza izichitho, isichitho sezinduna , esizintwala , esiququ, kanye nezinye izinhlobo . Siyangena kwintelezi echela ikhaya ukuxosha imimoya emibi. Siyangena futhi entelezini echela iziNduku zokungcweka , zoMgangela . Iye iqhathwe kakhulu no Nkungwini kuleyo ndawana. UNkungwini wenza insizwa ivele ibone inkungu , noma ibone abantu ababili noma abathathu. Ubonisa izinto uNkungwini. Le Nduku uMaphipha oyintelezi iyatshalwa nasekhaya itshalelwe ukuvimba kanye nokuxosha imimoya emibi. Uma uzoba noMcimbi thatha amakhasi ale Nduku noma isigaxa  sale Nduku ukufake emanzini uchele umuzi ngaphambi kokuba kutheleke izinkumbi, phinda wenze into efanayo uma uMcimbi usuchithekile,usuphelile. Isigaxa sikaMaphipha oyintelezi siyaphekwa sibe yiSiphungo sokubolisa amadliso, sihle kakhulu kuleyo ndawana , sifana neMboziso. Le Nduku nina beSilo yinhle nasekuqedeni izifungo ezadalwa yiDlozi .

Khumu!


iVakashela uYou Tube osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe xaxa ngempande… Niphile nina bakaMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngeMikhemezelo.

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo