
UMntwana uSitheku
Umlando ngoMntwana uSitheku ka Mpande
Nina abakaMdayi sabela kweliphesheya , uZalukazi zosala eManxiweni amaXhegu ayosala emizileni! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Nina beSilo ake sibheke umlando kaMntwana uSitheku ka Mpande.
UMntwana uSitheku
UMntwana uSitheku kaNZIBE noMpande uzalwa yiSilo uMpande eNgodusweni kaMntwana uNzibe uMkhana wakwaQwabe. UMntwana uNzibe ka Senzangakhona wasala empini yakwaSoshangane eyabe iphakwe yiLembe, iSilo uShaka , ngowe 1828. Yiyona kanye leyo Mpi lapho kwanyomuka khona aBantwana oDingane , uMbopha noMhlangana baphindela emuva,basoyosoconga iLembe eSibayeni KwaDukuza. Nabo aBantwana babeyingxenye yaleyo Mpi.Kwathi lapho esekhotheme uMntwana uNzibe -uMntwana uMpande wathatha iziNgoduso zakhe ezimbili , zagana yena , konke lokho uMntwana uMpande wayekwenza ngenhloso yokuvusa iNdlu yoMfowabo kwazise kuthiwa babezwana kakhulu noMntwana uNzibe. Amagama alezo ziNgoduso kwakungoNoziphuku owazala uMntwana uHhamu wakwaNgenetsheni, enye kunguMkhana owazala uMntwana uSitheku lona esixoxa ngaye namuhla. UMntwana uNzibe noMntwana uNtikili babelamana neSilo uMpande kuNdlunkulu wenkosi uSenzangakhona uSongiya ka Ngotsha wakwaHlabisa. UMntwana uNtikili wendela enkosini uMayanda ka Veyana Mkhwanazi , kwazalwa inkosi uSomkhele eyazala inkosi uMtubatuba. UMntwana uSitheku wabuthelwa eButhweni laMamboza ngowe 1854 , okusho ukuthi naye wayezalwe ngowe 1834 , wabe eyintanga yeSilo uCetshwayo njengoba sazi ukuthi iButho laMamboza lalibandakanya naye uMntwana uCetshwayo. Kwahamba kwahamba uMntwana uSitheku wagcina eseyiNduna yeButho le Nkonkoni kwaMfemfe. UMntwana uHhamu kanye noMntwana uSitheku balwa ngasohlangothini loSuthu eNdodakusuka ngowe 1856.Kuthiwa uMntwana uMpande wakha umuzi wawuqamba igama wathi yisEntembeni, ewakhela uMkhana, kwenzeka konke lokhu kusabusa iSilo uShaka, kwathi ukuba kubuse iSilo uDingana uMkhana wabulawa yiSilo uDingana ngoba sithi wanqaba ukugana sona , wakhetha uMntwana uMpande.INdawo yasEntembeni kwakunomuzi weNdlovukazi uNandi wase eMkhindini nokuyilapho iNdlovukazi uNandi eyakhothamela kuwo, yaphinda yatshalwa khona.Kuthiwa babezwana kakhulu aBantwana laba uHhamu noSitheku futhi babezazi ukuthi bazalwa nguNzibe noMpande, kodwa bagcina bexabene, akuqondakali ukuthi babangani bobabili njengoba uMntwana uHhamu amema uMntwana uSitheku kwiNqina mbumbulu, kanti izinduna zikaMntwana uSitheku zasezizwile ngozungu olwalungase lumehlele uMntwana uSitheku zamexwayisa, lezozinduna kwakunguMhlotshana wakwaHlabisa kanye noMnyenyezi wakwaMasuku. Lokho kwenzeka ngesikhathi sokubusa kweSilo uMpande, iSilo sakwaNodwengu.Kuthiwa uMntwana uSitheku watshela iNdlunkulu ukuba mayibophe imithwalo sebeyohlangana kwaNodwengu, wahamba nazo izinduna zakhe waphikelela eNqineni leyo eMaphonjwana, kwathi nje kungazelele muntu wanyamalala uMntwana uSitheku, ahlukana kanjalo ke aMamboza khona ehlathini exabene, wahamba njalo waze wayofika kwaNodwengu, esigodlweni seSilo uMpande.Kwadingeka ukuba balanyulwe aBantwana. UMntwana uSitheku wase akha umuzi eMazule wavusa umuzi iNtemba endaweni eyayiphethwe yinduna uDubula kaMsushwana wakwaNgwane, uMntwana uSitheku wazala uNkantini, uNkantini wazala uGqokubukhosi yena ozale uMntwana inkosi uThandazani Simphiwe Zulu obusayo kulendlu yaseNtembeni.
Khumu!