UMngwenya(Harpephyllum caffrum )

Nina abakaGaqa libomvu lawoBathonyile ,iSibuko sikaMaphitha benoNzibe , abebezibuka ngaso beya kwaNkosinkulu! IGwagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabhej”iShowe , kwaze kwaya kwabhej’uLwandle noThukela ! #iISilo uCetshwayo leso! Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeMbybe eshoba liyisilikthi. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMngwenya igama layo lesiZulu. NgesiBhunu ibizwa nge Wildepruim ,noma Suurbessie,noma  Gwenjabessie. NgesiNgisi ibizwa nge Wild plum. Ithela izithelo okuthiwa kwakwenziwa ngazo uJamu endulo . Zimuncwana uma uzidla. Mngwenya ka se Pedi bare ke Mothekele.

Wenzani uMngwenya?

Dadewethu uma wake waba uMqwayizi ngaphambilini , manje uyasola ukuthi kukhona elinye lama-Klayenti akho elakushiyela isinyama noma isichitho , ngexolo laleNduku silithake nemithi efana neSiqunga , uMhlambamanzi , uManaye kanye neminye imithi embalwa siyakugeza siphume isinyama noma isichitho. Noma mhlawumbe uthi wake wakhipha isisu noma izisu , manje yonke imbewu ehlalayo iyaphuphuma , ngalo ixolo lale Nduku silithake nePhuphuma , iPhophoma , uMganu kanye nezinye iziNduku iwubala inkinga yakho. Mhlawumbe ungumuntu wesilisa noma owesifazane owake walala nomuntu ocushiwe, manje unesichitho , imizwa yocansi ayisekho nje nhlobo , iyangena le Nduku uMngwenya eNdukwini engakwelapha. Kule Nduku uMngwenya kusebenza kakhulu ixolo. Liyageza , liyagquma , liyaphalaza . Umsebenzi walo owokususa izichitho namabhadi . Lihle kakhulu kuleyo ndawana. Kanti libuye libliswe libe yiMbiza yoMzimba omubi ogcwele izinduna , amathumba nokunye. Liyangena futhi naseNdukwini ephalazela ukwakha ukuthandeka , uBulumo. Liyangena kwezokwakha nesithunzi , liye liqhathwe noMathuzentaba kanye neminye imithi.


Khumu!!

Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye futhi ulwazi ngempande.. Niphile nina abeSinakanaka sezincwadi bezibhalwa uMalimade kwabamhlophe abeLungu!

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo